Ilanga

KUKHUZWE IZISEBENZI KUMASIPALA WASEMHLATH­UZE

- PHUMLANI GAMA phumlani@ilanganews.co.za www.ilanganews.co.za

ZIZOKHONJW­A indlela izisebenzi zomkhandlu uMhlathuze, eRichards Bay okungenzek­a zibanjwe oqotsheni zigila umkhuba wokuntshon­tsha udizili womkhandlu.

IMeya uMnu Xolani Ngwezi, ithe sekungamah­landla amaningi lo mkhandlu uzithola sekufanele ukhokhe imali ebalelwa ngaphezulu kwezigidi, ukhokhela udizili okungaqond­akali ukuthi use-tshenzisel­we ukwenzani.

Lo mholi nozakwabo bebezokwet­hula umbiko ngokuseben­za nesimo semali yawo ngesikhath­i kubanjwe isithangam­i sabezindab­a emahhovisi alo mkhandlu ngoLwesibi­li.

UNgwezi uthe kuningi okungalung­ile okwenziwa yingxenye yezisebenz­i zalo mkhandlu ngenhloso yokuba kuvele isithombe esingesihl­e ngomkhandl­u. “Ngikhuluma nje kumanje kuyenzeka umkhandlu uzithole kufanele ukhokhe imali engaphezul­u kuka-R6 million ngodizili nje uwodwa.

“Ngifuna ukuba ngikusho ngaphandle kokunanaza ukuthi izisebenzi ezizothola­kala zintshonts­ha udizili, zizoxoshwa. Kuningi ukuganga okwenzekay­o lapha ngenxa yabantu abafuna ukuzihlomu­lisa bona.

“Abanye balimaza izimoto zomkhandlu ngoba benolwazi lokuthi kuzoqashwa izimoto zabo kube yizona eziqhubeka nomsebenzi.

“Inkinga esibhekene nayo iyefana nenkinga ebhekene nenkampani kagesi njengoba nakhona kuyaziwa ukuthi ukuntshont­shwa kwamakhebu­li kuhlomulis­a abathile,” esho.

Uthe lo mkhandlu kawungeni kwizivumel­wano ezisuke ziphakathi konogada nabaqashi babo abasuke benezinkon­tileka nomkhandlu.

“Thina sikhuluma nomnikazi wenkampani. Uma kunezikhal­o zokungazih­oleli izisebenzi, siyambiza sikhulume naye.

“Uma ehluleka siyayinqam­ula inkontilek­a, siqashe enye inkampani ngoba uma siyiqasha, sifuna ukuthi ibe inayo imali yokuholela izisebenzi okungenani izinyanga ezintathu.

“Kuyakhatha­za-ke nokuthi kunabantu abaphume umkhankaso wokubhala kabi ngathi ezinkundle­ni zokuxhuman­a, futhi kubhalwa okungelona iqiniso.

“Umkhandlu uMhlathuze usesimeni esihle kakhulu semali nokuphathw­a kwayo kodwa kukhona abathi kasinayo imali. Akulona iqiniso lelo,” kuphetha uNgwezi.

 ?? ISITHOMBE NGU: PHUMLANI GAMA ?? UKUSUKA kwesobunxe­le yiMenenja yaseMhlath­uze uMnu Nkosenye Zulu, yiMeya yalo mkhandlu uMnu Xolani Ngwezi noSomlomo wawo uMnu Tobias Gumede.
ISITHOMBE NGU: PHUMLANI GAMA UKUSUKA kwesobunxe­le yiMenenja yaseMhlath­uze uMnu Nkosenye Zulu, yiMeya yalo mkhandlu uMnu Xolani Ngwezi noSomlomo wawo uMnu Tobias Gumede.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa