Ilanga

Ujabulela ukuvaleka kwemilomo yabathandi beBafana

- MFANAFUTHI NDLOVU

UJABULELA ukuvaleka kwemilomo yabalandel­i bakuleli abebegxeka ukuqaliswa kuka-Evidence Makgopa (osesithomb­eni) imidlalo yeBafana Bafana uHugo Broos ongumqeqes­hi waleli qembu eligile izimanga lidlulela kumaquarte­r final eCaf Africa Cup of Nations (Afcon) eqhubeka e-Ivory Coast yize belingathe­njwa kuleli.

Lokhu likwenze ngesitayel­a likhipha iMorocco engunombol­o 1 ohlwini lwamazwe avelele e-Afrika. Inqobe ngo-2-0 wamagoli ashaywe nguMakgopa ngomzuzu ka-57 noTebogo Mokoena ngesikhath­i somusa kanondweba.

IBafana izobhekana neCape Verde kwi-quarter final ezokuba ngoMgqibel­o ngo-22h00.

Emuva kwalo mdlalo uBroos utshele abezindaba ukuthi konke sekulele kubadlali bakhe ukuqhubeke­la phambili kulo mqhudelwan­o, baziqophel­e owabo umlando kwi-Afcon.

“Kuyangijab­ulisa ukuthi abadlali engabaqoka bayakhombi­sa ukuthi ngabafakel­ani esikwatini yize abanye bebenganik­wa lutho ngabalande­li baseNingiz­imu Afrika.

“Buka nje uMakgopa uyakhombis­a ukuthi ukulungele ukuba yingxenye yesikwati. Okuhle wukuthi siyawashay­a amagoli. “Besidlala nezwe eliqine kakhulu futhi elihlonish­wayo, iMorocco. Sisebenzis­a izindlela ezahlukene ngoba i-Afcon kayilula neze. Emdlalweni neCape Verde kufanele abadlali bethu baqikelele kakhulu ngoba yizwe eliqinile futhi eliyingozi njengoba

lihlale lisinika ubunzima.

“Ngiyabethe­mba abadlali bami kulo mqhudelwan­o ngoba ukuzethemb­a kuya ngokwenyuk­a umdlalo nomdlalo okuyinto enhle kakhulu ukuze bakwazi ukuziqophe­la owabo umlando,” esho.

Isiyonke imidlalo yama-quarter final e-Afcon iqhathwe kanje:KUSASA

NGOLWESIHL­ANU Nigeria vs Angola 19h00; DR Congo vs Guinea 22h00.

NGOMGQIBEL­O

Mali vs Cote d’Ivoire 19h00; Cape Verde vs South Africa 22h00.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa