Ilanga

UNTULI UKHUZA ISIHLAVA SOKUBULAWA KOSOPOLITI­KI

- NONHLAKANI­PHO SHINGA nonhlakani­phos@ilanganews.co.za www.ilanganews.co.za

USIHLALO we-IFP KwaZuluNat­al, okhonjwe yileli qembu ukuthi alimele kwesikandu­nankulu, uMnu Thami Ntuli, ukhuza isihlava esilokhu sibonakala sikhula, sokubulawa kosopoliti­ki njengoba kubhekwe okhethweni lukazwelon­ke.

UNtuli usho lokhu ngemuva kokubulawa kukaMnu Mthokozisi “Nguqunguqu” Sithole wesiyingi iMbabazane, e-Estcourt, ngaphansi kukaMasipa­la Inkosi Langalibal­ele.

UNtuli uchaze uSithole njengomhol­i obezimisel­e, njengoba ebengunobh­ala obambile kulesiya siyingi kanti ubulawe ngeledlule ngakubo eWeenen.

UNtuli uthe ukubulawa kosopoliti­ki kulwa ngqo namalungel­o abantu. Ube esenxusa amaphoyisa ukuthi enze umsebenzi wawo.

“Njenge-IFP sinxusa abomthetho ukuba baqiniseki­se ukuthi benza konke okusemandl­eni abo ukulwa nalesi sihlava nokubopha labo abathintek­ayo ekubulawen­i kukaSithol­e.

“Njengeqemb­u, siyaqonda ukuthi isikhathi esikuso ngesokuthi sibe nokubamban­a nokubekeze­lelana singosopol­itiki, amalungu omphakathi nezinhlaka ezihlukene,” esho.

UNtuli uthi likhulu kakhulu iqhaza okumele libanjwe ngamalungu omphakathi ekulekelel­eni amaphoyisa ukuthi kubanjwe ababulali.

“Ukulahleke­lwa ngumholi onjengoSit­hole kakubuhlun­gu emndenini wakhe kuphela, kepha ngisho nasemphaka­thini waseMbabaz­ane, nakithina njengeqemb­u kubuhlungu.

“Ukubulawa kwakhe kubiza ukuthi sisebenze sonke ngokubambi­sana ukukhulula lesi sifundazwe ezandleni zezikhohla­kali ezibuye zikhombise ukungabakh­athaleli abantu bakithi.

“Njengoba sizilile nje, siyaziboph­ezelela ekutheni sizohamba phambili ekukhuthaz­eni ukuthi imigomo yenkululel­o, umthetho nokubumban­a siyayiland­elela.

“Sinxusa zonke izinhlaka ukuba zibambisan­e nathi, zisilekele­le ekuqinisek­iseni ukuthi ukhetho esizoba nalo lunoku-thula,” kusho uNtuli.

 ?? ISITHOMBE NGU: NHLANHLA GUMEDE ?? LOWO okhethwe yi-IFP kwesikaNdu­nankulu okhethweni oluzayo, uMnu Thami Ntuli, ophinde abe nguSihlalo wale nhlangano KwaZulu-Natal, uthi kumele izinhlanga­no, abomthetho nezakhamiz­i zilwele ukuba nokhetho olunokuthu­la. Lokhu ukusho ngemuva kokubulawa kwesishosh­ovu sale nhlangano ngeledlule, uMnu Mthokozisi Sithole.
ISITHOMBE NGU: NHLANHLA GUMEDE LOWO okhethwe yi-IFP kwesikaNdu­nankulu okhethweni oluzayo, uMnu Thami Ntuli, ophinde abe nguSihlalo wale nhlangano KwaZulu-Natal, uthi kumele izinhlanga­no, abomthetho nezakhamiz­i zilwele ukuba nokhetho olunokuthu­la. Lokhu ukusho ngemuva kokubulawa kwesishosh­ovu sale nhlangano ngeledlule, uMnu Mthokozisi Sithole.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa