Injabulo akhelwa indlu ngebhakede likaMsweli
Kubongwe iziboshwa zasebaQulusini nabafake isandla kuqoqwa umnikelo
UNGENE ngehubo, ebonga ithongo lakhe endlini anikelelwe yona yi-Ayanda Msweli Foundation, uNkk Gertrude Mahlaba waseMondlo, eVryheid, ngoMgqibelo.
UNkk Mahlaba wavakashelwa nguMnu Ayanda Msweli ngonyaka odlule, eyobona indlu abehlala kuyo eyayingekho esimeni esihle, ibonakala ukuthi seyinesikhathi yawelwa wuphahla.
UNkk Mahlaba wathi usegqigqe cishe wonke amahhovisi kahulumeni, wabikela namakhansela kodwa engalutholi usizo.
Wayehlala yedwa endlini eyigumbi elilodwa eyawelwa wuphahla lukatshani, kunemipheme emicane ayeyenze phakathi kuyo ukuze akwazi ukufihla ikhanda.
Wathi uhlala kuyo nezinja zakhe ezine, okuyizo ezazimvikela njengoba indlu yakhe yayingavaleki.
Kulo mcimbi wokunikezelwa kwendlu yakhe, kubongwe bonke ababambe iqhaza ekwakhiweni kwayo.
Imeya yoMasipala AbaQulusi, uMnu Khehla Mkhwanazi, iveze ukuthi ngesikhathi izwa ngalolu daba, yaphatheka kabi, yafisa ukwelekelela.
“Ngangisemotweni ngibuya kwenye indawo ngesikhathi ngizwa emsakazweni ukuthi kukhona ugogo ophila kabuhlungu kangaka, ngaphansi komasipala engiwuphethe.
“Ngabe senginquma ukuthi ngizofaka isandla ngingumnumzane nje wakwaMkhwanazi, kungahlangene noMasipala.
“Sisebenze kahle kakhulu nabo bonke ababambe iqhaza, kangangokuba baze bancokola bengikhumbuza engathembisa ukukufaka,” kusho uMkhwanazi.
Kuvele ukuthi uMkhwanazi wanikela ngo-R20 000 ngesikhathi kuzoqala ukwakhiwa, waphinde wanikela ngezihlalo ezingosofa netafula ngemuva kokuphothulwa kokwakhiwa kwale ndlu.
Umphathi wamajele angaphansi koMasipala wasebaQulusini, uMnu Antony Gina, uthe uyajabula ngoba sewuphelile lo msebenzi
wokwakhiwa kwendlu, ebiyakhiwa yiziboshwa.
“SiwuMnyango wezokuHlunyeleliswa kweziMilo siyathokoza ngokubambisana okuhle esinakho noMsweli.
“Lena yindlu yesibili esiyakhe ngokubambisana naye. Siyacela kumphakathi ukuba ubemukele abafowethu laba abakhe le ndlu uma beqeda izigwebo zabo, akumele babanjelwe amaphutha edlule,” kusho uGina.
Ubonge kuNkz Thoko Madonsela, athe nguyena obehlala noNkk Mahlaba ngesikhathi kwakhiwa indlu yakhe.
Uthi akwandile ukuthi umuntu athathe umuntu ongahlobene naye, amemukele, ahlale naye emzini wakhe.
UNkz Madonsela uphe iziboshwa isipho ngokwakhela lesi saguga indlu.
“Uma ubuka ukude, akulula ukuhlala nomuntu ongamazi, kodwa engingakusho nje ukuthi kulula futhi kuyajabulisa ukwazi ukuthi nawe ufake isandla.
“Ngiyasibonga isikhathi esibe naso nogogo engumzali wami, ebuye angithethise uma sinokungaboni ngasolinye.
“Ngibonga nabafowethu abakhe lobu buhle obungaka. Ngibaphathele isipho esincane nje esikhombisa ukuthi noma bengaphuma ngizobemukela emphakathini, ngiwadlulise amaphutha abo.
“Ukube ukhona owangakithi (oyisiboshwa), ubeyofika sebememukele ngoba bengizotshela umphakathi ukuthi wenze umsebenzi omuhle kangaka,” esho.
UMsweli ubonge bonke abafake isandla ebhakedeni lakhe, naveze ukuthi ukuqoqwa kwemali yokwakha le ndlu kwenzeke ngokushesha.
Uncome ukubambisana kwenhlangano yakhe noMnyango wezokuHlunyeleliswa kweziMilo.
“Umnyango saqala ukusebenzisana nawo sakhela omunye ugogo wakwaNongoma.
“Nakulokhu wangithinta wathi ungathanda ukwelekelela, ngabantu abazosebenza.
“Ngezinsuku ezimbalwa, wase uhlangene u-R120000 kulo leli bhakede, sakwazi ukuthenga izinto zokuqala ukwakha, yaphuma indlu kagogo.
“Sisazoqhubeka senze neminye imisebenzi, selekelele abaswele.
“Kuyangijabulisa ukuthi ugogo usephumile kulesiya simo ayekuso ezinyangeni ezinhlanu ezedlule,” kusho uMsweli.
Ugcizelele ukuthi ukwakhiwa kwale ndlu ngamadla ezakhamizi zaseNingizimu Afrika, hhayi akahulumeni. Uzinxuse ukuba ziqhubeke nokuphonsa esivivaneni ukuze aqhubeke nokusiza abaswele.
“Baningi asebesizakele ngaleli bhakede, okuhlanganisa nezingane ezifunda isikole, nabafuna ukufihlelwa izihlobo zazo.
“Sisazoqhubeka-ke nokusabela lapho esidingwa khona, ngawo amandla enu,” esho.