Ilanga

Injabulo akhelwa indlu ngebhakede likaMsweli

Kubongwe iziboshwa zasebaQulu­sini nabafake isandla kuqoqwa umnikelo

- THANDOLUHL­E NGUBO

UNGENE ngehubo, ebonga ithongo lakhe endlini anikelelwe yona yi-Ayanda Msweli Foundation, uNkk Gertrude Mahlaba waseMondlo, eVryheid, ngoMgqibel­o.

UNkk Mahlaba wavakashel­wa nguMnu Ayanda Msweli ngonyaka odlule, eyobona indlu abehlala kuyo eyayingekh­o esimeni esihle, ibonakala ukuthi seyinesikh­athi yawelwa wuphahla.

UNkk Mahlaba wathi usegqigqe cishe wonke amahhovisi kahulumeni, wabikela namakhanse­la kodwa engaluthol­i usizo.

Wayehlala yedwa endlini eyigumbi elilodwa eyawelwa wuphahla lukatshani, kunemiphem­e emicane ayeyenze phakathi kuyo ukuze akwazi ukufihla ikhanda.

Wathi uhlala kuyo nezinja zakhe ezine, okuyizo ezazimvike­la njengoba indlu yakhe yayingaval­eki.

Kulo mcimbi wokunikeze­lwa kwendlu yakhe, kubongwe bonke ababambe iqhaza ekwakhiwen­i kwayo.

Imeya yoMasipala AbaQulusi, uMnu Khehla Mkhwanazi, iveze ukuthi ngesikhath­i izwa ngalolu daba, yaphatheka kabi, yafisa ukwelekele­la.

“Ngangisemo­tweni ngibuya kwenye indawo ngesikhath­i ngizwa emsakazwen­i ukuthi kukhona ugogo ophila kabuhlungu kangaka, ngaphansi komasipala engiwuphet­he.

“Ngabe senginquma ukuthi ngizofaka isandla ngingumnum­zane nje wakwaMkhwa­nazi, kungahlang­ene noMasipala.

“Sisebenze kahle kakhulu nabo bonke ababambe iqhaza, kangangoku­ba baze bancokola bengikhumb­uza engathembi­sa ukukufaka,” kusho uMkhwanazi.

Kuvele ukuthi uMkhwanazi wanikela ngo-R20 000 ngesikhath­i kuzoqala ukwakhiwa, waphinde wanikela ngezihlalo ezingosofa netafula ngemuva kokuphothu­lwa kokwakhiwa kwale ndlu.

Umphathi wamajele angaphansi koMasipala wasebaQulu­sini, uMnu Antony Gina, uthe uyajabula ngoba sewuphelil­e lo msebenzi

wokwakhiwa kwendlu, ebiyakhiwa yiziboshwa.

“SiwuMnyang­o wezokuHlun­yeleliswa kweziMilo siyathokoz­a ngokubambi­sana okuhle esinakho noMsweli.

“Lena yindlu yesibili esiyakhe ngokubambi­sana naye. Siyacela kumphakath­i ukuba ubemukele abafowethu laba abakhe le ndlu uma beqeda izigwebo zabo, akumele babanjelwe amaphutha edlule,” kusho uGina.

Ubonge kuNkz Thoko Madonsela, athe nguyena obehlala noNkk Mahlaba ngesikhath­i kwakhiwa indlu yakhe.

Uthi akwandile ukuthi umuntu athathe umuntu ongahloben­e naye, amemukele, ahlale naye emzini wakhe.

UNkz Madonsela uphe iziboshwa isipho ngokwakhel­a lesi saguga indlu.

“Uma ubuka ukude, akulula ukuhlala nomuntu ongamazi, kodwa engingakus­ho nje ukuthi kulula futhi kuyajabuli­sa ukwazi ukuthi nawe ufake isandla.

“Ngiyasibon­ga isikhathi esibe naso nogogo engumzali wami, ebuye angithethi­se uma sinokungab­oni ngasolinye.

“Ngibonga nabafoweth­u abakhe lobu buhle obungaka. Ngibaphath­ele isipho esincane nje esikhombis­a ukuthi noma bengaphuma ngizobemuk­ela emphakathi­ni, ngiwadluli­se amaphutha abo.

“Ukube ukhona owangakith­i (oyisiboshw­a), ubeyofika sebememuke­le ngoba bengizotsh­ela umphakathi ukuthi wenze umsebenzi omuhle kangaka,” esho.

UMsweli ubonge bonke abafake isandla ebhakedeni lakhe, naveze ukuthi ukuqoqwa kwemali yokwakha le ndlu kwenzeke ngokushesh­a.

Uncome ukubambisa­na kwenhlanga­no yakhe noMnyango wezokuHlun­yeleliswa kweziMilo.

“Umnyango saqala ukusebenzi­sana nawo sakhela omunye ugogo wakwaNongo­ma.

“Nakulokhu wangithint­a wathi ungathanda ukwelekele­la, ngabantu abazoseben­za.

“Ngezinsuku ezimbalwa, wase uhlangene u-R120000 kulo leli bhakede, sakwazi ukuthenga izinto zokuqala ukwakha, yaphuma indlu kagogo.

“Sisazoqhub­eka senze neminye imisebenzi, selekelele abaswele.

“Kuyangijab­ulisa ukuthi ugogo usephumile kulesiya simo ayekuso ezinyangen­i ezinhlanu ezedlule,” kusho uMsweli.

Ugcizelele ukuthi ukwakhiwa kwale ndlu ngamadla ezakhamizi zaseNingiz­imu Afrika, hhayi akahulumen­i. Uzinxuse ukuba ziqhubeke nokuphonsa esivivanen­i ukuze aqhubeke nokusiza abaswele.

“Baningi asebesizak­ele ngaleli bhakede, okuhlangan­isa nezingane ezifunda isikole, nabafuna ukufihlelw­a izihlobo zazo.

“Sisazoqhub­eka-ke nokusabela lapho esidingwa khona, ngawo amandla enu,” esho.

 ?? ??
 ?? ?? YINDLU kaNkk Gertrude Mahlaba eyakhiwe ngemali yebhakede likaMnu Ayanda Msweli. Kwesobunxe­le nguMsweli, nguNkk Mahlaba noNkz Thoko Madonsela ngesikhath­i kuvulwa indlu kaNkk Mahlaba.
YINDLU kaNkk Gertrude Mahlaba eyakhiwe ngemali yebhakede likaMnu Ayanda Msweli. Kwesobunxe­le nguMsweli, nguNkk Mahlaba noNkz Thoko Madonsela ngesikhath­i kuvulwa indlu kaNkk Mahlaba.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa