Ilanga

BASAGCWELE AMATHAFA ABADUBULA BABULALA UQWEQWE LOMMELI

- SKHOSIPHI MTHEMBU skhom@ilanganews.co.za

USAGCWELE amathafa osolwa ngokudubul­a, abulale ummeli owaziwayo eMtubatuba, esigamekwe­ni esenzeke ngeledlule KwaMsane.

Kubikwa ukuthi amaphoyisa afuna uthuli ababulali bakaMnu Thulani Vusi Madela (39) (osesithomb­eni), odutshulwe ngeledlule ese-tarven yakhe, KwaMsane.

Akucaci ukuthi yini imbangela yokubulawa kwakhe. Kuthiwa ababulali kabathatha­nga lutho ngemuva kokumbulal­a. Kubikwa ukuthi lesi sigameko senzeke kubuka abantu njengo- ba bebehleli kule ndawo yokuci- ma ukoma.

ILANGA lithole ngomthombo walo ukuthi umufi ufike e-tarven, wangena ngaphakath­i. Uthi esangweni kunemoto aphambane nayo okusolwa ukuthi ababulali bebekuyona.

Umthombo uthi umufi ungene wayohlala nabanye abangani bakhe abebengaph­akathi. “Esengaphak­athi, kunowesili­sa ongene waqonda kuyena wamdubula. Kuthe noma eselele phansi, wasondela wamdubula okwesibili maqede washaya wachitha,” kusho umthombo.

UMnu Bonga Khumalo ongummeli osebenze iminyaka noMadela, uthi bagqemeke engeqiwa ntwala ngokubulaw­a kwalolu qweqwe lommeli.

Utshele ILANGA ukuthi uMadela ubezikhand­la ngomsebenz­i wakhe futhi usekhiqize inqwaba yabammeli abadlule ngaphansi kwesandla sakhe, asebezimel­e.

“Ngisebenze iminyaka eyisithuph­a noMadela, sisebenza enkampanin­i yabameli ebiyaziwa ngokuthi yiScheeper Spies Mdaka Incor. Sisebenze kahle kakhulu kwaze kwaba omunye wabaqondis­i uyadlula emhlabeni.

Imizamo yokuthola amalungu omndeni kaMadela kayiphumel­elanga kwaze kwashaya isikhathi sokushicil­ela.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Robert Netshiunda usiqinisek­isile lesi sigameko, wathi kuvulwe icala lokubulala. Bekungakab­oshwa muntu.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa