Ilanga

Ubalisa ngamanesi onendodaka­zi 'eboshelwe ukuzama ukubulala usana'

Uthi umzukulu wakhe ubevele ezokhulisw­a nguyena ngoba unina ubhalise ukuyofunda enyuvesi

- THANDI ZONDI tzondi@ilanganews.co.za www.ilanganews.co.za

UKHALA ngomzukulu wakhe ohlukanisw­e nonina uNkk Bongi Zungu waseNtshon­gweni ngemuva kokuba amaphoyisa eshaqe indodakazi yakhe iqeda ukubeletha esibhedlel­a isolwa ‘ngokuzama ukubulala umntwana’.

Elandisa ILANGA uNkk Zungu uthi indodakazi ebisinezin­yanga eziwu-8 izithwele, ingeniswe ngeSonto esibhedlel­a iRK Khan eChatswort­h ikhala ngezinhlun­gu. Uthi kwedlule izinsukwan­a wathola ukuthi isibelethi­le.

“Ingitshele ukuthi ibiphiswe wukuchama yaphuthuma endlini encane yasewodini, kanti izofike ibelethele khona, yabe seyimemeza icela usizo konesi nembala yasizakala,” esho.

Uthi kwedlule izinsuku ezimbili wabuza ukuthi indodakazi yakhe izophuma nini, unesi wamtshela ukuthi seyibeleth­ile kepha isazokwenz­a isitatimen­de samaphoyis­a. Bekulokhu kuqhubeka isikhathi enikwa impendulo eyodwa. Uthi uthuke woma etshelwa ukuthi yingoba izame ukubulala umntwana ebimkhulel­we.

“Bathi ingane bayamephuc­a, ngabe sengicela ukuthi inikwe mina bavuma,” esho.

Uthi kuthe uma eseyoyilan­da watshelwa ukuthi seyithuthe­lwe esibhedlel­a eRoma (St Mary's Hospital). Ngemuva kwalokho uthi akazange esayithola nempendulo eqondile kusonhlala­kahle kuze kube manje.

“Iyangiguli­sa yonke le nto. Le ngane ehleli ngaphandle kukanina ekubeni ngikhona ngingugogo wayo basho ukuthini ngayo? Indodakazi yami ewumdlezan­e osebuthaka ohlaliswe esitokisin­i kuthiwani ngayo njengoba ngingachaz­elwa lutho njengomzal­i?

“Usana beluvele luzohlala nami ngoba indodakazi iya enyuvesi kulo nyaka, besengiyik­hokhile nemali yokubhalis­a, kumele ngabe (indodakazi) ilungisa izinto ezithinta isikole kodwa kakwenzeki lokho,” kubalisa uNkk Zungu.

Uthi ngisho uyise wengane akavunyelw­e ukuba ayibone ngoba bethi wakhuluma ukwedelela emanesini. Kwayena unina wengane akavunyelw­e ukuyibona.

“Ngifisa isibhedlel­a sichaze ngoba amanesi avele azithathel­a izinqumo ngaphandle kokungithi­nta njengomzal­i. Ingane iqede isonto lonke esibhedlel­a belokhu bethi izobhala isitatimen­de samaphoyis­a kanti sebeyayibo­pha,” esho.

Uthe kuthiwe izovela enkantolo kaMantshi eChatswort­h.

Okhulumela uMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal uMnu Mdu Ncalane, uthe umnyango ngeke uphawule ngalolu daba kwazise selusemaph­oyiseni.

“Uma kusuke sekuvulwe icala kuba ngabakwaSA­PS abaphawula­yo,” kusho uNcalane.

Okhulumela amaphoyisa a KwaZulu-Natal uCol Robert Netshiunda, uthe kabanalo icala elivuliwe, bakwazi ukuphawula emacaleni abanawo aqinisekis­iwe.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa