Kume ukufunda kubulawa unogada emagcekeni esikole
Kuthiwa inswelaboya ingene ngemoto yadubula uMhlongo kunomhlangano wabazali
KUPHAZAMISEKE ukufunda nomhlangano wabazali ngoLwesihlanu, esikoleni iMafunda Secondary, eMbongolwane, eShowe, kudutshulwa kubulawa unogada walesi sikole esemagcekeni aso.
Ngokuthola kweLANGA kubikwa ukuthi uMnu Bongani Mhlongo (55), obephinde abe yilungu lenhlangano iSikebhe elwa nobugebengu kule ndawo, udutshulwe ngabasolwa abangaziwa ngesikhathi kuqhubeka umhlangano wabazali, obubanjelwe ngaphakathi emagcekeni alesi sikole.
Kubikwa ukuthi ngesikhathi kuqhubeka umhlangano wabazali uMhlongo ubengaphandle nabanye abafundi kulesi sikole, kwabe sekuqhamuka imoto yohlobo lweToyota Etios emhlophe ebeyingenazo izinombolo, yangena emagcekeni esikole, kwadilika inswelaboya yadubula iphindelela ibhekise kuMhlongo, washonela endaweni yesigameko.
Ikhansela lendawo uMnu Mbongiseni Ntuli, lizwakalise ukudumala ngalesi senzo, lithi beliphuma komunye umhlangano womphakathi ngesikhathi lihlangana nabafundi baseMafunda begcwele umgwaqo singakashayi isikhathi sokuphuma kwesikole.
Libike ukuthi nakuba lingenaso isiqiniseko ngomsuka wokuhlaselwa kukaMhlongo, kodwa ungowesibili (uMhlongo) ukuhlaselwa emalungwini eSikebhe kule ndawo.
“Ngithe uma ngizibuza izingane zangilandisa ngesigameko esesenzeke esikoleni, zithi kungene imoto wahlaselwa ekhuluma nabanye abafundi egcekeni lesikole.
“Ngeke ngiqinisekise ukuthi ukuhlaselwa kukaMhlongo kuhlobene noma cha nomsebenzi wokuvikela umphakathi abewenza ngaphansi kweSikebhe, kodwa ngonyaka owedlule kwadutshulwa kwabulawa owayengusihlalo wale nhlangano. Imininingwane ephelele yalolu daba angikabi nayo,” kusho uNtuli.
Leli phephandaba likhulume nomfowabo kaMhlongo, uMnu Bukisisa Mhlongo, oveze ukuthi isigameko sokubulawa komfowabo simethusile. Uthi nakuba zibe khona izigameko ezehlele umfowabo ngonyaka owedlule kodwa zagcina ziphelele emoyeni.
“Ngethuke kakhulu ngesikhathi ngithola ucingo lungazisa ngesigameko esehlele umfowethu. Kungimangazile ukuzwa ukuthi usesishiye ngale ndlela ngoba ngokwazi kwami ubengumuntu obephilisana kahle nabanye abantu.
“Bengingakaze ngizwe ukuthi kukhona abamusabisayo, kodwa engikukhumbulayo ukuthi ngonyaka ophelile kwagasela amaphoyisa emzini wakhe umfowethu, athi ahletshelwe ngothile esagcina singamazanga ukuthi kunezibhamu ezigcinwe emzini wakhe agcina engazitholanga. Ngemuva kwaleso sigameko akukho okunye engake ngakuzwa okufana nalokho” esho.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal uMnu Muzi Mahlambi uthi imibiko etholwe umnyango iveza ukuthi uMhlongo akahlaselwanga, kodwa uthole amachaphazelo ezama ukulamula.
“Esikutholile ukuthi ngesikhathi kuqhubeka umhlangano wabazali, kuxabane abanye bakhiphelana isibhamu, unogada ube esedubuleka ngesikhathi ezama ukulawula isimo. Sithi dudu emndenini kamufi,” kusho uMahlambi.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uCol Robert Netshiunda usiqinisekisile isigameko.
“Amaphoyisa aseMbongolwane aphenya icala lokubulala ngemuva kokudutshulwa kubulawe unogada wesikole ngoLwesihlanu. Imibiko iveza ukuthi kuqhamuke imoto emhlophe enamafasitela amnyama, kwehla umsolwa waqonda kumufi, wadubula ephindelela ebhekise kuye, washonela khona lapho. Umsolwa ube esebaleka, amaphoyisa ayamthungatha,” kusho uNetshiunda.