Kunyamalale obengufakazi ecaleni lokubulawa kwendodana
KUDUMA amakhanda emndenini wakwaNkambule eHlanzeni, eMkhuze kulandela ukunyamalala kwelungu lawo ebelingufakazi oqandula ikhanda ecaleni lokubulawa kwelungu lawo.
Umndeni kaMnu Bhekifa Alton Nkambule (osesithombeni). Uthi ugcine ukubonakala ngoLwesibili ntambama, usumbheke wancama.
Ngokuthola kweLANGA, uNkambule unyamalala nje, kunecala elibucayi angufakazi kulona lokubulawa kukaSphamandla Nkambule oyindodana kamfowabo.
Umufi wabulawa ngoNhlangulana (July) 2022. Kubikwa ukuthi umufi wahlaselwa ehleli noNkambule. bamkhomba ngesibhamu, bamphindisela endlini abehleli kuyona nenkosikazi yakhe. Babashayile qede bababopha izandla, bathatha inkosikazi baphuma nayo ngaphandle, bayifuna imali.
“Umsolwa oyedwa usale nomufi emgadile, ababili bahamba nenkosikazi baya kwenye indlu obekubekwe kuyona imali, bayithatha,” Kuthiwa uNkambule unyamalale emuva kokukhuluma ngalo icala emndenini wakhe, ewukhumbuza ukuthi sekusondele ukuba ayokwethula ubufakazi njengoba lizongena kuyona le nyanga.
UNkz Qhamukile Nkambule oyilungu lomndeni, uthi bagcine ukumbona ngoLwesibili ecela ukuba alungiselwe izimpahla azozigqoka ngosuku azoya ngalo enkantolo eseyothula ubufakazi. “Wafika ekhaya ebuya ezitolo nomngani wakhe. Ufike wasitshela ukuthi kulezi zinsuku ezizayo uzoya ecaleni, wacela ukuba simlungisele izimpahla azozigqoka uma eseya enkantolo. “Uhlalile waze wahamba ntambama eseya endlini yakhe. kusho umthombo
Uqhuba uthi sebebuyela endlini obekusele kuyona umufi nomsolwa oyedwa, bafice esemdubulile, bashaya bachitha nemali.
lithole ukuthi amaphoyisa
NgoLwesihlanu kwafika omunye womakhelwane esitshela ukuthi kade eyombheka endlini yakhe, wangaphendula. Sibe sesiyakombheka, sathuswa ukuthi umnyango wakwakhe ubuvulekile kodwa engekho phakathi.
“Okunye okusixakile wukuthi ibhulukwe ayeligqokile ngosuku esigcine ukumbona ngalo beliphansi eceleni kombhede. Lokhu kusisolisile ngoba ubaba ubengakaze ahambe umnyango wendlu yakhe engawuvalile, futhi uma ezoba nohambo ubenza isiqiniseko sokuthi uyasazisa,” kusho uNkz Nkambule.
Eqhuba uthi umphakathi ube usuphuma inqina umbheka, kodwa wabuya ulambatha, babikela amaphoyisa.
Okhulumela amaphoyisa
KwaZulu-Natal uConst Thenjiswa Ngcobo uthe kuvulwe idokodo lophenyo ngokunyamala komuntu, wathi kucelwa noma ngabe ngubani ongaba nolwazi ukuba axhumane noDetective Sergeant TN Ndlovu enombolweni ethi 0713708781 noma kwethi 0355910001 noma ashayele inombolo yamahhala ethi 0860010111.