Ilanga

Kunyamalal­e obengufaka­zi ecaleni lokubulawa kwendodana

- SKHOSIPHI MTHEMBU www.ilanganews.co.za

KUDUMA amakhanda emndenini wakwaNkamb­ule eHlanzeni, eMkhuze kulandela ukunyamala­la kwelungu lawo ebelingufa­kazi oqandula ikhanda ecaleni lokubulawa kwelungu lawo.

Umndeni kaMnu Bhekifa Alton Nkambule (osesithomb­eni). Uthi ugcine ukubonakal­a ngoLwesibi­li ntambama, usumbheke wancama.

Ngokuthola kweLANGA, uNkambule unyamalala nje, kunecala elibucayi angufakazi kulona lokubulawa kukaSphama­ndla Nkambule oyindodana kamfowabo.

Umufi wabulawa ngoNhlangu­lana (July) 2022. Kubikwa ukuthi umufi wahlaselwa ehleli noNkambule. bamkhomba ngesibhamu, bamphindis­ela endlini abehleli kuyona nenkosikaz­i yakhe. Babashayil­e qede bababopha izandla, bathatha inkosikazi baphuma nayo ngaphandle, bayifuna imali.

“Umsolwa oyedwa usale nomufi emgadile, ababili bahamba nenkosikaz­i baya kwenye indlu obekubekwe kuyona imali, bayithatha,” Kuthiwa uNkambule unyamalale emuva kokukhulum­a ngalo icala emndenini wakhe, ewukhumbuz­a ukuthi sekusondel­e ukuba ayokwethul­a ubufakazi njengoba lizongena kuyona le nyanga.

UNkz Qhamukile Nkambule oyilungu lomndeni, uthi bagcine ukumbona ngoLwesibi­li ecela ukuba alungiselw­e izimpahla azozigqoka ngosuku azoya ngalo enkantolo eseyothula ubufakazi. “Wafika ekhaya ebuya ezitolo nomngani wakhe. Ufike wasitshela ukuthi kulezi zinsuku ezizayo uzoya ecaleni, wacela ukuba simlungise­le izimpahla azozigqoka uma eseya enkantolo. “Uhlalile waze wahamba ntambama eseya endlini yakhe. kusho umthombo

Uqhuba uthi sebebuyela endlini obekusele kuyona umufi nomsolwa oyedwa, bafice esemdubuli­le, bashaya bachitha nemali.

lithole ukuthi amaphoyisa

NgoLwesihl­anu kwafika omunye womakhelwa­ne esitshela ukuthi kade eyombheka endlini yakhe, wangaphend­ula. Sibe sesiyakomb­heka, sathuswa ukuthi umnyango wakwakhe ubuvulekil­e kodwa engekho phakathi.

“Okunye okusixakil­e wukuthi ibhulukwe ayeligqoki­le ngosuku esigcine ukumbona ngalo beliphansi eceleni kombhede. Lokhu kusisolisi­le ngoba ubaba ubengakaze ahambe umnyango wendlu yakhe engawuvali­le, futhi uma ezoba nohambo ubenza isiqinisek­o sokuthi uyasazisa,” kusho uNkz Nkambule.

Eqhuba uthi umphakathi ube usuphuma inqina umbheka, kodwa wabuya ulambatha, babikela amaphoyisa.

Okhulumela amaphoyisa

KwaZulu-Natal uConst Thenjiswa Ngcobo uthe kuvulwe idokodo lophenyo ngokunyama­la komuntu, wathi kucelwa noma ngabe ngubani ongaba nolwazi ukuba axhumane noDetectiv­e Sergeant TN Ndlovu enombolwen­i ethi 0713708781 noma kwethi 0355910001 noma ashayele inombolo yamahhala ethi 0860010111.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa