Ilanga

Iyajiya imigomo yoxhaso lweNSFAS

Kuzofanele izitshuden­i ezihlomula­yo ziphase ngo-60%

- MTHOBISI SITHOLE TENDER NOTICE SUPPLIES AND SERVICES CONTRACT NO. 80 OF 2024 – SECTION 1

SELUZOJULU­KELWA uxhaso lwesikhwam­a semali kahulumeni sezitshude­ni ezihlwempu ezikhungwe­ni zemfundo ephakeme. Lokhu kuvezwe nguNgqongq­oshe wezeMfundo ePhakeme, uMnu Blade Nzimande, ngeledlule ngesikhath­i ethula izinguquko emigomeni yeNational Student Financial Aid Scheme (NSFAS).

Uveze ukuthi kulo nyaka kufanele izitshuden­i zazi ukuthi zisebenzel­a u-60% wamaphuzu okuphasa ezifundwen­i zazo ukuze zikulungel­e ukuthola iNsfas ngonyaka ozayo.

AbakwaNsfa­s babeke umthetho wokuthi isitshuden­i esixhasway­o ngesinhlwe­mpu, kodwa esizobe siphase kahle.

Lesi sinqumo siphasiswe emuva kwempi endala phakathi kwaso lesi sikhwama nomkhandlu wezitshude­ni emanyuvesi obungafuni ukuba kushintshw­e u-50% obugunyazi­we yonke le minyaka.

Ungqongqos­he uthi lolu hlelo luzosiza ukuze kuhlomule izitshuden­i ezizimisel­e ngokushint­sha izimpilo zazo ngokuthuth­ukisa imindeni yazo.

“Izwe lingakhiqi­za izifundisw­a ezisezinge­ni eliphezulu uma siqinisa imigomo yokuthi isitshuden­i siphase kahle enyuvesi uma sifuna siselekele­le enyakeni olandelayo.

“Ngakho-ke izitshuden­i kulo nyaka mazisebenz­ele u-60% kuyaphezul­u, uma zifuna nangonyaka ozayo kuvuselelw­e izivumelwa­no zethu nazo zokuxhaswa,” kusho uNzimande.

Uveze ukuthi ezikhungwe­ni zokuqeqesh­elwa amakhono, okungamaTe­chnical Vocational Education and Training (Tvet), kufanele izitshuden­i ziphase izifundo ezinhlanu kuyaphezul­u.

Uthi ngale migomo, kulwelwa ukuthi imali yalesi sikhwama isebenze ngendlela efanele, kungahlomu­li okungabafa­nele.

Uthi isikhwama sinenkinga yokweswela imali ngenxa yokuthi kunemithet­ho exegayo.

Utshele ILANGA ukuthi kuningi okwenziwa yilesi sikhwama ukubhekana nale nkinga, okubalwa kukho ukuqoqwa kwemali ehlonyulwe amanyuvesi kungafanel­e.

“Uphiko iSpecial Investigat­ing Unit, lukwazile ukubamba abantwana abaningi abathole uxhaso kungafanel­e nyakenye, besebenzis­a imininingw­ane yabazali engesilona iqiniso uma befaka izicelo.

“Selukwazil­e ukuqoqa u-R700 million ezikhungwe­ni zemfundo ephakeme.”

Uthi enyuvesi yaseMpumal­anga sekubuye u-R33 million, eWalter Sisulu University u-R19 million,

University of Johannesbu­rg u-R311 million nasemakoli­shi ahlukahluk­ene.

Uthi izitshuden­i ngeke zibekwe amacala, kodwa zikweleta lesi sikhwama u-R49 million.

UMengameli weSouth African Union of Students (SAUS) u-Asive Dlanjwa uthi bashaqekil­e uma sekumenyez­elwa lesi sinqumo kungabuyel­wanga kubona njengokwes­ivumelwano.

“Izethulo zakamuva bezivalwa mhla ka-7 ngenyanga edlule, ngakho-ke sibeke izizathu zokuthi sibona u-50% kungafanel­e ukuba ushintshwe okwamanje ngoba izitshuden­i kazikuthol­i ukwesekwa ngendlela efanele emanyuvesi, okwenza ukuba ziphazamis­eke ekuphaseni ngezinga elihle.

“Akusikhona ukuthi sihambisan­a nokuthi abantu bafunde bengaqedi noma bephase kabi, kodwa sikhala ngezimo izwe elibhekene nazo okwamanje, kasikakulu­ngeli ukubekelwa u-60%,” kusho uDlanjwa.

 ?? ?? NGUNGQONGQ­OSHE wezeMfundo ePhakeme uDkt Blade Nzimande.
NGUNGQONGQ­OSHE wezeMfundo ePhakeme uDkt Blade Nzimande.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa