Technical College
Batonyulwe eningini emncintiswaneni weLANGA neBerea
BALULEKWE ngokubambisisa ithuba eliyingqayizivele abahlonyuliswe ngemifundaze emncintiswaneni wephephandaba ILANGA nesikhungo semfundo ephakeme, iBerea Technical College, eThekwini.
Lokhu kwenzeke ngoLwesibili kulesi sikhungo, kuhlomula abafundi abawu-10 ngemifundaze ezokhokhela zonke izindleko zabo zokufunda iminyaka emithathu bengakhokhi ngisho indibilishi.
Umqondisi wakulesi sikhungo uMnu Sibongiseni Magwaza utshele abafundi ukuthi baningi asebephumelele empilweni ngenxa yosizo lwephephandaba ILANGA
neBerea, ngale mifundaze. Uthe abafundi kufanele bakhohlwe yizinto eziseceleni ezizophazamisa ukufunda kwabo, bakhumbule ubunzima abadlule kubona ngalo mncintiswano ngesikhathi bezama inhlanhla. Uthi bangaphezulu kuka-10 000 kusukela eminyakeni edlule abebengenele lo mncintiswano, bethenga iphephandaba bazama inhlanhla.
“Kufanele nidlale indima yenu bafundi, ningawadoji amakilasi ukuze niphumelele ezifundweni zenu. Isiqubulo salesi sikole sithi siwu-100% oqinisekisa ukuthi uyaqashwa ngeziqu zakulesi sikole uma usuqede ukufunda.
“Ngakho-ke abaqashi ngaphandle bafuna umuntu osebenza kanzima. Okusho ukuthi yisiqalo sempilo yenu lesi, kuzofanele nisebenze kanzima, nikhumbule ukuthi nitonyulwe enqwabeni yabantu abafake izicelo, befuna nabo ukusizwa. Inhlanhla oyitholile, ungadlali ngayo,” kusho uMagwaza ekhuluma nabafundi.
Uveze ukuthi bathathu kuphela abafundi abangaziqedanga iziqu zabo ebekade bethole lolu xhaso eminyakeni edlule, selokhu kwaqalwa lolu hlelo lwemifundaze.
Ululeke abafundi ngokuthi kufanele basebenze kanzima, baphase bonke kule minyaka emithathu yokuphothula iziqu zabo ababekelwe yona.
UMnu Andrew Taylor oyisikhulu emnyangweni wezokukhangisa kuleli phephandaba, uncome ukubambisana okuhle phakathi kwalesi sikhungo semfundo nephephandaba. Uhalalisele abafundi, wanxusa ukuthi bengadembeseli ezifundweni zabo.
“Bonke abahlomulile siyabahalalisela kakhulu. Sekunesikhathi eside siwuqalile lo mkhankaso, cishe sekuphele iminyaka ewu-6 sihlomulisa abafundi ngemifundaze,” kusho uTaylor.
UMhleli omkhulu wephaphandaba ILANGA uMnu Philani Mgwaba, ukhumbuze abafundi ukuthi njengoba bezoqala ukufunda, kufanele bakhumbule ukuthi imindeni yabo emuva ibalindile.
“Lesi sikole siyahlonishwa kakhulu, akusisona isipaza. Siyabonga kakhulu nokuthi nifunda iphephandaba ngoba ukuba beningalifundi, beningeke niwubone lo mncintiswano wemifundaze ebesiwenza. Niqhubeke nitshele nabanye balithenge iphephandaba. Ngiyanihalalisela ngethuba eliyingqayizivele, nifunde nizimisele niphumelele nondle imindeni yenu,” kusho uMgwaba.
Omunye wabafundi abahlomulile uSamkelo Mbatha, oyokwenza iziqu zeMarketing, ucele ozakwabo ukuthi babambisane, bafunde ngokuzimisela ngoba yithuba elingandile abalitholile.
Abanye abathole lolu xhaso nguNongcebo Cofu waseMlazi, eThekwini ozokwenza iPolicing, uNtombezinhle Soni wasePinetown, eThekwini ozokwenza iJournalism (ubuntatheli), uSamkelo Ntombela waseMnambithi ozokwenza i-Analytical Chemistry, uNomwawethu Shelembe waseVerulam ozokwenza iLegal Secretary, u-Amanda Ndlovu waseCato Ridge ozokwenza iHospitality, uSimphiwe Bhengu waseNanda ozokwenza iPC Suppoort and Networking, noXolile Mgenge waseVerulam ozokwenza iPublic Management.
Lezi ziqu bazikhethele bona abafundi.