URamaphosa akangayishalazeli eyezinselelo ezibhekene nabamnyama
MHLELI: Minyaka yonke ngasekuqaleni kukaNhlolanja (February) uMengameli waseNingizimu Afrika, uMnu Cyril Ramaphosa wethula inkulumo esemqoka yokuvula iPhalamende ngokusemthethweni.
Le nkulumo eyaziwa ngokuthi yiState of the Nation Address ngesilungu, ihlahla indlela, futhi ibuyekeze okudlulileyo, lisebenza iphalamende, lidingida ezezwe nezomhlaba ezithinta abantu baseNingizimu Afrika.
Enkulumweni kamengameli ubeke ngesingaye etusa okuthile akwenzile nozakwabo ngokwesikhundla sakhe sokuphatha uhulumeni wentando yeningi, njengomholi wenhlangano eyengamele izwe, i-ANC.
Nokho ngingelokothe ngenze iphutha lokuthi ngithi umsebenzi wokwethula inkulumo yeSona yinto elula, kumbe yinto engagculisa wonke umuntu. Uzokhumbula eminyakeni eyedlule owayengumengameli uMnu Thabo Mbeki, walibeka ngembaba elokuthi, leli lizwe lifana namazwe amabili ezweni elilodwa.
Wayechaza ukuthi masingakhohlwa ukuthi leli lizwe linabantu abaningi abamnyama abampofu, abangondingasithebeni nengcosana yabamhlophe abadla izambane likapondo, omacaphuna kusale. Uma sesibuyela enkulumweni yeSona, wonke umuntu ubelindele umengameli akhulume, ngokumthintayo, kumbe okuzomhlafunisa kangcono ngezindlela ezahlukene.
Osomabhizinisi bavame ukufuna umengameli ethule amasu anzulu okudlondlobalisa umnotho, okuqeda ukucinywa kukagesi ngamabomu ((load shedding), ukuletha osozimboni ezweni, nokulwa nenkohlakalo yokwebiwa nokuphathwa budedengu kwemali kahulumeni.
Noma kungathiwa iningi labantu, ikakhulu abamnyama abahluphekayo, abasebenzisi ulimi olufana nelosozimboni, angingabazi ukuthi nabo banezifiso nezidingo ezicishe zifane nezosomabhizinisi, yize umehluko kuwukuthi iningi lethu ndlu emnyama, asinazinsiza namali ezingasenza sidlondlobale kwezomnotho, zisibeke emathubeni anozinzo okuzithuthukisa nokuthuthukisa imiphakathi yethu ngokubonakalayo.
Ogombela kwesabo, bavamise ukungadli ndawonye nomengameli ngokwepolitiki. Benengebhe yokuthi hleze inkulumo kamengameli iphenduke isizinda sokukhankasela iqembu lakhe, kwazise lo nyaka wunyaka wokhetho. Nokho lolu valo belukhona nakubaholi bamanye amaqembu aphikisana noKhongolose, nawo abesaba ukuthi iSona izoba yinxeba lokungena ukuze umengameli ahehe amavoti, kwazise nabo onkabi bawagaqele ngabomvu lamavoti.
Umengameli uphakamise igama likababa uNelson Mandela, okunguye owamemezela ukuthi abakhulelwe nezingane ezingaphansi kweminyaka eyisithupha banelungelo lokuthola usizo emitholampilo nezibhedlela zikahulumeni mahhala.
Ngenxa yobunzima bokwethula inkulumo enohlonze nethandwa yiwo wonke umuntu, kumele sithi siyicwaninga nathi iSona yalo nyaka singakulibali kakade ukuthi inkulumo yalolu hlobo asoze yagculisa wonke umuntu waseMzansi Afrika.
Yize uMbhishobhi oMkhulu waseKapa owahlabana ngendondo egqugquzela ukuthula noxolo emhlabeni, iNobel Peace Prize, uDesmond Tutu wasibusisa wathi siyizwe eliwuthingo lwenkosazana, akulula nokho ukuba sibe munye mikhakha yonke.
Yingakho amazwi kaMbeki engalibaleki, imithwalo esiyetshethe nesisindayo, kayifani.
Umbuzo okufanele siwubheke usekutheni iSona ngabe ithini kithina bantu abamnyama kuleli lizwe? Ake sithi nangu umfanyana odlala ebaleni uyangibuza uthi, baba uMkhize, ngabe ubethini umengameli ngoLwesine ebusuku ePhalamende?
Lo mbuzo ubaluleke ngezindlela eziningi. Okunye okwenza ubaluleke wukuba semqoka kokuzibuza kaninginingi ukuthi kahle kahle iSona isuke ikhuluma nobani, ngani futhi ukuze benzeni labo bantu.
Elami lithi, yize le nkulumo yethulwa njengeqondiswe kithi sonke bavoti baseNingizimu Afrika, le nkulumo isuke ixhante ngezindlela eziningi ngokumangalisayo.
Lapha kusuke kukhulunywa nosozimboni bakuleli nabamazwe ngamazwe. Kukhulunywe nohulumeni bamazwe ngamazwe, kukhulunywe nosopolitiki bakuleli abaseqenjini elibusayo kanjalo nalabo abakwamanye amaqembu, ikakhulu labo abaphikisayo ePhalamende.
Njengoba kunokhetho lwezwe jikelele kulo nyaka, le Sona beyigigiyela ekushayeni labo abangcofa umengameli neqembu, nalabo abathi wehlulekile.
Umengameli usethulele inkosazana ayibize ngoTinswalo, eyake yaba nguThandi phambilini, ngenhloso yokucacisa ngokusobala ukuthi ingane emnyama eyazalwa ngo-1994, ngokusizwa wuhulumeni, nokuzimisela kwayo empilweni, seyihambe ibanga elide yadla umhlanganiso emikhakheni eminingi.
UTinswalo umele imbewu ewele emhlabathini ovundiswe yintando yeningi kusukela kuphethe uMadiba. Ngokusho kukamengameli kwi Sona, uTinswalo uhambe kahle empilweni, waba nekusasa eliqhakazile, nezinkinga ezejwayelekile empilweni yanoma ngubani.
Ongoti bomnotho nenhlalakahle yoluntu, bavame ukuthi kusuke kuhambe kahle uma ungalali ungadlile, unemali oyithola njalo ngenyanga eyanele yokuziphilisa, futhi ungaswele indawo yokulala.
Yize ngikuvuma ukubaluleka kokubonga esikuthola kuhulumeni, ikakhulu izinsiza-ngqangi zempilo, sesifikile manje isikhathi sokuphakamisa nezinye izinhlobo zokuhlupheka nokuba nempilo emazombezombe ezithinta imisamo yethu nokuningi okungokomoya namasiko ethu esesawalahla kumbe sawalibala.
Ake singathekise ngamabomu, sithi lo mfanyana ongibuza umbuza ngeSona akalali ebusuku ngokuhlushwa ngamaphupho amabi. Inkulumo enohlonze kamengameli imsiza kanjani ukuze abe nesibindi, azibone eyinqoba le ngwadla abhekene nayo?
Awuboni ngani uma umengameli engakabi nesibindi nentshisekelo yokuthinta izihloko ezibucayi ezithinta impilo yethu ngokwesintu, kusazoqhubeka ukuba thina ma-Afrika sithwale kanzima ngoba sinokuningi okusihlukumezayo, okungeke kwalashwa kalula ngoba kwenziwa ize leze nento okungakhulumeki ngayo ezigcawini ezisemqoka zezwe ezifana neSona.
Akuwona umsebenzi wabelaphi bendabuko kuphela ukuvuselela unembeza nolwazi ngesintu nangomsamo nezinqubo zawo kubantu bakithi. Angiqonde ukumbeka isici umengameli wezwe, ngithi nje, ake avule amehlo, nalabo abaseduze kwakhe ake bavule amehlo, bangazishayi indiva izinkinga nezinselelo abantu abamnyama ababhekene nazo, ngenxa yokuntenga kwemisamo nokufiphala kolwazi lwendabuko okumele lubaphilise futhi lusimamise izimpilo.
Ukuphakamisa ubumqoka bokuvuselela amakhaya, izimilo, amasiko namagugu abamnyama kungaba yisisekelo esikhulu ekuvuseleni leli lizwe kabusha. Uzothini umengameli uma uTinswalo wodumo edlala abakhunkuli ngelinye ilanga, kumbe edlala izinyangambumbulu? Uyokwazi ukuphinde akhulume ngaye njengengane yakhe?
Uyethulile inkulumo yakhe njengabo bonke omengameli asebake bayethula phambilini, kodwa akukho namunye owake wabeka phambili inhlanzeko, inhlambuluko amasiko, isintu, okusilahlekele kwaphela kuleli lizwe.
Bheka kuyiwa okhethweni, kodwa omncane usakwazi ukusho izinkulumo ezephula umthetho wesihlanu kaNkulunkulu wokuhlonipha uyihlo nonyoko.
Ziyohlale zethulwa izinkulumo, kodwa ziyohlale ziqonde ukujabulisa bona futhi kungezokuthi bazeneke abaphethe ukuze bathandwe yizwe nomhlaba kodwa kungaguquki lutho komnyama.