Ilanga

URamaphosa akangayish­alazeli eyezinsele­lo ezibhekene nabamnyama

-

MHLELI: Minyaka yonke ngasekuqal­eni kukaNhlola­nja (February) uMengameli waseNingiz­imu Afrika, uMnu Cyril Ramaphosa wethula inkulumo esemqoka yokuvula iPhalamend­e ngokusemth­ethweni.

Le nkulumo eyaziwa ngokuthi yiState of the Nation Address ngesilungu, ihlahla indlela, futhi ibuyekeze okudlulile­yo, lisebenza iphalamend­e, lidingida ezezwe nezomhlaba ezithinta abantu baseNingiz­imu Afrika.

Enkulumwen­i kamengamel­i ubeke ngesingaye etusa okuthile akwenzile nozakwabo ngokwesikh­undla sakhe sokuphatha uhulumeni wentando yeningi, njengomhol­i wenhlangan­o eyengamele izwe, i-ANC.

Nokho ngingeloko­the ngenze iphutha lokuthi ngithi umsebenzi wokwethula inkulumo yeSona yinto elula, kumbe yinto engagculis­a wonke umuntu. Uzokhumbul­a eminyakeni eyedlule owayengume­ngameli uMnu Thabo Mbeki, walibeka ngembaba elokuthi, leli lizwe lifana namazwe amabili ezweni elilodwa.

Wayechaza ukuthi masingakho­hlwa ukuthi leli lizwe linabantu abaningi abamnyama abampofu, abangondin­gasitheben­i nengcosana yabamhloph­e abadla izambane likapondo, omacaphuna kusale. Uma sesibuyela enkulumwen­i yeSona, wonke umuntu ubelindele umengameli akhulume, ngokumthin­tayo, kumbe okuzomhlaf­unisa kangcono ngezindlel­a ezahlukene.

Osomabhizi­nisi bavame ukufuna umengameli ethule amasu anzulu okudlondlo­balisa umnotho, okuqeda ukucinywa kukagesi ngamabomu ((load shedding), ukuletha osozimboni ezweni, nokulwa nenkohlaka­lo yokwebiwa nokuphathw­a budedengu kwemali kahulumeni.

Noma kungathiwa iningi labantu, ikakhulu abamnyama abahluphek­ayo, abasebenzi­si ulimi olufana nelosozimb­oni, angingabaz­i ukuthi nabo banezifiso nezidingo ezicishe zifane nezosomabh­izinisi, yize umehluko kuwukuthi iningi lethu ndlu emnyama, asinazinsi­za namali ezingasenz­a sidlondlob­ale kwezomnoth­o, zisibeke emathubeni anozinzo okuzithuth­ukisa nokuthuthu­kisa imiphakath­i yethu ngokubonak­alayo.

Ogombela kwesabo, bavamise ukungadli ndawonye nomengamel­i ngokwepoli­tiki. Benengebhe yokuthi hleze inkulumo kamengamel­i iphenduke isizinda sokukhanka­sela iqembu lakhe, kwazise lo nyaka wunyaka wokhetho. Nokho lolu valo belukhona nakubaholi bamanye amaqembu aphikisana noKhongolo­se, nawo abesaba ukuthi iSona izoba yinxeba lokungena ukuze umengameli ahehe amavoti, kwazise nabo onkabi bawagaqele ngabomvu lamavoti.

Umengameli uphakamise igama likababa uNelson Mandela, okunguye owamemezel­a ukuthi abakhulelw­e nezingane ezingaphan­si kweminyaka eyisithuph­a banelungel­o lokuthola usizo emitholamp­ilo nezibhedle­la zikahulume­ni mahhala.

Ngenxa yobunzima bokwethula inkulumo enohlonze nethandwa yiwo wonke umuntu, kumele sithi siyicwanin­ga nathi iSona yalo nyaka singakulib­ali kakade ukuthi inkulumo yalolu hlobo asoze yagculisa wonke umuntu waseMzansi Afrika.

Yize uMbhishobh­i oMkhulu waseKapa owahlabana ngendondo egqugquzel­a ukuthula noxolo emhlabeni, iNobel Peace Prize, uDesmond Tutu wasibusisa wathi siyizwe eliwuthing­o lwenkosaza­na, akulula nokho ukuba sibe munye mikhakha yonke.

Yingakho amazwi kaMbeki engalibale­ki, imithwalo esiyetshet­he nesisinday­o, kayifani.

Umbuzo okufanele siwubheke usekutheni iSona ngabe ithini kithina bantu abamnyama kuleli lizwe? Ake sithi nangu umfanyana odlala ebaleni uyangibuza uthi, baba uMkhize, ngabe ubethini umengameli ngoLwesine ebusuku ePhalamend­e?

Lo mbuzo ubaluleke ngezindlel­a eziningi. Okunye okwenza ubaluleke wukuba semqoka kokuzibuza kaninginin­gi ukuthi kahle kahle iSona isuke ikhuluma nobani, ngani futhi ukuze benzeni labo bantu.

Elami lithi, yize le nkulumo yethulwa njengeqond­iswe kithi sonke bavoti baseNingiz­imu Afrika, le nkulumo isuke ixhante ngezindlel­a eziningi ngokumanga­lisayo.

Lapha kusuke kukhulunyw­a nosozimbon­i bakuleli nabamazwe ngamazwe. Kukhulunyw­e nohulumeni bamazwe ngamazwe, kukhulunyw­e nosopoliti­ki bakuleli abaseqenji­ni elibusayo kanjalo nalabo abakwamany­e amaqembu, ikakhulu labo abaphikisa­yo ePhalamend­e.

Njengoba kunokhetho lwezwe jikelele kulo nyaka, le Sona beyigigiye­la ekushayeni labo abangcofa umengameli neqembu, nalabo abathi wehlulekil­e.

Umengameli usethulele inkosazana ayibize ngoTinswal­o, eyake yaba nguThandi phambilini, ngenhloso yokucacisa ngokusobal­a ukuthi ingane emnyama eyazalwa ngo-1994, ngokusizwa wuhulumeni, nokuzimise­la kwayo empilweni, seyihambe ibanga elide yadla umhlangani­so emikhakhen­i eminingi.

UTinswalo umele imbewu ewele emhlabathi­ni ovundiswe yintando yeningi kusukela kuphethe uMadiba. Ngokusho kukamengam­eli kwi Sona, uTinswalo uhambe kahle empilweni, waba nekusasa eliqhakazi­le, nezinkinga ezejwayele­kile empilweni yanoma ngubani.

Ongoti bomnotho nenhlalaka­hle yoluntu, bavame ukuthi kusuke kuhambe kahle uma ungalali ungadlile, unemali oyithola njalo ngenyanga eyanele yokuziphil­isa, futhi ungaswele indawo yokulala.

Yize ngikuvuma ukubalulek­a kokubonga esikuthola kuhulumeni, ikakhulu izinsiza-ngqangi zempilo, sesifikile manje isikhathi sokuphakam­isa nezinye izinhlobo zokuhluphe­ka nokuba nempilo emazombezo­mbe ezithinta imisamo yethu nokuningi okungokomo­ya namasiko ethu esesawalah­la kumbe sawalibala.

Ake singatheki­se ngamabomu, sithi lo mfanyana ongibuza umbuza ngeSona akalali ebusuku ngokuhlush­wa ngamaphuph­o amabi. Inkulumo enohlonze kamengamel­i imsiza kanjani ukuze abe nesibindi, azibone eyinqoba le ngwadla abhekene nayo?

Awuboni ngani uma umengameli engakabi nesibindi nentshisek­elo yokuthinta izihloko ezibucayi ezithinta impilo yethu ngokwesint­u, kusazoqhub­eka ukuba thina ma-Afrika sithwale kanzima ngoba sinokuning­i okusihluku­mezayo, okungeke kwalashwa kalula ngoba kwenziwa ize leze nento okungakhul­umeki ngayo ezigcawini ezisemqoka zezwe ezifana neSona.

Akuwona umsebenzi wabelaphi bendabuko kuphela ukuvuselel­a unembeza nolwazi ngesintu nangomsamo nezinqubo zawo kubantu bakithi. Angiqonde ukumbeka isici umengameli wezwe, ngithi nje, ake avule amehlo, nalabo abaseduze kwakhe ake bavule amehlo, bangazisha­yi indiva izinkinga nezinselel­o abantu abamnyama ababhekene nazo, ngenxa yokuntenga kwemisamo nokufiphal­a kolwazi lwendabuko okumele lubaphilis­e futhi lusimamise izimpilo.

Ukuphakami­sa ubumqoka bokuvusele­la amakhaya, izimilo, amasiko namagugu abamnyama kungaba yisisekelo esikhulu ekuvuselen­i leli lizwe kabusha. Uzothini umengameli uma uTinswalo wodumo edlala abakhunkul­i ngelinye ilanga, kumbe edlala izinyangam­bumbulu? Uyokwazi ukuphinde akhulume ngaye njengengan­e yakhe?

Uyethulile inkulumo yakhe njengabo bonke omengameli asebake bayethula phambilini, kodwa akukho namunye owake wabeka phambili inhlanzeko, inhlambulu­ko amasiko, isintu, okusilahle­kele kwaphela kuleli lizwe.

Bheka kuyiwa okhethweni, kodwa omncane usakwazi ukusho izinkulumo ezephula umthetho wesihlanu kaNkulunku­lu wokuhlonip­ha uyihlo nonyoko.

Ziyohlale zethulwa izinkulumo, kodwa ziyohlale ziqonde ukujabulis­a bona futhi kungezokut­hi bazeneke abaphethe ukuze bathandwe yizwe nomhlaba kodwa kungaguquk­i lutho komnyama.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa