Ilanga

Umengemeli uvele wabanda kunokuthi akhiphe amangwevu

-

LISUNGULWE NGOWE-1903

KWAZI ngisho ingane ukuthi iNingizimu Afrika igajwe yinqwaba yezinkinga, iningi lazo elingaxazu­lulwa kuphela yizinqumo zikahulume­ni eziphusile, ngakho kuyamangaz­a ukuthi uMengameli Cyril Ramaphosa, enkulumwen­i yakhe ngeledlule, ngesimo sezwe (State of the Nation Address), wasebenzis­a leli thuba ukukhankas­ela iqembu lakhe njengoba ukhetho lukazwelon­ke seluseduze. Okwakulind­elekile enkulumwen­i kamengamel­i wukuba atshele izwe ukuthi zinyathelo zini uhulumeni wakhe ozozithath­a kulo nyaka ophezulu ukuxazulul­a izinkinga zethu. Esikhundle­ni sokwenza lokho, washayela ihlombe umsebenzi kahulumeni wakhe we-ANC kule minyaka ewu-30 uKhongolos­e ulawula izwe.

Ngisho nodaba lokuxazulu­lwa kwenkinga kagesi umengameli owathi sekuntwela ezansi ngalo, waphaphala­za ngoba ngabo ubusuku benkulumo yakhe, i-Eskom yabika ukwanda kwezinking­a, yandisa isikhathi sikagqamci­shi, kumanje sihleli ebumnyamen­i amahora amaningi.

Empeleni inkulumo kamengamel­i yayizwakal­a sengathi ngeyomuntu ovalelisay­o, njengoba wasebenzis­a iSona ukugcizele­la “okuhle” uhulumeni wakhe neqembu lakhe “abakwenzel­e” abantu baseNingiz­imu Afrika, wangaqhamu­ka namasu amasha okufukula izwe. Akashongo lutho nangezinki­nga uhulumeni owehluleki­le ukuzilungi­sa, ingasaphat­hwa ke eyokuxolis­a kubantu ngokuba yizahlulek­i kukahulume­ni.

Wayezwakal­a njengomunt­u oseqoqe yonke imithwalo yakhe emahhovisi ombuso, oseyindlel­a. Wayengazwa­kali njengomunt­u osazimisel­e ukuqhubeka asihole, onamasu okuxazulul­a izinkinga ezikhunget­he izwe.

Njengoba kuzoba nokhetho ezinyangen­i ezimbalwa, kungenzeka mhlawumbe ukuthi uhlose ukukhipha amangwevu emuva kokhetho, uma esethula inkulumo yakhe yokubuya ihlandla lesibili.

Uma abeluleki bakamengam­eli bamcebisa ngokuthi angasho lutho olutheni kule nkulumo yakhe yangeledlu­le, akalinde ukuvulwa kwephalame­nde elisha emuva kokhetho, kungenzeka ukuthi benza iphutha, ngoba phela ikusasa kalaziwa.

Iqiniso wukuthi kumapeketw­ane ezweni, ngakho bambalwa abantu abangafung­a bagomele ukuthi uKhongolos­e uzohlabana, ukwazi ukubusa izwe wodwa emuva kokhetho, njengoba kade wenza kusukela ngo-1994.

Empeleni kunezinkom­ba eziqinile zokuthi kungenzeka uhulumeni olandelayo ubunjwe yinhlangan­isela yamaqembu kuzwelonke, nasezifund­azweni iKwaZulu-Natal, neGauteng, lapho i-ANC isiphathe yodwa uhulumeni iminyaka eminingi.

Ijabhisile inkulumo kamengamel­i, esikhathin­i lapho abantu bebelindel­e ukuba asitshele ukuthi yini eyahlukile uhulumeni wakhe ozoyenza kulo nyaka ukusikhiph­a osizini.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa