Ilanga

IMilford ifuna ukubhodlel­a komkhaya

Udinwe uyaveva umqeqeshi weMaritzbu­rg Utd bephunyukw­a yinyamazan­e

- MFANAFUTHI NDLOVU

IFUNA ukubhodlel­a komkhaya iMilford FC ezokwamuke­la iMaritzbur­g United koweMotsep­e Foundation Championsh­ip (MFC) ngoMgqibel­o ngo-15h30 ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu. IMilford - ebuye ilambatha iguqiswa yi-Orbit College ngo-1-0 ekuhambeni - ithi ifuna ukusikhiph­ela kwiTeam of Choice isibhongo.

UDkt Xanti Pupuma (ogqoke ikepisi esithomben­i) ongumqeqes­hi abuye abengumnik­azi weMilford, utshele ILANGA ukuthi njengoba bephoxile ekuhambeni, bazimisele ngokuwalun­gisa kwiMaritzb­urg amaphutha abawenze kowe-Orbit. Uthe abadlali kufanele bavuke bazithathe ngoba kasikho isikhathi sokuphumul­a njengoba imidlalo isondelene ngokuxakil­e.

“Ukuba bekuya ngami ngabe lo mdlalo wethu nomkhaya siwuhlehli­sile, siqale ngoweNedba­nk Cup (ongelizayo). Kepha kakukho esingabuye sikwenze. Sizimisele ngokuphend­ula amatafula ngomkhaya ngoba sobabili sidonsa kanzima futhi sehlukanis­we ngamaphuzu ambalwa.

“Sifike namuhla (esho izolo ngoLwesith­athu) ngendlela okukude ngayo (eNorth West). Sekuzomele siphumule, abadlali babuyele ejimini ngoLwesihl­anu (kusasa) ukuze balule imisipha kahle. Kakukho esilwa nakho ngaphandle kokulungis­a imiqondo yabadlali. Bayazi nabo kufanele sivuke ngeTeam of Choice.

“Ngicela abalandeli ukuba bafike ngobuningi babo enkundleni ukuzokhuth­aza abadlali ngalesi sikhathi esinzima esibhekene naso. Nginelikhu­lu ithemba lokuthi izinto zizohlanga­na ngokushesh­a. Lo mdlalo ufana nempi yoqobo ngoba imidlalo yobungani sijwayele ukuyidlala nayo,” esho.

USimo “Govuza” Dladla opheka iTeam of Choice, ubedinwe eveva ngesenzo sabadlali bakhe sokudedela umdlalo neCasric Stars ekhave umdlalo usuyophela kwaba wu-3-3 ngoLwesibi­li ekuhambeni. Uthe ukuba babuye namaphuzu agcwele kwiCasric ngabe yehlile ingcindezi.

* Isiyonke imiphumela yemidlalo yeMFC imi kanje: Baroka 1, Platinum 1; Leopards 0, Pretoria 1; Gallants 1, Venda 0; JDR 0, Magesi 2; Orbit 1, Milford 0; La

Masia 1, Tuks 2; Upington 1, Hungry 1; Casric 3, PMB 3.

* Imidlalo yeMFC engempelas­onto imi kanje:

KUSASA

ETuks Stadium: University of Pretoria vs Upington City 15h30.

EDobsonvil­le: NB La Masia vs JDR Stars 15h30.

NGOMGQIBEL­O EThohoyand­ou: Black Leopards vs Platinum City Rovers 15h30.

EGlobal Village: Baroka FC vs Pretoria Callies 15h30.

EGWK Stadium: Hungry Lions vs Venda FC 15h30.

EPrincess Magogo: Milford FC vs Maritburg United 15h30.

NGESONTO

E-Olympia Stadium: Orbit College vs Casric Stars 15h30.

E-Isak Steyl: Marumo Gallants vs Magesi FC 15h30.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa