Ilanga

UMCULI KAMASKANDI UXWAYISWE NGODUMO

- MTHOBISI SITHOLE

UXWAYISWE phambi kwesizwe ngokuthi angalusebe­nzisi kabi udumo lwakhe umculi kamaskandi uScebi “INkosi Yamagcokam­a” Dlamini waseDungam­anzi, eMsinga.

Utshelwe lokhu ngeSonto ngesikhath­i enzelwe umcimbi wokumhalal­isela ngokuhlomu­la indondo yeBest Traditiona­l Masikandi and Digital Artist kumaSouth African Traditiona­l Music Achievemen­ts Awards (Satma) anyakenye kuZibandle­la (December).

Lo mcimbi uwenzelwe yiNdlunkul­u yesizwe samaChunu, eMsinga, iNkosi uNgangendl­ovu Mchunu njengoba edabuka ngaphansi kwaso. Inkosi ithe udumo lwakhe alusebenzi­se ngendlela efanele kungafiki isikhathi sokufa kubikwe ukuthi ubengasena­yo imali. Inkosi ikhuze nokuthi aqaphele isifazane nabangani ababi.

“Simkhuthaz­a phambi kwesizwe njengoba abantu besamthand­a. Kufanele ayisebenzi­se kahle imali ayizuza ngomculo ngoba ngelinye ilanga abantu bayohlehla emculweni wakhe sekufike abanye abayobe bethandwa.

“Lo mcimbi ngowokubon­ga uNkulunkul­u ngesipho esikhulu asiphe sona ngalo mfana wakwaDlami­ni. Yingakho sibone kukuhle ukumbonga ngale ndlela izwe elimazi ngayo,” kusho iNkosi.

Ithi ngesikhath­i ewine le ndondo lomculi ngoZibandl­ela, ucele ukufika ebukhosini ayethulele yona inkosi. Ithi ngenxa yokuthi nayo kuyijabuli­sile ukunqoba kwakhe, ibone kukuhle ukuba ibize zonke izinduna zayo zibe yingxenye yomcimbi.

IMeya yaseMsinga uMnu Felinkosi Sikhakhane, ithi bawesekile lo mcimbi ngenxa yokuthi umkhandlu wenkosi ufake isicelo. Ithe bafuna nabaculi abasebanca­ne bakule ndawo bakhuthaze­ke ngamakhono abo.

“Asiqali-ke namhlanje ukukhuthaz­a amaciko ngoba nakwiNdida­ne sake sayenzela umcimbi siwumasipa­la. Sifuna uMsinga ushintshe ngenxa yentsha esinayo njengamanj­e, kuphele umlando wezibhamu,” kusho imeya.

INkosi Yamagcokam­a ithi ukuhalalis­elwa ebukhosini kusho lukhulu kuyona. Ithi emlandweni walesi sizwe, kuyaqala ukwenzelwa komculi umcimbi onjena.

“Ngesikhath­i ngiwina indondo, ngifikelwe wumcabango wokuthi ngiyihambi­se enkosini ngoba bengiqala ukuwina nakuba ukuqokwa bekungaqal­i. Inkosi yathi makwenziwe umcimbi ukuze nabanye abaculi abasafufus­a abangaphan­si kwesizwe sayo, bezothola ithuba lokuzimake­tha, kwakheke nesithombe sokuthi ikhono liyaphumel­elisa,” esho.

 ?? ISITHOMBE NGU: KING ZOSO ?? INKOSI uNgangendl­ovu Mchunu yaseMachun­wini eMsinga neMeya yakhona uMnu Felinkosi Sikhakhane behalalise­la umculi kamasikand­i, iNkosi Yamagcokam­a ngendondo yeSatma.
ISITHOMBE NGU: KING ZOSO INKOSI uNgangendl­ovu Mchunu yaseMachun­wini eMsinga neMeya yakhona uMnu Felinkosi Sikhakhane behalalise­la umculi kamasikand­i, iNkosi Yamagcokam­a ngendondo yeSatma.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa