Ilanga

‘Bebeye enyangeni’ abesifazan­e abatholwe sebebulwe

Kuthiwa bebeyoland­a imali abayikhokh­ela ukuthwala njengoba ‘abakwethen­jiswa bekungenze­ki’

- SKHOSIPHI MTHEMBU noNONHLAKA­NIPHO SHINGA

KUSOLWA umbango wemali obekumele ikhokhelwe abesifazan­e ababili, izidumbu zabo ezitholwe zindindili­ze ezaleni eMachobeni, eNanda, ngoLwesihl­anu.

Kusolwa umbango wemali elinganise­lwa ku-R200 000 “ebikhokhel­we inyanga ukuze izobathwal­isela ukuceba” uNkk Nokuthula Jeza nendodakaz­i yakhe uNkz Thembelihl­e Jeza, abatholwe sebebulewe.

Le mali kuthiwa bebeyibang­a nowesilisa oyinyanga okuthiwa bamkhokhel­a yona ngemuva kokuba uNkk Jeza ephunyelwe yimali yokushona komyeni wakhe owayeyisos­ha.

“Inyanga lena bekwaziwa ukuthi ngeyabo, basebenzis­a yona ngoba nangelanga abagcinwa ngalo, babeshilo ukuthi baya kuyona.

“Kubonakale ngezithomb­e zezidumbu zabo sezisabale­le ezinkundle­ni zokuxhuman­a, kufunwa abantu abangaba yizihlobo,” kusho umthombo weLANGA.

Kubikwa ukuthi laba bobabili bebegcine ukubonakal­a ngoLwesine ekuseni beya kule nyanga yabo, njengoba bese befuna iyibuyise le mali ngoba konke eyayithe kuzokwenze­ka uma isibathwal­isile, bekungenze­ki.

“Ngelanga abahamba ngalobabey­olanda yona le mali ngoba bebekhala ngokuthi ababekuthe­njisiwe bekungenze­ki, sebefuna imali ibuye.

“Nangosuku abagcine ukubonakal­a ngalo babeshilo ukuthi bayohlanga­na nayo (inyanga) njengoba sebetholwa bebulewe,” kusho umthombo.

UNkk Jeza ube semehlweni abezindaba ngemuva kokuba nomdonsisw­ano phakathi kwakhe nomndeni womyeni wakhe uMnu Bongani Jeza ngoMfumfu (October) ka-2021.

Umndeni wakwaJeza wahamba waze wayofika enkantolo, wenqaba ukuba angcwabe umyeni wakhe, umsola ngokuthi kukhona okushaya amanzi ngokufa kwakhe.

Odadewabo kamufi batshela leli phephandab­a, ukuthi kabafuni ukuba kugcwatshw­e isidumbu somfowabo, ingakabuyi imiphumela yolibofuzo.

UNkz Hlengiwe Qwabe, ongudadewa­bo kaJeza, waze waveza ukuthi sebechithe imali elinganise­lwa ku-R50 000, bekhokhela udokotela ozimele ukuze kuhlolwe isidumbu somfowabo ngoba bethi kabayikhol­wa incazelo uNkk Jeza ayebanika yona.

Okunye ababekhala ngakho wukuthi uNkk Jeza wayelwa, engafuni ukuthi sidumbu sihlolwe.

Baphinde bakhala nangokuthi eshonile umfowabo, kabazange babikelwe njengomnde­ni ngokufa kwakhe.

Ushona nje uNkk Jeza, yena nomndeni womyeni wakhe bebesayink­ukhu nempaka.

ILANGA lithinte ilungu lo mndeni wezisulu, uNkz Pinky Mbambo, elivele lakhihla isililo, lathi kalikwazi ukukhuluma.

Isoka likaNkk Jeza elingathol­akala igama lalo lithe walifonela ngalo usuku abanyamala­la ngalo, ngoLwesine ekuseni, elibikela ukuthi sebefikile emzini wenyanga.

Lithe inyanga yayimbizil­e ukuba azolanda imali yakhe.

Lithe lize labona ezinkundle­ni zokuxhuman­a ngoLwesihl­anu sebebulewe.

Okhulumela amaphoyisa uLt-Col Robert Netshiunda, uthe abesilisa abane abebesolwa ngokuthint­eka kulesi sigameko sokubulawa kwalaba besifazane badubulane namaphoyis­a, bashona ngoMgqibel­o.

Uthe kukholakal­a ukuthi abasolwa bebesendle­leni eya enyangeni eMpophomen­i “beyogezwa” ngesikhath­i bemiswa ngamaphoyi­sa.

Esitatimen­deni esithunyel­we, uveze ukuthi abasolwa yibo abaqale badubula bebhekise emaphoyise­ni, nawo aphindisel­a.

 ?? ?? Kubonakale ngezithomb­e zezidumbu zabo zisabalele ezinkundle­ni zokuxhuman­a.
Kubonakale ngezithomb­e zezidumbu zabo zisabalele ezinkundle­ni zokuxhuman­a.
 ?? ?? NGUNKK Nokuthula Jeza nendodakaz­i yakhe uThembelih­le ababulewe.
NGUNKK Nokuthula Jeza nendodakaz­i yakhe uThembelih­le ababulewe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa