Ilanga

USUNGENE EZIKWELETI­NI UMNDENI WOWESILISA ‘OTHUNJIWE’

- JOHN HLONGWA hlongwaj@ilanganews.co.za

UHLELI ebumnyamen­i obungenafu umndeni wakwa Chonco, eMbhoshong­weni, oLundi, osekuphele amasonto amathathu kwathunjwa ilungu lomndeni wawo, uMnu Fundabantu Chonco (24).

Kuvela ukuthi uChonco wathunjwa ngabantu abayisihla­nu ababehamba ngemoto ebusuku.

ILANGA likhulume noMnu Hlanganani Chonco (29) olitshele ukuthi sekuyophel­a isonto lesine enyamalele, engaziwa umfowabo ukuthi ukuziphi izinkalo.

Uthe nombiko abawuthola kumuntu owathunjwa ehamba naye kawubagcul­isi, kunemibuzo engaphendu­leki.

“Umfowethu ubehlala eThokoza, oLundi, lapho eqashe khona ngenxa yokusondel­ela etohweni lakhe. Ubesebenza esitolo esikhona kule ndawo.

“Uma sizwa ngomfana owathunjwa ehamba naye, uthi ngesikhath­i umfowethu ephuma etohweni, wafonelwa yile nsizwa imcela ukuba ayiphathel­e iphepha lokugoqa insangu nesiphuzo esibandayo.

“Ngesikhath­i umfowethu esebuya etohweni wadlula komunye umuzi.

“Lo muntu wabe esemfonela emtshela ukuthi uzomhlanga­beza ukuze athole lezi mpahla ayemphathi­se zona.

“Sebendawon­ye uthi yilapho kwaqhamuka khona abantu abayisihla­nu, bababuza ukuthi bayabazi yini.

“Uthi labantu babaqhuba ngemoto

ngokwehluk­ana, behamba bexoxa naye lo wakithi kodwa uthi akezwanga ukuthi babexoxa ngani, kwaze kwaba bamfaka emotweni bahamba naye, yena bamdedela.

“Okusixaka kakhulu le nto yenzeke kuwuMgqibe­lo kodwa umfana uze wasibikela ngeSonto.

“Ubethulele­ni sonke lesi sikhathi engabiki ngokuthunj­wa komfowethu?

“Nangesikha­thi lo sebemdedel­e kabazange bamphuce ngisho umakhalekh­ukhwini wakhe, obekungenz­eka awusebenzi­se ukuhlaba umkhosi ngokushesh­a.

“Konke lokho kuyasixaka,” esho.

Uthi umndeni wakhe usuvele ngekhanda ezikweleti­ni, uzama ukuthungat­ha ilungu lawo.

“Kusukela edukile siyehla siyenyuka siya kubantu abahlolayo, siye kobheka emakhazeni nasenzinda­weni ezahlukeke.

“Ibalelwa ngaphezulu kukaR10 000 imali esisetshen­zisiwe, kucingwa. Sicela uma kukhona onolwazi aselekelel­e,” kucela uChonco.

Kuze kwashaya isikhathi sokushicil­ela okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uCol Robert Netshiunda, engayiphen­dulile imibuzo athunyelel­we yona mayelana nalolu daba.

 ?? ?? NGUMNU Fundabantu Chonco
NGUMNU Fundabantu Chonco

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa