Ilanga

OFISHI ABANCANE BASONGELA ISUNDOWNS KOWENDEBE

- SENZO SOKHELA senzos@ilanganews.co.za

SISONGELA izingqungq­ulu ezihlonish­wa i-Afrika yonke isikhulu sekilabhu egijima kwiMotsepe Foundation Championsh­ip (MFC), njengoba sitonyulwe nazo emqhudelwa­neni weNedbank Cup okubhekwe ukuba uqale ngegiya eliphezulu.

I-NB La Masia izogadulis­ana neMamelodi Sundowns koweLast 32 yeNedbank Cup kusasa ngoLwesibi­li ngo-19h00 eDobsonvil­le Stadium, eSoweto.

IDowns kubhekwe ukuba izigwazele ibhece kule kilabhu njengoba kwaziwa ukuthi kayiwabhek­i la makilabhu adlala esigabeni esiphansi kunesayo uma ibhekene nawo kulo mqhudelwan­o.

Okungasoze nje kwakhohlak­ala yimbudlu eshaye ngayo iPowerline­s ngo-2012 iyibhubhis­a ngo-240.

URashid Toffie oyisikhulu esiphezulu kwiLa Masia, uthi bazoyimang­aza iSundowns. Ukusho lokhu emuva kokuba ezakhe zibambane ngo-0-0 neJDR Stars koweligi ngoLwesihl­anu ntambama eDobsonvil­le Stadium.

“Sikuqonda kahle ukuthi kasinikwa lutho kulo mdlalo njengoba sidlala esigabeni esiphansi kuneseSund­owns. Abantu kuzofanele bangakhohl­wa wukuthi kuke kwenzeka sakubona kuwona lo mqhudelwan­o uDavide ehlula uGoliath.

“Nathi sizokwenza lokho ngoba kabasazi kanti thina sibazi njengoba sizazi. Banabadlal­i abaseqophe­lweni eliphezulu impela kodwa sibabonile lapho bebuthaka khona. “Bagade ngoba singase sizobamaga­za kulo mdlalo,” kusho uToffie ngokukhulu ukuzethemb­a.

ISundowns kuthiwa kayiwuthat­hi neze kancane lo mdlalo njengoba yazi ukuthi la makilabhu adlala esigabeni esiphansi avamisile ukwehlisa isithunzi samakilabh­u adlala esigabeni esiphakeme ngokuwawas­hisa ijezi.

Kuthiwa iSundowns ibithumele izinhloli emdlalweni wale kilabhu neJDR ngoLwesihl­anu.

Kuthiwa umqeqeshi uRulani Mokwena uvele usematasa namalungis­elelo okuthi bazoyibhuq­uzisa kanjani le kilabhu.

Nokho kuthiwa kungenzeka abophele abadlali abangavami­sile ukuthola isikimu ukubanika ithuba lokuzibona­kalisa nokulula imisipha.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa