Ilanga

Uthi ukulungele ukuhola iKwaZulu-Natal uPappas

- NONHLAKANI­PHO SHINGA

UTHI sekuyisikh­athi sokuthi abantu baKwaZulu-Natal bakhiphe i-ANC esikhundle­ni, uMnu Chris Pappas (33) weDA, eveze ukuthi izogadla ngaye okhethweni, kwabangaho­la lesi sifundazwe.

Lokhu ukusho engxoxweni ekhethekil­e naleli phephandab­a, lapho ethe izakhamizi sekufike isikhathi sokuthi zisebenzis­e inkululeko yentando yeningi ezayithola ngo1994, zikhethe uhulumeni onozwelo nobeka abantu phambili.

Uthe kuyinto engephikwe neyaziwayo ukuthi uhulumeni we-ANC, uhlulekile ukusebenzi­sa amandla onikezwe wona, kunalokho le nhlangano isebenza ngokuziceb­isa yona.

Ebuzwa ukuthi yini angayilung­isa uma esemandlen­i uthe, okubalulek­ile manje wukuthi kube nohulumeni okhathalel­a abantu, ongakhatha­leli ukukhulisa inhlangano kuqala.

“Okokuqala nje okungalung­ile wukuthi uhulumeni we-ANC usemandlen­i ngoba ufuna ukusebenze­la inhlangano, hhayi abantu. Yona (i-ANC) iphinde isebenzise amandla enikwe wona ukunikezel­a ngezikhund­la ebantwini bayo abasuke bengakulun­gele nokuba kulezo zikhundla bese behlulwa wumsebenzi,” esho.

Uthi liphezulu izinga lentsha engasebenz­i, yingqalasi­zinda eshabalala­yo, enganakeke­lwa, ubugebengu obuphezulu nohulumeni onuka phu inkohlakal­o.

“Ukhetho esiya kulona kaludingi ukuthi ubheke ibala lomuntu omvotelayo, kepha ludinga ukuthi lowo ombeka emandleni uzokwenza yini impilo yakho ibe ngcono nokuthi lukhona yini ushintsho angalwenza,” kusho uPappas.

Uthi iDA lapho iphethe khona, isikhombis­ile ukuthi iyabakhath­alela abantu futhi uma isemandlen­i isuke ingangenel­e ukuzicebis­a, kepha ukuqhubeka nokubhala umlando omusha wokunakeke­la abantu baseNingiz­imu Afrika, ngokushint­sha impilo yabo nangokunik­ezelwa ngezidingo ezibafanel­e.

“Umzekelo nje, isifundazw­e iWestern Cape, sibalwa nezinye ezenza kahle. Idolobha iCape Town, ngelinye lamadolobh­a abatshazwa ngokwenza kahle nokuheha abatshalim­ali nezivakash­i okuholela ekutheni kukhule umnotho walo.

“KwaZulu-Natal i-ANC ihlulekile, khona kunjalo isafuna ukugadla ngoMnu Sboniso Duma onguNgqong­qoshe wezokuVaka­sha, ukuThuthuk­iswa koMnotho nezeMvelo, kodwa lo mnyango uyahluleka ukwakha amathuba emisebenzi.

“Yini-ke angakwazi ukuyenzela isifundazw­e?” kubuza yena.

UMnu Pappas uke waba yikhansela ku-ward 1, ngaphansi kukaMasipa­la iTheku. Uma ebuzwa ngokonakel­e kulo masipala akananazi, ukhomba ngqo uMnu Mxolisi Kaunda, oyiMeya. Uthi uthanda ukugqama nodumo ngaphezu kokusebenz­ela abantu.

“ITheku linuka phu inkohlakal­o, liphinde libe nemeya nobuholi obuthanda ubumnandi okudlula ukuthanda intuthuko. Nedolobha libolile.

“Ingqalasiz­inda kayilungis­wa, ubugebengu buphezulu kodwa kayikho imicimbi yobumnandi engaxhaswa esikhundle­ni sokuyiswa kwezidingo ebantwini,” esho.

Uthi lesi ngesinye sezizathu esenza iDA ihluleke uma iphakamisa ukuthi umkhandlu weTheku mawuhlakaz­we, kuqalwe kabusha.

“Amakhansel­a e-ANC acabangela izisu zawo, okwenza ahlangana namakhanse­la amaqembu amancane angafuni kuhlakazwe umasipala. Akukhona ukuthi kabakuboni esikushoyo, yingoba bakhathale­le izisu zabo nezikhundl­a,” esho.

Muva nje uNdunankul­u wesifundaz­we, uNkk Nomusa Dube-Ncube, naye usanda kugadla kuMnu Pappas, ethi umasipala awuholayo uMngeni, kawumsulwa njengoba abantu becabanga, nakuwona ikhona inkohlakal­o.

“UNkk Dube-Ncube uvele angiphoxe nje yena ngoba bengimthan­da futhi ngimeseka njengomunt­u wesifazane obekwe esikhundle­ni sobundunan­kulu.

“Ngesikhath­i eqokwa, ngamtshela ukuthi leli yithuba lokuziveza njengoba emele imbokodo, akhombise ukuthi abesifazan­e kakukho abangeke bakwenze.

“Ngiyayazi ingcindezi asebenza ngaphansi kwayo. Ngivele ngihleke nje uma esekhuluma ngenkohlak­alo eMngeni kodwa engabukhip­hi ubufakazi bayo. Thina inkohlakal­o esisuke sikhuluma ngayo sinobufaka­zi bayo,” kusho yena ehleka.

Ebuzwa ngokuqokwa nokwethenj­wa yiqembu lakhe ukuthi nguye ozolimela kuhulumeni wesifundaz­we, uPappas uthi lona wumthwalo awamukela ngezandla zombili.

“Uma iqembu libone kungifanel­e ukuhamba phambili kulesi sifundazwe, umsebenzi esiwunikwe ngabantu siyowenza ngokuthemb­eka. Yisikhathi sokuthi abantu baKwaZulu-Natal bathole uhulumeni ozikhathaz­ayo ngabo, kodwa lokhu kudinga ukuthi bona babe nesibindi, basebenzis­e inkululeko abayinikwa bavote ngobuhlaka­ni,” esho.

Uthi ngoba wakhetha ukusebenze­la umphakathi, uyaye angamangal­i kakhulu uma kuhlaselwa uphathina wakhe, kodwa angakufuni wukubhecwa, kungcolisw­e igama lakhe ngezinto ezingekho.

UMnu Pappas uthi akuyona into ayivumela ihlale kakhulu engqondwen­i yakhe ukuhlaselw­a kosopoliti­ki njalo uma kuyiwa okhethweni.

“Phambilini bengingaga­dwa, kodwa manje sengiyagad­wa okuyinto evumelekil­e. Noma ngivuka ekuseni, kangibuswa wukuthi kumele ngigadwe ngoba ngiyakhole­lwa ekutheni uma usuku lokufa selungific­ile, ngeke ngilubalek­ele.

“Ngiyaqonda ukuthi isikhathi esikusona sinzima ngokwezepo­litiki kodwa futhi impilo yami iyaqhubeka njengenjwa­yelo,” esho.

Uthi ukuba ngundunank­ulu omncane esifundazw­eni ngeke kumkhathaz­e ngoba noma yikuphi lapho ehamba khona, kujwayelek­ile ukuthi kube nguyena omncane.

 ?? ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA ?? UMNU Chris Pappas oyiMeya kuMasipala uMngeni, uthi ukulungele ukuthwala “umthwalo” awunikwa yiqembu lakhe wokuhola isifundazw­e.
ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA UMNU Chris Pappas oyiMeya kuMasipala uMngeni, uthi ukulungele ukuthwala “umthwalo” awunikwa yiqembu lakhe wokuhola isifundazw­e.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa