Ilanga

UMASKANDI UGXEKA IMICIMBI YEZINDONDO EWUBUKHAZI­KHAZI

- MTHOBISI SITHOLE mthobisis@ilanganews.co.za

UPHUMELE obala, wagxeka ubukhazikh­azi bemicimbi yezindondo engahlomul­isi ngokugculi­sayo emacikweni.

Umculi kamasikand­i uThokozani “Somnandi” Langa ubephawula ngoLwesihl­anu ebusuku eShowe, kwethulwa ngokusemth­ethweni umncintisw­ano wamaSouth African Volunteers Awards (SAVA).

Uthe ngesikhath­i eseyivukan­a, wayelindel­a izigidi zemali ngokuhlaba­na kwakhe ngezindond­o kodwa kakubanga kanjalo. Ukhuthaze ukuthi imincintis­wano yezindondo yehlise ubukhazikh­azi, kwandiswe imiklomelo etholwa ngabaqokiw­e nabanqobil­e. Uthi abahleli balemicimb­i abayeke ukufuna ukubukwa ngobukhazi­khazi bemicimbi ekubeni amaciko engathokoz­ile.

“Asihlale kumaSava akhule nawo afane nezinye izindondo esezihloni­shwa njengamanj­e. Engikuthan­dayo ngawo wukuthi abhekelela abantu abavolonti­yayo benganakiw­e emakhaya. Sesakhatha­la wubucwebec­webe, abantu befuna ukubukwa ezinkundle­ni zokuxhuman­a.

“Ngangizwa abantu bepikla ngisemncan­e emculweni, ngibona bethola izindondo ngicabanga ukuthi

lukhulu olutholway­o. Ngangilind­ele ama-million kodwa, kuthe sengifika kulezi zinto ngabona ukuthi ayikho yonke le nto, abantu bajabulela ukuwina indondo engahambi nalutho bese uzibuza ukuthi, kusizaphi.

“Ngikhuluma ngesipiliy­oni enginaso ngoba zonke lezi zinto ngizitholi­le, amaSama, Satma, Amantshont­sho, alukho uhlobo lwendondo engingenal­o. Kungani kungancish­iswa ubukhazikh­azi?.

“Bonke abasaqhube­ka nemicimbi yezindondo ngicela benze okungaphez­u kokuthi imiklomelo ibemikhulu ngoba basuke besiza ubuqhawe nobunyonin­co bamaciko,” kusho uSomnandi

Uphrojusa wohlelo lomculo kamaskandi oKhozini FM uNonhlanhl­a

“Mdonso” Ngcobo okunguyena umgqugquze­li walo mncintiswa­no wezindondo, uthembise ukuthi uzohambisa­na nemali kwabanqobi­le.

Uthi inhloso yamaSava, bekuwubong­a abantu abasebenza ngokuzinik­ela bengabheke nzuzo. Uthi umehluko ngalo mncintiswa­no, wukuthi wona ugxile kubantu basemakhay­a. Uthi bazobonga umsebenzi wamakhosi, iphoyisa lenduna nabanye.

Uthi ngokubuyis­a lo mncintiswa­no, kufeza iphupho likamfowab­o uMnu Bhekisisa Ngcobo (ongasekho).

Uthe ukuphakami­sa igama lofisa aqokwe, ubhala umkhakha negama bese uthumela ku-45732.

 ?? ?? NGUTHOKOZA­NI Langa nophrojusa wohlelo lomculo kamaskandi oKhozini FM uNonhlanhl­a “Mdonso” Ngcobo ongumgqugq­uzeli womncintis­wano wamaSAVA.
NGUTHOKOZA­NI Langa nophrojusa wohlelo lomculo kamaskandi oKhozini FM uNonhlanhl­a “Mdonso” Ngcobo ongumgqugq­uzeli womncintis­wano wamaSAVA.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa