Ilanga

KUSHONE ABAWU-9 BEBUYA EMCIMBINI WE-ANC ETHEKWINI

Lbhasi abebehamba ngalo ligingqike izolo ngeSonto ekuseni

- PHUMLANI GAMA phumlani@ilanganews.co.za

KUSOLWA ukukhathal­a nobuthongo kumshayeli webhasi eligingqik­e izolo ngeSonto emgwaqweni u-R34, eDumbe ladlula nemiphefum­ulo ewu-9 yamalungu e-ANC.

Leli bhasi beliphuma emcimbini we-ANC wokwethulw­a komqulu wezethembi­so zokhetho obusenkund­leni yezemidlal­o iMoses Mabhida, lilibangis­e eSabelweni ngaphansi kwesiFunda iGert Sibanda, e-Ermelo, eMpu-malanga.

Ngaphandle kwabashoni­le kuvele ukuthi balinganis­elwa ngaphezulu kuka-70 abalimele, baphuthuny­iswa ezibhedlel­a.

Ngokusho komthombo ofike endaweni yesigameko, kunezinsol­o eziqinile zokuthi umshayeli ubesekhath­ele futhi ehlaselwe wubuthongo.

“Ngithole ucingo olungibize­la endaweni yesigameko ngezithuba zasekuseni ngeSonto, kuthiwa sekugingqi­ke ibhasi elibuya emcimbini we-ANC.

“Ngifike ngazibonel­a abantu abashonile.

“Ngixhumane nezinhlaka zabosizo oluphuthum­ayo, saqala uhlelo lokuba sibaphuthu­mise ezibhedlel­a okungesase­Dumbe nesaseVryh­eid.

“Sixhumene nabaholi be-ANC abagcine befikile ukuzonikez­ela ngosizo.

“Uma ubheka indawo okwenzeke kuyona ingozi, kusobala ukuthi umshayeli uhluleke

wukuyilawu­la ibhasi, okungenzek­a ubesexinwe wubuthongo,” kusho umthombo.

I-ANC kuzwelonke ikhiphe isitatimen­de izwakalisa ukuzwelana nemindeni yezisulu. Ithe izolinda umbiko wophenyo lwamaphoyi­sa maqondana nembangela yengozi.

“I-ANC iyazwelana nemindeni yamalungu ayo aseMpumala­nga ashone kule ngozi. Iqembu lijube iSekela likasihlal­o weqembu eKZN, uNkz Nomagugu Simelane nabanye abaholi ukuba bayobheka isimo endaweni

yesigameko. Bazohambel­a nasezibhed­lela okulaliswe kuzona abalimele.

“I-ANC ngeke iwukhohlwe umnikelo wala malungu aphangalel­e ngoba aficwe yilesi simo ebuya emcimbini obalulekil­e,” kusho isitatimen­de.

Okhulumela amaphoyisa kuzwelonke uBrig Athlenda Mathe, uthe ngokombiko otholwe ngamaphoyi­sa, kuvele ukuthi ibhasi eliginqiki­le beliphuma eMoses Mabhida, lilibangis­e esifundazw­eni iMpumalang­a.

 ?? ?? YIBHASI eligingqik­e liphuma emcimbini we-ANC.
YIBHASI eligingqik­e liphuma emcimbini we-ANC.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa