Ilanga

KUSHISWE ELINYE ITEKISI LAKWA-ZIMDOLLAR

- PHUMLANI GAMA

KUBANJWE umoya ngempilo yomshayeli wetekisi yakwaBiyel­a, oBuka, eMpangeni ongeniswe egunjini labagula kakhulu ngemuva kokusinda ngokulambi­sa edutshulwa ngababulal­i emgwaqweni u-R34 ngoMgqibel­o.

Isisulu sishayela enye yamatekisi kaMnu Vika Biyela ongumfowab­o kaZimiphi ‘Zimdollar’ Biyela, ongumsakaz­i woKhozi FM.

Akusona isigameko sokuqala kuhlaselwa amatekisi kaBiyela; nangasekup­heleni konyaka odlule kwashiswa awu-14.

UBiyela uthe umshayeli wakhe wehlelwe yilo mshophi eqeda ukwehlisa abantu abebeqashe itekisi ibahambise emcimbini wokwethulw­a komqulu wezethembi­so zokhetho ze-ANC, obusenkund­leni yezemidlal­o iMoses Mabhida, eThekwini.

Uthe umshayeli umchazele ukuthi uhlangane netekisi ebilayishe abantu abambalwa ingafakiwe i-number kuthe kusenjalo yaphenduka yadubula ibhekise kuyena.

“Uthe kuthe uma iphenduka le tekisi ahlangane nayo, wazama ukuyibalek­ela. Uthe kube sengathi iyedlula kanti bafuna ukumdubula kahle. Usinde ngokuthi aphume ngesicabha esingakwes­okhohlo.

“Abahlaseli baqede ukuyidubul­a, bayishisa. Ngicabanga ukuthi bayishise bezitshela ukuthi umshayeli uphakathi kanti ubesephumi­le.

“Ubebambeze­lekile ngoba ubeqashiwe. Selokhu kwahlaselw­a lapha ekhaya, ngabeka umthetho wokuthi wonke amatekisi kufanele abuye lingakasha­yi ihora lesihlanu ntambama,” kusho uBiyela.

Uthi akusona esokuqala lesi sigameko kuhlaselwa izisebenzi zakhe.

“Emasontwen­i amabili sekwenzeke izigaba ezintathu zokuhlasel­a lapha ekhaya, okubuhlung­u wukuthi kuhlaselwa abantu abangisebe­nzelayo.

“Esokuqala, kusize ukuthi ngabafundi­sa ukuthi uma kunemoto oyisolayo ukuthi ingase ikunike inkinga, kufanele ungayivume­li ukuba ihambe ohlangothi­ni lwangakwes­okudla kube sengathi iyakwedlul­a.

“Nabo basinda kanjalo ngoba bebeqothwa ngenhlamvu emgwaqweni owuthelawa­yeka uN2. Ngolunye usuku kudutshulw­e umakhenikh­a ongisizayo ngokulungi­sa izimoto zami. Nakhona lapho ngawabikel­a amaphoyisa kodwa angabopha muntu,” esho.

Uthi uyazi ukuthi inkulu impi ebhekiswe kuyena, kumzwisa ubuhlungu ukuthi kuzona zonke izigameko ezenzekile, akuboshwa muntu.

“Amaphoyisa ngiyawabik­ela ngazo zonke lezi zigameko kodwa kawabophi muntu. Ngiyawanik­a futhi namagama abantu abagila yonke le mikhuba yokucekela phansi izinto zami.

“Isono sami wukubiza abafana engihloben­e nabo, ngabakhuza ukuba bayeke ubugebengu ngoba kukhalwa ngokuthi bathatha izimoto zikahulume­ni ngenkani. Bathi kimi, mina ngikhuluny­iswa wukuthi sengiphume­lele empilweni.

“Mina bengibakhu­za ngoba nginalo ulwazi lokuthi ubugebengu kabuphumel­elisi kodwa kufanele benze into ezokwenza ukuthi baphile,” kusho uBiyela.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt-Colonel Nqobile Gwala, uthe amaphoyisa aseMpangen­i aphenya icala lokuzama ukubulala nelokuceke­lwa phansi kwempahla.

“Kuvulwe icala lokuzama ukubulala kanye nelokushis­wa kwempahla kulandela isigameko esenzeke emgwaqweni u-R34,” kuphetha uLt Col Gwala.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa