Bakhala ngokuvalwa kokubhalisa ekolishi 'ngaphambi kwesikhathi'
ZIBALISA ngokuthi zizohlala emakhaya unyaka wonke izitshudeni ebezifunda emaCoastal College ehlukene, ebekumele zibhale izifundo ezingaziphasanga ngonyaka odlule, ngemuva kokuthi lamakolishi evale ukubhalisa ngaphambi kosuku olwalubekiwe.
Ngokuthola kweLANGA izitshudeni ezibhalise ngaphansi kweNational Certificate: Vocational, ezinezifundo ezazifeyila ngonyaka odlule. Bekumele zikhokhe imali yokubhalisa ngaphambi kokuphela kwenyanga kaNhlolanja (February), kodwa zadangala uma seziyobhalisa phakathi nenyanga, zatshelwa ukuthi ukubhalisa sekunesikhathi kwavalwa.
ILANGA likhulume nomfundi ongathandanga ukudalulwa, othi udumele ngokujika nemali yokubhalisa.
“Ngonyaka odlule bengenza unyaka wesithathu kwi-Electric Infrastructure Construction (EIC), ngeshwa ngaba nomlenze (isifundo esisodwa asifeyilile), kwaphoqa ukuthi ngilungise wona kulo nyaka ngaphambi kokudlulela phambili.
Uthi kwaphela nasozwaneni esethi uyobhalisa, watshelwa ukuthi sekunesikhathi eside kwavalwa, futhi akukho okusengenziwa yisikhungo, usengazama ngonyaka ozayo.
“Ngibuye esikoleni ngesonto eledlule ngiyiphethe yonke imali yakubhalisa, ngathi ngiyabhalisa kwangavuma, ngatshelwa ukuthi i-system yavalwa ngomhla ka-15 kuyo le nyanga.
“Okwangikhathaza kangiyitholanga impendulo ngesikathi ngibuza ukuthi kungani pho bengasitshelanga iqiniso ngoba incwadi ithi kuvalwa ngomhlaka 29 kuNhlolanja ngo-12 emini.
“Ngathi noma ngiyobikela i-SRC, yathi kunzima, nayo akukho engakwenza ngoba beyazi ukuthi kuvalwa ngalolu suku olushicilelwe encwadini,” esho.
Okhulumela iCoastal College uMnu Thami Ngcobo, uthi uyalwazi udaba. Uthi nakuba elwazi kodwa izinqumo zokuvulwa nokuvalwa kokubhalisa zithathwa uMnyango weMfundo ePhakeme, ikolishi lihambisa ngokomnyalelo womnyango.
Okwangikhathaza kangiyitholanga impendulo ....