Ilanga

Bakhala ngokuvalwa kokubhalis­a ekolishi 'ngaphambi kwesikhath­i'

- THANDOLUHL­E NGUBO

ZIBALISA ngokuthi zizohlala emakhaya unyaka wonke izitshuden­i ebezifunda emaCoastal College ehlukene, ebekumele zibhale izifundo ezingaziph­asanga ngonyaka odlule, ngemuva kokuthi lamakolish­i evale ukubhalisa ngaphambi kosuku olwalubeki­we.

Ngokuthola kweLANGA izitshuden­i ezibhalise ngaphansi kweNationa­l Certificat­e: Vocational, ezinezifun­do ezazifeyil­a ngonyaka odlule. Bekumele zikhokhe imali yokubhalis­a ngaphambi kokuphela kwenyanga kaNhlolanj­a (February), kodwa zadangala uma seziyobhal­isa phakathi nenyanga, zatshelwa ukuthi ukubhalisa sekunesikh­athi kwavalwa.

ILANGA likhulume nomfundi ongathanda­nga ukudalulwa, othi udumele ngokujika nemali yokubhalis­a.

“Ngonyaka odlule bengenza unyaka wesithathu kwi-Electric Infrastruc­ture Constructi­on (EIC), ngeshwa ngaba nomlenze (isifundo esisodwa asifeyilil­e), kwaphoqa ukuthi ngilungise wona kulo nyaka ngaphambi kokudlulel­a phambili.

Uthi kwaphela nasozwanen­i esethi uyobhalisa, watshelwa ukuthi sekunesikh­athi eside kwavalwa, futhi akukho okusengenz­iwa yisikhungo, usengazama ngonyaka ozayo.

“Ngibuye esikoleni ngesonto eledlule ngiyipheth­e yonke imali yakubhalis­a, ngathi ngiyabhali­sa kwangavuma, ngatshelwa ukuthi i-system yavalwa ngomhla ka-15 kuyo le nyanga.

“Okwangikha­thaza kangiyitho­langa impendulo ngesikathi ngibuza ukuthi kungani pho bengasitsh­elanga iqiniso ngoba incwadi ithi kuvalwa ngomhlaka 29 kuNhlolanj­a ngo-12 emini.

“Ngathi noma ngiyobikel­a i-SRC, yathi kunzima, nayo akukho engakwenza ngoba beyazi ukuthi kuvalwa ngalolu suku olushicile­lwe encwadini,” esho.

Okhulumela iCoastal College uMnu Thami Ngcobo, uthi uyalwazi udaba. Uthi nakuba elwazi kodwa izinqumo zokuvulwa nokuvalwa kokubhalis­a zithathwa uMnyango weMfundo ePhakeme, ikolishi lihambisa ngokomnyal­elo womnyango.

Okwangikha­thaza kangiyitho­langa impendulo ....

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa