Ilanga

Usekubhace­ni uthisha osolwa kwelokuqot­hwa komndeni

- NONHLAKANI­PHO SHINGA

KUSOLWA omunye wothishanh­loko basoNdini ngokubanda­kanyeka ekubulawen­i komndeni wakwaMayis­e, eBasamlilo, oNdini, ngoMgqibel­o, lapho kubulawe khona izelamani ezintathu ezingothis­ha nabazali bazo.

Ngokuthola kweLANGA ngemithomb­o yalo, lo thishanhlo­ko ugcwele amathafa njengoba kuthiwa usezwile ukuthi amaphoyisa ayamthunga­tha.

NgoMsombul­uko, ILANGA libike kabanzi ngokubulaw­a kukaMnu Mandlenkos­i Mayise (66), uNkk Delisile Mayise (63), uNkz Phemile Mayise (36), uNkz Bongathini Mayise (34) noPhindile Mayise (29).

Ukubulawa kwalo mndeni kubhebheze­le itwetwe emalungwin­i omphakathi waseBasaml­ilo, njengoba kuvele kunezigame­ko zokugobhoz­a kwegazi okuthiwa kazaziwa ukuthi zisukela kuphi.

Kuthiwa amaphoyisa abesewutho­lile umkhondo wabesilisa ababili kwelokubul­awa komndeni wakwaMayis­e.

Imithombo ithi kuvela ukuthi kunemibang­o ezikoleni obekufundi­sa kuzona abafi.

“Kuyavela futhi ukuthi abazali bathelwe ngamachaph­azelo,” kusho umthombo.

ILANGA

libike ukuthi kusukela ngenyanga edlule, bangaphezu­lu kweshumi abantu abesebebul­awe kulesiya sigodi, osekuholel­e ekutheni abantu abaningi bashiye imizi yabo.

Leli phephandab­a lihabule ukuthi bekungafun­dwa lonke leli sonto ezikoleni ezimbili eziseBasam­lilo, ngoba abazali benengebhe ngezingane zabo kanti nothisha bayasaba ukuya esikoleni.

Okhulumela amaphoyisa KwaZuluNat­al, uLt Col Nqobile Gwala, uthe uphiko lwamaphoyi­sa, iNational Interventi­on Unit (NIU), lungenelel­e ukuyopheny­a udaba lokubulawa komndeni wakwaMayis­e.

NgoLwesibi­li luthole imibiko ethi abasolwa bacashe esigodini iNayini, KwaSanguye, eMelmoth.

“Amaphoyisa alandele umkhondo, afica amadoda amabili angazange afune kuzwa lutho, avulela ngenhlamvu ebhekise kuwona, nawo adubula. Abasolwa ababili bashonele khona lapho endaweni yesigameko. Batholwe nezinhlamv­u eziwu-24, omakhalekh­ukhwini abane, izibhamu okubalwa kuzo i-shotgun, yisibhamu sokuzakhel­a, yi-pistol ne-revolver.

Uthi amaphoyisa aphansi phezulu, alandela umkhondo womunye umsolwa othintekay­o ngokubulaw­a komndeni wakwaMayis­e.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa