KUKHUTHAZWA ABAZALI UKUDEDELA ABAFUNDI BAGONYELWE UMDLAVUZA
UHULUMENI usukumele ukuvikelwa kwesifo somdlavuza wesibeletho kubafundi ezikoleni eGauteng.
Lokhu kuvezwe ngaphansi kohlelo olusha olwethulwe kulesi sifundazwe olubizwa nge-Intergrated School Health Programme olubhekana nalesi sifo ngenhloso yokuvikela abafundi besifazane eminyakeni ezayo yokuphila kwabo.
Ngokuthola kweLANGA, abafundi abenza uGrade 5 abaphakathi kweminyaka ewu-9 ubudala kuya phezulu, yibona abaseqhulwini ekulashweni kwalesi sifo.
Kuthiwa abenza uGrade R, u-1, u4, u8 no-10 bazohlolelwa ezinye izifo okubalwa ezihambelana nenkinga yokuzwa ezindlebeni nokunye.
Okhulumela uMnyango wezeMpilo eGauteng, uMnu Mataletale Modiba, uthi lolu hlelo lwahlelwa kudala. Uthi isigaba sokuqala sokujova kwabafundi siqale ngenyanga edlule, okulindeleke ukuba kuqedwe mhla ka-20 kwephezulu.
Uthi ngokwemibiko yocwaningo lwezempilo, abantu besifazane abawu-22.2 million, abaphakathi kweminyaka ewu-15 yobudala kuya phezulu, basengcupheni yokuthi bayobe sebelashelwa umdlavuza wesibeletho.
Uthi njalo ngonyaka kwelashwa abantu abalinganiselwa ku-107 000 behaqwe wumdlavuza, abawu-5870 bayashona.
“Lesi sifo sibucayi kakhulu, silandela umdlavuza webele kuleli lizwe,” kusho uModiba.
Uthi ngo-2014 bajove abafundi bakwaGrade 4 abawu-46 000 kwabawu-71 000. Uthi ekupheleni konyaka odlule kwaba ngabawu-74 000 kwabawu-87 910.
Utshele abezindaba ukuthi kulo nyaka bagxile kuGrade 5, “Selokhu kuqale lolu hlelo, kubukeka bebaningi abafundi abazimisele ngokuthola lolu sizo uma siqhathanisa nangonyaka odlule,” esho.
Uthi okwamanje abakabi naso isibalo sabafundi asebejoviwe. Unxuse abazali ukuthi babambe iqhaza ngokudedela izingane zabo zizivikele emdlavuzeni.
“Akekho umntwana ojovwa kungasayinile umzali, kodwa oseneminyaka ewu-12 kuya phezulu, uyazisayinela uma ekuqonda kahle okubhalwe phansi efomini,” kusho uModiba.
Uthi abanye abazali kabavumi izingane zabo zijove ngoba bakholelwa ekutheni lokho kuyophazamisa isibeletho sazo eminyakeni ezayo.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo eGauteng, uMnu Steve Mabona, uthi lolu hlelo luzoba wusizo kubafundi empilweni yabo yonke.
“Ezinye izifo zivela kumuntu esemdala, ngakho-ke sizama ukwelapha abafundi ukuze bavikeleke,” kusho uMnu Mabona.