Ilanga

OKAMASKAND­I UYAZISOLA NGOKUPHIHL­IZA IZINDONDO

- MTHOBISI SITHOLE Langempela­sonto.

UZISOLA ngokuphihl­iza kwakhe izindondo ayezivotel­we ngabalande­li bakhe emincintis­waneni ehlukene eyedlule, umculi kamaskandi owashiya kumangelwe, ebonakala kwi-video eziphihliz­a ngesagila izindondo ayeziwinil­e.

UPhumlani “Mfezemnyam­a” Khumalo waseMadwal­eni, eNquthu, uthi ngokuhamba kwesikhath­i ubonile ukuthi imincintis­wano yenza ukuthi umculi ahlale esematheni ebantwini. Uveze lokhu ephawula ngomncinti­swano weQuantum ebekwe yiMother of All Maskandi Festival, ezokuba mhla ka-6 kuMbasa (April) ePeoples' Park, eMoses Mabhida Stadium.

Ngesonto eledlule ubelele isihlanu kubaculi abahamba phambili ohlwini oluqhudela­nayo. Utshele ILANGA ukuthi le nto ayenza kayilungil­e.

“Bengibona kuwina nabantu engibahlul­ayo ngomculo, ngafikelwa wumuzwa wokuthi izindondo ziyathengw­a. Sengibonil­e ukuthi kayikho impi, empeleni wumdlalo nje womaskandi, ohluliwe kufanele emukele. Ngakho-ke sengibuyil­e, azihlabane amalunda,” kusho uMfezemnya­ma.

Uthi okwenze wabuya kulo mncintiswa­no wukuthi kubekwe imoto okuyisitek­i esibonakal­ayo. Ngesikhath­i ephihliza izindondo zakhe, wayekhala ngokuthi akazange athole ngisho indibilish­i yesenti ngokuziwin­a. Phakathi kwalezi zindondo, kubalwa eyamaSouth African Traditiona­l Music Achievemen­ts Awards (Satma), Amantshont­sho Kamaskandi Awards nezinye.

Kulo mncintiswa­no kuvezwe ukuthi umculi ozodla umhlangani­so ngeke avunyelwe ukuwungene­la ngonyaka ozayo. UKhuzani neGcokama Elisha kabayona ingxenye yomncintis­wano kodwa bazobe benandisa.

Umgqugquze­li walo mcimbi uMnu Eric Ngobe uthe, uKhuzani neGcokama sebezuze okuningi ngomculo wabo, kufanele kunikezwe nabanye abaculi ithuba. Uthe umculi ozolala isibili ngokwamavo­ti, uzokhokhel­wa ngokuphind­iwe imali yokunandis­a ngosuku lokumenyez­elwa konqobile.

Kuvotwa ngokuthume­la igama lomculi enombolwen­i ethi: 44893. Uhlu lwabaculi abawu-30 abazobe behamba phambili ngevoti kuleli sonto, bazoshicil­elwa kwiLANGA

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa