UJohnson ubona esahlalelwe wumsebenzi onzima kwiziMpofana
Uncome umdlali wakhe osemncane
ISAHLALELWE wumsebenzi omkhulu iKaizer Chiefs ezobhekana ne-Orlando Pirates koweDStv Premiership ngoMgqibelo ngo-15h30 eFNB Stadium, eGoli.
Nakuba Amakhosi ezokuya kulo mdlalo ebuyelwe wukuzethemba emuva kokunqoba iLamontville Golden Arrows ngo-1-0 koweligi ngoLwesibili ebusuku enkundleni efanayo, kodwa ukuqhubeka kwale kilabhu nokushweba amathu ba alula, kuyinkomba yokuthi abaqeqeshi kusafanele basebenze kanzima ukulola kahle abagadli.
Nokho mhlawumbe le nkinga izoxazululwa wukwenyuselwa esikimini esikhulu kukaWandile Duba (19) ovule ngegoli emdlalweni wakhe wokuqala edlubhe ijezi leziMpofana ngesikhathi beguqisa Abafana Bes’thende.
Lo mdlali akawuqedanga lo mdlalo emuva kokudonseka amamasela.
UCavin Johnson ongumqeqeshi weChiefs, uvumile ukuthi kuzofanele basebenze ngokuphindiwe uma befuna ukuhlula izimbangi zabo ezinkulu, iBucs.
Phela umdlalo weChiefs nePirates uthathwa njengomkhulukazi ekhalendeni likanobhutshuzwayo waseNingizimu Afrika, kungakhathaleki ukuthi kukhona owehlelwe yifomu ngalezo zinsuku. UJohnson uthe: “Ngesikhathi sithola amaphuzu amathathu kwi-Arrows, umqondo wami uvele wacabanga ngalo mdlalo wangoMgqibelo. “Wumdlalo omkhulu lona, abalandeli bawulangazelele. “Kuzofanele sizilungiselele ngokuphindiwe njengoba siya kulo mdlalo ngoba umqoka kubalandeli.”
Uthe ujabule ngendlela uDuba asebenze ngayo emdlalweni wakhe ne-Arrows.
“Ngiyamujabulela lo mfana omncane, ushaye igoli elihle.
“Siphoqelekile ukumushintsha ngenxa yokuthinteka.
“Udlale kahle impela, ithuba engimnike lona ulibambe ngazo zombili,” kusho uJohnson.
NoJose Riveiro oqeqesha iPirates ubheke ukuba idlozi lakhe liphinde limgidele njengoba ezakhe ziyehlule ngo1-0 iChiefs
emzuliswaneni wokuqala obungoLwezi (November) enkundleni efanayo. URiveiro odabuka eSpain - wayeqala ukuguqisa iziMpofana koweligi nyakenye selokhu wafika kuleli.