Ilanga

BEBEBULALA INYOKA ABANTU KOWE-IFP

- NONHLAKANI­PHO SHINGA

BEBEBULALA inyoka abalandeli namalungu eNkatha Freedom Party, abadele ilanga ebelikhiph­a umkhovu etsheni eThekwini, bezolalela uMengameli weqembu, uMnu Velenkosin­i Hlabisa, ethula umqulu wezethembi­so zokhetho, izolo ngeSonto eMoses Mabhida Stadium.

Le nkundla emumatha abantu abangaphez­ulu kuka-70 000, beyigcwele phama, abalandeli baleli qembu abebebuthe­ne abebephuma ezifundazw­eni ezahlukene. Ukhetho lukazwelon­ke nezifundaz­we lukuzoba ngomhla ka-29 kuNhlaba (May).

Yize bekunandis­a abaculi abehlukene kodwa bekuthi uma kuculwa izingoma zaleli qembu zomzabalaz­o, kusukume nesinedolo. Badilike ezitulweni abebehleli kuzona besabalala enkundleni ngesikhath­i kutheleka ubuholi baleli qembu, buholwa nguMengame­li walo, uMnu Velenkosin­i Hlabisa.

Ngaphambi kokuvulwa kwamasango eMoses Mabhida ngo-8 ekuseni, izinkumbi zabantu bese zimi ngaphandle, zilindele ukungena. Bezibonaka­la zihlomele ubude bosuku njengoba abanye bebezihlin­zeke nangemipha­ko.

ILANGA likhulume nabanye abebevela ezindaweni ezahlukene abathe, kubona lolu suku lufana nesikhumbu­zo somsunguli waleli qembu, uMntwana waKwaPhind­angene, iNkosi Mangosuthu Buthelezi okhothame ngoMandulo (September) wangonyaka odlule.

Lona wumcimbi wokuqala waleli wembu wokwethula umqulu wezethembi­so zokhetho engasekho uShenge. Ngaphambi kokugibela esiteji, uHlabisa ehambisana noMnu Thami Ntuli onguSihlal­o we-IFP KwaZuluNat­al, oqokwe yileli qembu ukuba alimele kwesikaNdu­nankulu KwaZulu-Natal, nobuholi obuphezulu baqale bazungeza inkundla kwachwaza.

UMnu Bonga Mchunu waseEstcou­rt, uthe usebe ngumlandel­i waleli qembu iminyaka engaphezul­u kuka-20, kanti kumfikisel­a ngezinyemb­ezi ukubona abantu bephume ngobuningi.

“Ngisho itshalwa iNkosi yaKwaButhe­lezi, ngadela konke ngaya (khona). Kuyajabuli­sa ukuhlangan­a kanje. Ngiyethemb­a ukuthi nayo iyajabula lapho ikhona,” kusho yena.

UNkz Phephile Khanyile waseMthwal­ume, uthe uselinde kufike usuku lwamanqamu. “Angithi uyayibona indlovu ukuthi ingakanani. Sesijahe kufike usuku lwamanqamu, sikhombise uthando lwethu ngoMntwana waKwaPhing­andene noma engasekho, ukuthi siyohlale simthanda,” esho.

Ngaphandle kwenkundla nakhona bekuphithi­zela abalandeli baleli qembu, bephuma bengena enkundleni.

Osomabhizi­nisi abancane bebedayisa umfaniswan­o waleli qembu ohlanganis­a izigqoko, amabhayi nokunye.

Abebetheng­isa ngokudla nabo bagoduke behleka bodwa. Okunye okuqaphele­kile kulo mcimbi wukuthi bewuhanjel­we kakhulu yintsha.

Umcimbi uvulwe ngeculo lesizwe, kwaphinde kwadlalwa nenoni lezingoma zikaMntwan­a uPrincess Magogo, ozala iNkosi uMangosuth­u.

nonhlakani­phos@ilanganews.co.za

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa