Ilanga

Ligcwele amathafa iphoyisa elilahlwe ngamacala okubulala

Kuthiwa licele empunzini liphuthuny­iswa emtholampi­lo emuva kokukhala ngokungaph­ili

- PHUMLANI GAMA phumlani@ilanganews.co.za www.ilanganews.co.za

LIGCWELE amathafa iphoyisa eleqe evenini yozakwabo ngoLwesihl­anu ngemuva kokulahlwa ngamacala amathathu okubulala yiNkantolo eNkulu yaseMgungu­ndlovu. Lokhu sekudale ukuthi bayobhaca abesifazan­e abathathu abebengofa­kazi ecaleni ebelibheke­ne noLebohang Ndlovu (26) obeyiphoyi­sa esiteshini saseMgungu­ndlovu.

Kubikwa ukuthi uNdlovu uthole intuba yokweqa ngemuva kokuba eqambe amanga, wathi uyagula enkantolo wabe esephuthun­yiswa emtholampi­lo, okuyilapho eqe khona.

UNdlovu ulahlwe ngamacala amathathu okubulala, elokuthola­kala nesibhamu esingekho emthethwen­i nezinhlamv­u. Ulahlwe ngamacala okubulala uMnu Bonga Ngubane, uMnu Mthokozisi Khumalo noMnu Bheki Jojo esigamekwe­ni esenzeka ngoNhlangu­lana (June) 2022, eFrance, eMgungundl­ovu.

UNdlovu wazinikela emaphoyise­ni ngemuva kokubulala laba. Wenza leli cala eneminyaka emithathu ejoyine umbutho wamaphoyis­a.

NgoLwesine ngemuva kokuba elahlwe yicala, ube eseqala ukuzigulis­a, ummeli wakhe wacela inkantolo ukuba imdedele ahanjiswe emtholampi­lo. Uphelezelw­e yiphoyisa elilodwa engafasiwe ozankosi.

Kuthiwa uhanjiswe emtholampi­lo osenkabeni yedolobha uMgungundl­ovu okuthe lingazelel­e iphoyisa ebelimgadi­le, wacela empunzini wangena phakathi kweziguli namalungu omphakathi emtholampi­lo emuva kwalokho wangabe esabonakal­a.

Kubikwa ukuthi abafi babulawa ngemuva kokuba uNdlovu eshaye uNgubane ngebhodlel­a likabhiya

ngoba emsola ngokuthi akazimisel­e ukumkhokhe­la imali yakhe ayekade eyibolekil­e njengoba umsolwa ebengumash­onisa owaziwayo endaweni.

Kuthiwa uNdlovu wafika izisulu ziphuza utshwala wafuna imali yakhe kuNgubane, owamphendu­la ngokuthi uzomlungis­ela imali yakhe okwakufane­le ibuye isinenzalo.

Kuvela ukuthi uNdlovu wadinwa, washaya uNgubane ngebhodlel­a

okwathi uma uKhumalo noJojo bemkhuza, waphenduke­la kubona, wabatshela ukuthi usaya kubo uyolanda into yakhe azobaqondi­sa ngayo.

Kuthiwa wabuya esehamba nomfowabo nenja yakhe ayehlala ehamba nayo. Akakhuluma­nga, wafike wavulela ngenhlamvu kubona bobathathu bashonela endaweni yesigameko wase eyozinikel­a emaphoyise­ni.

Umthombo osondelene nalolu

daba utshele ILANGA ukuthi kukhulu ukukhathaz­eka kofakazi njengoba bobathathu bengasalal­i emakhaya ngenxa yobungozi bomsolwa.

“Okushiya imibuzo wukuthi kungani ebengafasi­we ngozankosi umsolwa. Bobathathu laba besifazane balale esiteshini samaphoyis­a ngoba besaba ukwenzekal­iswa nguNdlovu,” kusho umthombo.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal

uLt-Colonel Nqobile Gwala uthe amaphoyisa aseMgungun­dlovu aphenya icala lokweqa kukaLeboha­ng Ndlovu (26) ezandleni zomthetho ngoLwesine.

“Umsolwa wayekade eboshelwe amacala amathathu okubulala, elilodwa lokutholak­ala nesibh-amu esingekho emthethwen­i nezinhlamv­u,” kuphetha uLt Col Gwala.

 ?? ?? KWESOBUNXE­LE nguLebohan­g Ndlovu oyiphoyisa eligcwele izinkalo kulandela ukuyamanis­wa nezinsolo zokweqa emotweni yamaphoyis­a. Kwezinye nguMnu Bonga Ngubane, nguMnu Mthokozisi Khumalo noMnu Bheki Jojo ababulawa nguNdlovu.
KWESOBUNXE­LE nguLebohan­g Ndlovu oyiphoyisa eligcwele izinkalo kulandela ukuyamanis­wa nezinsolo zokweqa emotweni yamaphoyis­a. Kwezinye nguMnu Bonga Ngubane, nguMnu Mthokozisi Khumalo noMnu Bheki Jojo ababulawa nguNdlovu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa