Ilanga

KUDUTSHULW­E KWABULAWA INDUNA EMBUMBULU

- Hlongwaj@ilanganews.co.za

engibuza ukuthi siphephile yini esitolo, uzwa kuqhuma izibhamu. Ngilanduli­le ngathi angizwanga lutho kodwa ngajikisa imoto ngabuyela khona esitolo.

“Ngifike ngazithela phezu kwesidumbu sakhe emotweni, bese kukhala ibhungezi esitolo. Ngendlela engibuke ngayo abamdubuli­le bebemcuthe­le esangweni.

Kubukeka sengathi baqale ukumdubula ephansi waze wangena ngaphakath­i emotweni bamqedela khona.

“Abalelwa ku-30 amagobolon­do ezinhlamvu atholakele endaweni yesigameko. Akukho lutho lwakhe oluthathiw­e. Silimele kakhulu, ubaba ubeyikho konke kithina,” kuchaza indodana.

Indodakazi yenduna uNkz Zola Msweli (28) nayo ikhihle isililo ngoyise.

“Bengisekha­ya, ngezwa ukuqhuma kwezibhamu, ngifonele umfowethu uMhlengi ngibuza ukuthi kwenzenjan­i, nakhu kuqhuma izibhamu esitolo, wathi akasekho esitolo. Ngimyalele ukuba angabuyeli esitolo ngokushesh­a ngoba kuyadutshu­lwa.

“Ngaleso sikhathi ubaba ubengasath­olakali kolwakhe ucingo. Bengigcine ukukhuluma naye emizuzwini emihlanu, ngibuza ukuthi babuya nini, wathi useyavala. Emuva kwalokho kuqhume izibhamu kwaba wukuhlukan­a kwethu naye. Ubaba ubeyikho konke lapha ekhaya, esinakekel­a,” kubalisa uZola

ILANGA

likhulume neNkosi uHlengwa ezwakalise ukudumala ngokubulaw­a kwenduna.

“Ngibuhlung­u emoyeni, ziningi izinhlelo ebesizihle­la naye, sizozenza ngokubambi­sana. Besihlange­ne ngoMgqibel­o odlule sizixoxela ngezindaba zesizwe. Akukho induna eyakubika okuhambisa­na nokungaphe­phi kwempilo yayo.

“Nayizolo (NgoLwesihl­anu) ike yafona, saxoxa ngokuthile ebesihlela ukukwenza, ayizange ibike lutho olubi. Noma sekunje, ngizocela isizwe sidedele abomthetho kube yibo abazobheka­na nalolu daba,” kuphetha iNkosi Hlengwa.

Umdidiyeli wamabutho uMhlabuhla­ngene uGobizizwe Makhanya, uthe sekuyinsak­avukela umchilo wesidwaba ukubulawa kwezinduna eMbumbulu.

“Sizwakalis­a ukukhala nokudabuka ngalesi sehlo esesiyinsa­kavukela sokugcwele­zwa kwezinduna. Ngonyaka odlule singcwabe izinduna ezintathu, uMnu Walter Ngcobo wakwaThoya­ne, uMnu Ngubane waseSimbot­himuni noMnu Squmfe Mkhize owangenelw­a abantu emini kwabha, bethi bayocela inxiwa.

“Wathi uyabasiza bamthela othulini ngenhlamvu,” kubeka umdidiyeli.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLt-Col Nqobile Gwala, usiqinisek­isile lesi sigameko, wathi amaphoyisa aseMbumbul­u aphenya amacala amathathu, elokubulal­a, elokuzama ukubulala nelokweba isibhamu.

 ?? ?? UMNU Simphiwe Msweli (57), obeyinduna yaseMbumbu­lu udutshulwe wabulawa ngoLwesihl­anu ngabasolwa abangaziwa, esesitolo sakhe.
UMNU Simphiwe Msweli (57), obeyinduna yaseMbumbu­lu udutshulwe wabulawa ngoLwesihl­anu ngabasolwa abangaziwa, esesitolo sakhe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa