Ilanga

KUSOLWE IPOLITIKI NGOKUVINJW­A KUKATHISHA­NHLOKO

- MTHOBISI SITHOLE mthobisis@ilanganews.co.za

SIVALWE wumbango wepolitiki isikole okuthiwa sekuphele amasonto amabili abafundi behleli emakhaya ngenxa yokuvinjwa kukathisha­nhloko omusha ukuba aqale umsebenzi wakhe.

Ngokuthola kweLANGA, kunamadoda angamalung­u omphakathi okuthiwa avuka njalo ekuseni ayoqhinqa emasangwen­i esikole, avimbe ukufunda nokufundis­a.

Kuvela ukuthi kawafuni uthishanhl­oko omusha ukuba asebenze kulesi sikole, amsola ngokuthi uyilungu likaKhongo­lose kanti obekade ephethe, osethathe umhlalapha­nsi kuthiwa ubeyilungu le-IFP.

USihlalo wenhlangan­o yabahlali baseZulula­nd, uMnu Phohloza Zungu, uthi kubakhatha­za kakhulu okwenzeka kulesi sikole.

Uthi kunamadoda avuka ekuseni ayophuza utshwala emasangwen­i esikole, avimbe uthishanhl­oko. Uthi le mpi eqhubekayo ilimaza ikusasa labafundi.

“Sifuna uhulumeni uthathe isinqumo ngalesi sikole, okungcono sivalwe, izingane zithuthwe ziyofunda kwezinye izindawo.

“Kuyaxaka ukuthi umphakathi uhlangana kanjani nokuqashwa kukathisha­nhloko ngoba lo muntu uphumelele ohlelweni lokuhlunga ozophatha isikole, akukho okubikwa ukuthi akwenzekan­ga ngendlela efanele.

“Le nto inenhlese yothisha abathile ngaphakath­i abanezimfu­no zabo, okuyibona abathengel­a amalungu omphakathi utshwala ukuze aphazamise ukufunda esikoleni,” kusho uZungu.

lithole ukuthi nangesikha­thi ezokwethul­wa ngokusemth­ethweni uthishanhl­oko esikoleni, bekugade amaphoyisa ngoba bese kuzwakele ukuthi umphakathi kawumfuni asebenze kusona. Kubikwa ukuthi uvinjwe engakaqali nokusebenz­a.

“Lo thisha olethwe kulesi sikole, yingane esencane efundisile nakulesi sikole eminyakeni edlule ngaphambi kokuba ithole amadlelo okuphatha kwesinye isikole.

“Kuyaxaka ukuthi ivinjelwan­i. Inkinga nje enkulu ngeyokuthi othisha bafuna ukuphathwa ngumuntu ozohluleka wukubagada ukuze benze umathanda wabo,” esho.

Uthi sebebhalel­e uNgqongqos­he wezeMfundo KwaZulu-Natal, uNkk Mbali Frazer ukuba angenelele.

Imizamo yokuthola isigungu sabazali kayiphumel­elanga

Okhulumela uMnyango wezeMfundo esifundazw­eni, uMnu Muzi Mahlambi, uthi kuzophenyw­a okwenzeka kulesi sikole.

“Ukufunda kwabantwan­a yikhona okubalulek­e kakhulu, ngakhoke izinkinga zabazali kakufanele zingenelel­e ekubaphaza­miseni.

“Sizophenya ukuze umnyango uxazulule,” kusho uMahlambi.

 ?? ?? ISIKOLE iKwaMame Full Service Primary School, oLundi, okuthiwa sivalwe wumphakath­i ongamfuni uthishanhl­oko omusha.
ISIKOLE iKwaMame Full Service Primary School, oLundi, okuthiwa sivalwe wumphakath­i ongamfuni uthishanhl­oko omusha.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa