Ilanga

Kuphakanyi­swa imifaniswa­no engabuvezi ubulili bomfundi

- THANDOLUHL­E NGUBO www.ilanganews.co.za

KWEHLUKENE imibono ngesiphaka­miso seSouth African Human Rights Commission (SAHRC), esemukelwe yikomidi loMnyango wezeMfundo ePhalamend­e ngeledlule, esithinta ukushintsh­wa kwemitheth­o yemifanisw­ano neyokulung­iswa kwamakhand­a abafundi ezikoleni zaseNingiz­imu Afrika.

I-SAHRC itshele iPhalamend­e ukuthi imifaniswa­no yabafundi egqokwa ezikoleni njengamanj­e icindezela ilungelo lesithunzi nelokuling­ana ngokobulil­i, futhi ithole izikhalo eziningi kubafundi, bekhala ngokungakh­ululeki ngenxa yendlela ekumele babukeke ngayo ezikoleni.

UDkt Eileen Carter, uveze ukuthi kuningi okumele uMnyango weMfundo ukulungise emthethwen­i othinta ukubukeka komfundi nomfaniswa­no ekumele awugqoke.

“Ukuphoqa lolu hlobo lwemifanis­wano egqokwayo ezikoleni njengamanj­e kuwukucwas­a okungafane­le ngoba kwehlisa isithunzi somfundi, kuphinde kumephuce ilungelo lenkululek­o yokuphumel­a obala ngobulili bakhe.

“Le mithetho yemifanisw­ano ihamba ize ifike ekuhlukume­zeni ilungelo lemfihlo njengoba kwezinye izikole imifaniswa­no ihambisana nezingubo zangaphans­i ekumele zigqokwe ngabafundi besifazane, kodwa kawukho onika abafundi besilisa okumele bakugqoke ngaphansi,” kusho uCater.

Uthi iSAHRC iphakamisa ukuthi kube nemifanisw­ano efanayo kubo bonke abafundi, engabudalu­li ubulili (gender-neutral uniforms). Uthi ukugqokwa kwale mifaniswan­o kuzophinde kulekelele nasekwehli­seni inani eliphezulu okuthengwa ngalo imifaniswa­no.

Inhlangano yothisha iNational Profession­al Teachers’ Organisati­on of South Africa (Naptosa) ebiyiyingx­enye yekomidi ebelilalel­e lezi ziphakamis­o, ithe lezi ziphakamis­o zibamangaz­ile.

Obemele le nhlangano uMnu Basil Manuel, uthi lolu wudaba okumele ludingidwe ngaphambi kokuphuma nesinqumo esithile. Uthi iSAHRC kumele ikuqonde ukuthi akuzoba lula ukushintsh­a lo mthetho.

“Le nto kayiyi ngokuthi abafundi besilisa bafuna ukugqoka okwabesifa­zane, kanjalo nabesifaza­ne bafuna ukwenza okufanayo. Siyakuqond­a ukuthi abafundi bafuna ukukhulule­ka, bangagqoki izingubo ezizobenza bazenyeze ngobubona.

“Nakuba kunjalo, kumele kube nezingxoxo ezijulile ezithinta ukwethulwa kwemifanis­wano engabudalu­li ubulili. Akulula ukushintsh­a imithetho nosiko lwesikole njengokush­o kweSAHRC,” esho.

Uthi nakuba imifaniswa­no yesikole ibiza, izinyunyan­a zothisha noMnyango weMfundo eyisiSekel­o kumele benze imizamo yokunciphi­sa amanani emifaniswa­no ukuze bonke abafundi bakwazi ukuyitheng­a. I-South African Democratic Teachers’ Union (Sadtu) ithe iyasemukel­a lesi siphakamis­o.

UNobhala weSadtu KwaZulu-Natal, uNkz Nomarashiy­a Caluza (osesithomb­eni), uthe iSadtu isishayela ihlombe lesi siphakamis­o ngoba bonke abafundi sebezokhul­uleka.

“Lokhu kuzolekele­la abafundi ukuthi babe nokuzethem­ba ngobulili babo. Siyazi ukuthi bakhona abangazeth­embi kuyimanje okwenza kugcine kuphazamis­eke ukufunda kwabo.

“Lokhu kuzokwenza bangazenye­zi namalungel­o abo angacindez­eleki, okuchaza ukuthi nokufunda kwabo ngeke kusaphazam­iseka. SiyiSadtu ukufunda kahle komntwana yikho esikubeke phambili,” kusho uNkz Caluza.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa