BAFUNA UKUHLIKIHLA USAWOTI ENXEBENI LEZINYONI ELIBHIBHAYO
UFUNA ukuhlikihla usawoti esilondeni esibhibhayo seMoroka Swallows umqeqeshi we-University of Pretoria ngokuyikhipha kwilast 16 yeNedbank Cup emdlalweni ozokuba ngoLwesithathu ngo19h00 eTuks Stadium, ePretoria.
UTlisane Motaung opheka amaTuks, utshele ILANGA ukuthi usewubheke ngabomvu umdlalo wabo neziNyoni eziphefumula ngenxeba njengoba zibhabhadiswe yiSekhukhune United ngo-4-1 koweDStv Premiership ngoMgqibelo.
Uthi uzobakhulula abadlali bakhe ukuzibonakalisa kulo mdlalo njengoba lo mqhudelwano ujwayele ukuvulela abadlali intuba yokuyodlala kwiDstv Premiership.
Ngemuva komdlalo weTuks neHungry Lions ewunqobe ngo-2-1 wamagoli amabili kaThabang
Manyoni obengumdlali wosuku - lo mphumela uqinise indawo yayo njengoba ihleli kunombolo 2 kwilog yeMotsepe Foundation Championship (MFC).
“Ngikholwa wukuthi iNedbank Cup ifike ngesikhathi esihle kakhulu kubadlali ukuze bezolokhu beqhubekile nomgqigqo wokwenza kahle. Sizimisele ngokuphoxa iSwallows yize kungeke kube wumdlalo olula,” esho.
UManyoni - obolekiswe yiMamelodi Sundowns kwiTuks - utshele abezindaba ukuthi uzimisele ngokuqhubeka nokuqobela amagoli kwezakhe. Uthe uzimisele ngokusiza iTuks yenyukele kwiPremiership.
Uveze ukuthi uma iDowns seyimdinga, angakujabulela ukubuyela kuyona kwazise usa-kulobizela ukunikwa elinye ithuba kule kilabhu.
Seyiyonke imidlalo yesigaba sika-last 16 yeNedbank Cup imi kanje:NGOLWESITHATHU
ETuks Stadium: University of Pretoria vs Moroka Swallows 19h00.
NGOLWESINE
EPeter Mokaba: Sekhukhune United vs AmaZulu FC 19h00.
NGOLWESIHLANU
EPrincess Magogo:
FC 19h00. NGOMGQIBELO EKing Zwelithini:
Milford FC vs Stellenbosch
Richards Bay FC vs SuperSport United 15h00.
EBuffalo Stadium: Chippa United vs FC Ravens 18h00.
E-Orlando Stadium: Orlando Pirates vs Hungry Lions 18h00.
NGESONTO EToyota Stadium:
D’General FC vs TS Galaxy 15h00.
ELucas Moripe: Mamelodi Sundowns vs Maritzburg United 18h00.