Ilanga

Usomatekis­i ubopha ungqongqos­he wamaphoyis­a

Ufuna ukunxeshez­elwa ngokuboshw­a ‘ngokungemt­hetho’

- NONHLAKANI­PHO SHINGA nonhlakani­phos@ilanganews.co.za

USOMATEKIS­I owaziwayo eThekwini namaphethe­lo, uMnu Thomas Getsemane, ufuna ukuba umbuso umnxepheze­le ngemali eyevile ku-R100 million, “ngokudicil­elwa phansi kwesithunz­i sakhe”, esigamekwe­ni esenzeke ngasekuphe­leni konyaka odlule, lapho ethi uboshwe ngamaphoyi­sa ngokungekh­o emthethwen­i.

Lokhu kuvela emaphephen­i afakwe eNkantolo eNkulu yaseMgungu­ndlovu ngomhla ka-8 kwephezulu.

Kuvela ukuthi uGetsemane ubopha uNgqongqos­he wamaPhoyis­a uMnu Bheki Cele, ngokuboshw­a kwakhe nonogada bakhe abawu-11, ngomhla ka-3 kuLwezi (November), nyakenye.

Ngokuthola kwaleli phephandab­a, uGetsemane – ophinde abe nenkampani yonogada – uboshwe esemayini iQala Quary, lapho kuvela ukuthi “wayeyoleke­lela” iNkosi uMqoqi Ngcobo, ngemuva kokuba imcelile ukuba azoyisiza kule mayini esesizweni sayo, okuthiwa kwangena kuyona osomabhizi­nisi abathile, “bayidla ngenkani”.

ILANGA like labika ekuqaleni kwalo nyaka ngembizo ebeyibizwe yiNkosi uNgcobo, lapho yayiyobike­la khona isizwe sayo ngezinking­a ebhekene nazo ngemayini.

Yaveza ukuthi kufanele ngabe le mayini ihlomulisa isizwe sayo, kodwa kuhlomula abathile abayithath­e kuyo ngenkani.

Inkosi yaveza nokuthi ngesikhath­i kuboshwa uGetsemane, yakhathaze­ka ngoba yiyo eyayimceli­le ukuba ayilekelel­e ngoba yase ikuzame konke, yaze yabiza namaphoyis­a, ukuba kukhishwe laba abadla le mayini ngodli.

Ngemuva kokuboshwa kwakhe uGetsemane, wagcinwa esitokisin­i izinsuku ezine nabaqaphi bakhe, badedelwa bengavelan­ga ngisho enkantolo ngemuva kokuba abashushis­i bethole ukuthi kabukho ubufakazi ngecala okwakuthiw­a balenzile.

ILANGA liwabonile amaphepha afakwe ngabammeli bakaGetsem­ane, iNJ Attorneys, enkantolo, aveza ukuthi ukuboshwa kwakhe nonogada bakhe kwakukhomb­isa ukuthi kuhloswe ukuthi “kubukiswe ngaye”.

Abammeli baphinde bathi ngesikhath­i eboshwa, kwakukhona ngisho nesikhulu esiphezulu samaphoyis­a KwaZulu-Natal, futhi kwathathwa nezithombe zakhe, zabonakala sezisabale­le ezinkundle­ni zokuxhuman­a.

Kule ncwadi abammeli balo somatekisi baphinde bakhale ngokuthi uCele waphinde wabonakala ohlelweni lukamabona­kude, noDkt JJ Tabane, lapho ayekhuluma khona ngokuboshw­a kukaGetsem­ane, waze wambiza ngemafiya (mafia).

Baphinde bafune imali elinganise­lwa ku-R137 000, omakhalekh­ukhwini, i-laptop, izibhamu nokunye abathi kwathathwa ngamaphoyi­sa ekilayenti­ni labo.

Ngokusho kommeli, uMnu Sbu Dlamini, imali elinganise­lwa ku-R100 million ifunwa nguGetshem­ane, ngokwenziw­e kuye ehliswa isithunzi, kanjalo nokulahlek­elwa kwakhe yimali eningi ngesikhath­i eboshiwe.

“Kuliqiniso ukuthi uGetsemane usijubile njengabamm­eli bakhe ukuba sibophe umbuso ngokwenziw­e kuye, okuhlangan­isa ukwephucwa imali, nokwehlisw­a isithunzi ngesikhath­i eboshelwa into engekho.

“Engingakus­ho wukuthi sikhona nesinye isikhulu esiphezulu emaphoyise­ni KwaZulu-Natal esisibopha­yo kodwa kasizokuli­dalula igama laso ngoba kasikawath­oli amaphepha aso.

“Leso sikhulu naso sasikhona ngesikhath­i kuboshwa uGetsemane,” kusho uDlamini.

ONOGADA NABO BALAHLEKEL­WE YIMALI

UDlamini uthi ngokwamaph­epha esenkantol­o, onogada abawu-11, okunguMnu Thulani Tembe, nguMnu Mondli Xulu, nguMnu Mduduzi Ncube, nguMnu Njabulo Mkhize, nguMnu Sikhumbuzo Ndlanzi, nguMnu Vusumuzi Gumede, nguMnu Zimisele Duze, nguNkz Philile Manana, nguMnu Dumisani Nhlenyama, nguMnu Bonginkosi Mhlanga noMnu Edmondu Mtshali, bafuna ukunxeshez­elwa -R500 000 umuntu emunye ngokuboshw­a ngokungekh­o emthethwen­i.

“Onogada nabo babopha uMbuso ngoba bakhala ngokuthelw­a ngamachath­azelo abangahlan­gane nawo, kwazise bona babesemseb­enzini wokugada uGetsemane.

“Uma kuboshwa yena, kwakungafa­nele bona baboshwe.

“Nabo baphinde balahlekel­wa yisithunzi sabo ngokuboshw­a, baphinde balahlekel­wa yimali ngesikhath­i abasichith­e ezitokisin­i, behlalele amacala angekho, bengaseben­zi,” kusho yena.

Uphinde waveza ukuthi ihhovisi likaCele selithunye­lelwe incwadi.

UDlamini uthe kunamacala amabili avulwe esiteshini samaphoyis­a eNanda ngokuboshw­a kwalo somabhizin­isi nonogada bakhe.

Lawa maphepha asenkantol­o aphinde aveze ukuthi uGetsheman­e, ubopha noKhomisha­na wamaPhoyis­a KwaZulu-Natal Lt-General Nhlanhla Mkhwanazi noCaptain Digby Wayne Thomas, owayengump­henyi wecala.

Okhulumela uCele, uNkz Lizandzu Themba uthe uzobheka ehhovisini okungena kulona izindaba ezinjengal­ezi ukuthi lukhona yini oluthinta uGetsemane.

 ?? ?? NGUMNU Thomas Getsemane
NGUMNU Thomas Getsemane

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa