Bafuna itshe lemali ngoweSuperSport ogaqelwe e-Europe
IMIBIKO NGU: SENZO SOKHELA EseLoftus Stadium
IFUNA itshe lemali ngomdlali wayo ofunwa ngamakilabhu ase-Europe iSuperSport United ebambane neMamelodi Sundowns ngo-1-1 koweDStv Premiership ngoLwesibili ebusuku eLoftus Stadium, ePitoli.
Igoli leDowns lishaywe nguTebogo Mokoena kwathi eleSuperSport leza noBradley Grobler.
lihoshe ngemithombo yalo ukuthi iSuperSport isibeke itshe lemali emakilabhini afuna u-Ime Okon (19)
odlala emuva kuyona nakwiBafana Bafana.
U-Okon uke wayojima neFC Midtjylland yaseDenmark ekuqaleni konyaka ngenhloso yokuba imusayinise uma kuphela isizini. Leli phephandaba lihoshe ngemithombo yalo ukuthi emuva kokuba kungenelele namanye amakilabhu, iSuperSport isivele yabeka itshe lemali kofuna ukumuthenga.
Umthombo uthe: “Nakuba iSuperSport ibihlele ukumudayisa emuva kwamasizini amabili kodwa ngendlela afunwa ngayo izophoqeleka ukumthengisa. Emuva kokuba ebuye kule kilabhu yaseDenmark kube sekuqhamuka amakilabhu aseBelgium, eFrance naseScotland amufunayo.
“Emuva kwalokhu ngizwa sekuthiwa iSuperSport isivele yabeka u-R25 million komufunayo ohambisana nokuthi uma le kilabhu imudayisa kuyofanele kube khona ekutholayo futhi nalapho. Izimisele ngokumdedela uma nje imali izobekwa etafuleni.”
UStan Matthews oyisikhulu esiphezulu kwiSuperSport ebuzwa ngalolu daba, uthe: “Nakuba ngingeke ngigagule ukuthi uzobiza malini kodwa yena uyimali enhle.
“Okwamanje ngeke ngiphawule ngamakilabhu amufunayo, konke sizokubona kahle ngokuphela kwesizini. Okwamanje kayikho into engenzeka, sibheke nje ukubona ukuthi sizoqeda sikuphi kwi