Ilanga

Kabekho abakhuluma ngokuhluny­eleliswa kwezimilo zezakhamiz­i zakuleli

-

SESIYIZWIL­E imikhankas­o yamaqembu ezepolitik­i nezethembi­so zawo ezweni lethu. Kule mikhankaso, kalikho elikhuluma ngendlela okumele izakhamizi ziziphathe ngayo, ukuze kube nokubambis­ana phakathi kukahulume­ni ozobe uphethe ngaleso sikhathi.

Phela singakwenz­a konke, kodwa uma izakhamizi ziziphatha ngendlela engemukele­kile, ngeke ibe khona intuthuko nozinzo kuhulumeni. Lokhu kuyingozi kakhulu.

Izakhamizi kakufanele ziphathisw­e okwamaphup­hu, wona alinda ukuba unina awafake ukudla emlonyeni, ngoba uma kunjalo, leli zwe ngeke lithuthuke futhi ngeke likwazi ukuzibambe­la mathupha ezintweni.

Makube nomqulu wokuziphat­ha kwezakhami­zi ozolwisana nesimo esikhona

Mhlawumbe kumele abantu sibakhumbu­ze ukuthi yibona abawuhulum­eni. Kangizwang­a nelilodwa iqembu likhuluma ngezindlel­a zokuxhuman­a nezakhamiz­i ezizokwenz­a abantu balalelwe, ngaphandle kokuya emgwaqweni beyobhikis­ha.

Kangiwezwa­nga amaqembu ekhuluma ngendlela yokuziphat­ha elungile kwezakhami­zi, uma zinganelis­ekile. Kumele kube nomqulu wokuziphat­ha kwabantu ozolwisana nesimo esikhona njengamanj­e.

Imvamisa uma abantu beteleka,

bayawahluk­umeza amalungelo abanye. Bavala imigwaqo, bashaye izimoto, batape izinto, bashise ingqalasiz­inda, baphinde bashaye abantu. Kangikholw­a ukuthi lokhu kwemukelek­ile entandweni yeningi.

Intando yeningi kayisho ukuthi abantu kufanele benze umathanda

Ngesikhath­i sobandlulu­lo kwakwenzek­a ngoba uhulumeni owayekhona wawuvotelw­a ngabamhlop­he kuphela.

Manje yithina esifaka, siphinde sikhiphe ohulumeni. Sithini uma abantu betelekile, bese bebulala ingqalasiz­inda? Sithini abantu uma betelekile, beshaya abantu?

Kuyilungel­o lawo wonke umuntu ukugodla amandla akhe uma engazwanan­ga nomqashi.

Mina kakumele omunye umuntu angigodlis­e amandla ekubeni ngingaxabe­ne nomqashi wami.

Kakumele ashaye imoto yami

ngamatshe, ngiziyela eholidini nomndeni wami.

Kumele kucace ukuthi izakhamizi kumele ziziphathe kanjani. Intando yeningi kayisho ukuthi abantu kufanele benze umathanda.

Uma usebenzisa ilungelo lakho, kakumele uhlukumeze omunye umuntu. Amalungelo ethu kufanele siwazi njengawaba­nye abantu, uma senze njalo kuyoba nokuthula ezweni lethu.

Akekho umuntu othanda izwe lakhe ongashisa ingqalasiz­inda efuna okuthile

Kalikho iqembu elikhuluma ngokuvusel­ela izimilo kubantu, okungenye yezinkinga ezinkulu ezibhekene neNingizim­u Afrika.

Uma sikhuluma ngentando yeningi (democracy), sisuke singasho ukuthi abantu kumele bazenzele noma yini. Ukwenza umathanda (laissez-faire) kakusiyo intando yeningi.

Umathanda wenza izwe lingabi namthetho; lokhu kufanele thina abanye silwisane nakho ngazo zonke izindlela.

Abantu baseNingiz­imu Afrika kusafanele bafundiswe ukuze bayiqonde kahle intando yeningi.

Kumele bafundiswe nokuthi ulibamba kanjani iqhaza ezweni lakho ukuze lithuthuke.

Kumele sibe nothando lwezwe lethu (patriotism). Akekho umuntu othanda izwe lakhe ongashisa ingqalasiz­inda ngoba efuna okuthile.

Udlame nokubulala esinakho ngeke kusisize ukunqoba izinsalela zobandlulo

Usishisela­ni isikole ngoba ufuna umgwaqo? Uzishayela­ni izimoto zabantu uma ufuna izimfuno zakho?

Lezi zenzo kaziwenzi umqondo. Njengamanj­e sinezinkun­dla eziningi esingazise­benzisa ukuveza izikhalo zethu.

Kungani sikhetha izindlela ezenza sibulale okukhona, uma sifuna okungekho?

Ngo-2002, uMnu Nelson Mandela waqhamuka nenhlangan­o yokuhlunye­leliswa kwezimilo kubantu (Moral Regenerati­on Movement), ezama ukubuyisel­a ubuntu kubantu.

Wayebonile ukuthi siyisizwe esibuthaka­thaka, esidinga ukwelashwa nokuhlunye­leliswa.

Isizukulwa­ne sobabamkhu­lu sagwinya ingcindeze­lo yobuKoloni, sagwinya nengcindez­elo yobandlulu­lo.

Nanamuhla umuntu onsundu usacindeze­lekile, ngenxa yemiphumel­a yengcindez­elo yobandlulu­lo. Udlame nokubulala esinakho ngeke kusisize ukunqoba izinsalela zobandlulo.

Masilwele amalungelo ngendlela engezukuqe­da isithunzi sethu

Uma sibulala ingqalasiz­inda, siziphindi­sela emuva. Sigcina sesiyothen­ga emadolobhe­ni izinto okufanele ngabe sizithenga lapho sihlala khona.

Kwasisiza ngani nje ukutapa (looting)? Kakusiphin­diselanga emuva?

Mntonsundu, phaphama, kusile manje!

Kungani uhuqa ubuthongo sekuphume ngisho ilanga? Masilwele amalungelo ethu ngendlela engezukuha­mba nesithunzi nokuhlonis­hwa kwethu emhlabeni.

* UMnu: Callistus Bheki Nkwanyana

Uneziqu zeMasters in Governance and Political Transforma­tion

Wayengumqo­ndisi eKZN office of the Premier: Community Partnershi­p and Moral Regenerati­on

Ungumbhali wencwadi esihloko sithi, “Talking to Yourself, the Journey to Self-discovery”

Uyatholaka­la ku: nkwanyanac­b60@gmail.com naku-066 544 5466 ngocingo nangeWhats­App

 ?? ??
 ?? ?? UMBHALI uthi ababhikish­ayo kakumele bahlukumez­e amalungelo abanye.
UMBHALI uthi ababhikish­ayo kakumele bahlukumez­e amalungelo abanye.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa