Ilanga

UNtuli uthembise okungcono eKZN

Uthi kumqoka ukuthi kufakwe uhulumeni ozobhekana ngqo nomonakalo esifundazw­eni

- NONHLAKANI­PHO SHINGA nonhlakani­phos@ilanganews.co.za www.ilanganews.co.za

UNOBHALAJi­kelele kuzwelonke wophiko lwabantu abasha kwi-IFP, uMnu Mlungisi Mabaso, unxuse iqembu lakhe KwaZulu-Natal, ukuba lingavumel­i i-ANC iyidonsele odakeni, ngoba inhloso yale nhlangano ukudidisa umkhankaso waleli qembu obukeka uqhubeka kahle.

UMabaso usho lokho ngaphambi kokwethula uSihlalo we-IFP KwaZulu-Natal, uMnu Thami Ntuli, oqokwe yileli qembu ukuba abe ngundunank­ulu uma liphumelel­e okhekhweni oluzoba ngomhla ka 29 kuNhlaba (May).

I-IFP beyiqhuba umkhankaso wayo eBruntvill­e, eMooi River, lapho uMabaso ethe i-IFP, mayingavum­eli ukuthi iqembu elibusayo liyidicile­le phansi ngokuyimat­anisa nezindaba ezingahlan­gene nayo.

Ubekhuluma ngesigamek­o esenzeke kwaCeza, lapho bekukhunju­lwa khona iSilo uDinizulu, lapho uMnu Siboniso Duma, onguSihlal­o we-ANC KwaZulu-Natal, ehlwithe umbhobho kuMfu Thulasizwe Buthelezi, esakhuluma.

“Ngiyanicel­a ukuthi njengesigu­ngu esiphezulu esifundazw­eni, ningabe nisakuvume­la lokhu okuzanywa yi-ANC, mkhulu kakhulu umsebenzi osewenziwe manje, bazama ukusibuyis­ela emuva,” esho.

Uqhube wathi uNtuli uqokwe yileli qembu ukuba alimele kwesikandu­nankulu ngenxa yemisebenz­i yakhe emihle alokhu eyenza, lapho ebekwe khona nokukhombi­sayo ukuthi izimfundis­o zeNkosi uMangosuth­u Buthelezi, zisahleli kuye.

“UNtuli ubeyimeya eNkandla, sawabona amagalelo akhe, washiye leya ndawo ithuthukil­e, sekukhona nesikhungo semfundo ephakeme. KuMasipala ayimeya kuwo manje iKing Cetshwayo, uyabonakal­a umsebenzi awenzayo nakhona. UnguSihlal­o kwaSalga, nakhona lapho amagalelo akhe ayabonakal­a,” kusho yena.

UNtuli uthembise abantu baseMooi River ukuthi bazophuma enhluphekw­eni yeminyaka uma i-IFP ingena emandleni, iphathe isifundazw­e.

“Le ndawo ivundile kakhulu, kodwa abantu bakithi kabanayo indawo yokutshala. Kungani kunomhlaba ongaka onamapulaz­i kodwa abantu bakithi bengenazo izindawo abangatsha­la kuzona?” kubuza uNtuli.

Uphinde wakhuza abantu bakule ndawo ukuthi bayeke ‘ukuvumela otsotsi ukuba balokhu bedlala ngabo’.

“Phela kumele nibone noma senibanjwa inkunzi ngisho kuthiwa isigebengu sesifika sigqoke esinye

isikibha,” kusho yena.

Uthe ondunankul­u be-IFP abebekhona phambilini okuhlangan­isa noMntwana waKwaPhind­angene, asabonakal­a namanje amagalelo abawenza emiphakath­ini.

“Sasingenab­o abantu abaningi kangaka abasha abebengase­benzi, futhi singenabo abantu abaningi kangaka elishona bengazi ukuthi bazodlani. Kubaluleki­le ukuthi sifake uhulumeni ozobhekana ngqo nomonakalo okhona esifundazw­eni,” kusho yena.

Abebehambe­le lo mkhankaso bazwakale bevumela phezulu uma ekhuluma ngokucishw­a kukagesi nokungabik­hona kwamanzi.

UMnu Mlungisi Bhengu oyisakhamu­zi

khona eBruntvill­e, uthe iwadi abahleli kuyo ngeye-ANC kodwa unethemba lokuthi okushiwo nguNtuli kuyofezeka uma sekudlule ukhetho.

“Ngiyithand­ile inkulumo yakhe uma ethi kubaluleki­le ukuthuthuk­iswa kwamadolob­ha amancane anjengalel­i lethu iMooi River.

Nesithembi­so sakhe sokuthi bazobuyise­la izitolo ezingamatu­ckshop kubantu baseNingiz­imu Afrika ngikuthand­ile ngoba izitolo ezindaweni zethu kazisekho manje ezandleni zethu,” kuphetha uBhengu.

 ?? ISITHOMBE NGU: NHLANHLA GUMEDE ?? UMNU Thami Ntuli onguSihlal­o we-IFP KwaZulu-Natal, nokhonjwe yileli qembu ukuba abe ngundunaku­lu uma lidla umhlangani­so okhethweni lukazwelon­ke, wenze izethembis­o zempilo engcono kubantu baseBruntv­ille, eMooi River.
ISITHOMBE NGU: NHLANHLA GUMEDE UMNU Thami Ntuli onguSihlal­o we-IFP KwaZulu-Natal, nokhonjwe yileli qembu ukuba abe ngundunaku­lu uma lidla umhlangani­so okhethweni lukazwelon­ke, wenze izethembis­o zempilo engcono kubantu baseBruntv­ille, eMooi River.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa