Udutshulwe wafa esethempelini umshumayeli waKwaShembe
Kusolwa izindaba zomphakathi njengoba umufi ubephinde abe yinduna yesigodi
ASABAMBE ongezansi amalungu ebandla lamaNazaretha ngokudutshulwa kubulawe umshumayeli esethempelini enkonzweni ngoMgqibelo ntambama.
Ngokuthola kweLANGA, uMnu Muntukasomandla Zungu (68), waseNgodini, eHluhluwe, udutshulwe wafa phambi kwabazalwane.
Kuthiwa kugasele umuntu ongaziwa ethempelini, wakhuluma nendodana yomshumayeli, eyicela ukuba imbizele uyise ngaphakathi.
Kuvela ukuthi indodana ingene ngaphakathi, yakhuluma noyise oyitshele ukuthi ngeke akwazi ukuphumela phandle ngoba usematasa.
Kuthiwa lo mlisa uvele wangena ngaphakathi, wavulela ngenhlamvu ebhekise kumshumayeli, washonela endaweni yesigameko.
Obesondelene kakhulu noZungu uhlebele leli phephandaba ukuthi ukubulawa kwakhe kungenzeka ukuba kuhlangene nezindaba zomphakathi, hhayi ezenkonzo.
Utshele ILANGA ukuthi uZungu ubeyinduna esigodini.
“Ngeledlule bekunomhlangano oshubile emphakathini, kwaba khona izinkulumo ezithi kunemizi okumele idingiswe endaweni, ngoba kunabantu abagangayo kuyona.
“Induna beyingahambisani nalesi sinqumo,” kusho umthombo.
Uthe ngaphambi kokuba umbulali egasele ethempelini, uqale emzini kamufi eyomcela khona.
Uthi kuthe uma ebuzwa ukuthi ufunani kuyena, wathi ufuna indawo yokwakha.
“Bathi lo muntu uthe uzwe kuthiwa kunezindawo zokwakha, ufuna ukubekwa inxiwa, wabe eseyalelwa esontweni ngoba ubethi kuyaphuthuma, uyidinga ngokushesha induna,” esho.
Indodana kamshumayeli ecele ukungadalulwa, ithe bashaqekile ngalesi sigameko.
Ithi kayikho ingxabano eyaziyo ebekade ikhona phakathi kukayise nabathile.
“Ubaba ubelunge kakhulu, kusenzima namanje ukukholwa le nto eyenzekile,” kusho indodana.
Ithe akhona amacala abethethwa nguyise anobutha phakathi.
“Umsebenzi wobuduna uyafakana ezinkingeni ngoba kuyenzeka uthethe amacala ayingozi,” kusho indodana.
Ithi ngokusho kwabantu ebekade bekhona kudutshulwa uyise, umbulali ubengazifihlile ebusweni.
Kuthiwa kulesi sigameko kudubuleke nenkosikazi yakhe
umshumayeli, yaphuthunyiswa esibhedlela.
Okhulumela amaphoyisa uLtCol Nqobile Gwala usiqinisekisile lesi sigameko.
“Kuvulwe icala lokubulawa kowesilisa oneminyaka ewu-68,
nelokuzama ukubulala owesifazane olimalile,” kusho uLt Col Gwala.
Uthe icala liphenywa esiteshini samaphoyisa aseHluhluwe, kanti bekungakaboshwa muntu.
mthobisis@ilanganews.co.za