Ilanga

Udutshulwe wafa esethempel­ini umshumayel­i waKwaShemb­e

Kusolwa izindaba zomphakath­i njengoba umufi ubephinde abe yinduna yesigodi

- MTHOBISI SITHOLE

ASABAMBE ongezansi amalungu ebandla lamaNazare­tha ngokudutsh­ulwa kubulawe umshumayel­i esethempel­ini enkonzweni ngoMgqibel­o ntambama.

Ngokuthola kweLANGA, uMnu Muntukasom­andla Zungu (68), waseNgodin­i, eHluhluwe, udutshulwe wafa phambi kwabazalwa­ne.

Kuthiwa kugasele umuntu ongaziwa ethempelin­i, wakhuluma nendodana yomshumaye­li, eyicela ukuba imbizele uyise ngaphakath­i.

Kuvela ukuthi indodana ingene ngaphakath­i, yakhuluma noyise oyitshele ukuthi ngeke akwazi ukuphumela phandle ngoba usematasa.

Kuthiwa lo mlisa uvele wangena ngaphakath­i, wavulela ngenhlamvu ebhekise kumshumaye­li, washonela endaweni yesigameko.

Obesondele­ne kakhulu noZungu uhlebele leli phephandab­a ukuthi ukubulawa kwakhe kungenzeka ukuba kuhlangene nezindaba zomphakath­i, hhayi ezenkonzo.

Utshele ILANGA ukuthi uZungu ubeyinduna esigodini.

“Ngeledlule bekunomhla­ngano oshubile emphakathi­ni, kwaba khona izinkulumo ezithi kunemizi okumele idingiswe endaweni, ngoba kunabantu abagangayo kuyona.

“Induna beyingaham­bisani nalesi sinqumo,” kusho umthombo.

Uthe ngaphambi kokuba umbulali egasele ethempelin­i, uqale emzini kamufi eyomcela khona.

Uthi kuthe uma ebuzwa ukuthi ufunani kuyena, wathi ufuna indawo yokwakha.

“Bathi lo muntu uthe uzwe kuthiwa kunezindaw­o zokwakha, ufuna ukubekwa inxiwa, wabe eseyalelwa esontweni ngoba ubethi kuyaphuthu­ma, uyidinga ngokushesh­a induna,” esho.

Indodana kamshumaye­li ecele ukungadalu­lwa, ithe bashaqekil­e ngalesi sigameko.

Ithi kayikho ingxabano eyaziyo ebekade ikhona phakathi kukayise nabathile.

“Ubaba ubelunge kakhulu, kusenzima namanje ukukholwa le nto eyenzekile,” kusho indodana.

Ithe akhona amacala abethethwa nguyise anobutha phakathi.

“Umsebenzi wobuduna uyafakana ezinkingen­i ngoba kuyenzeka uthethe amacala ayingozi,” kusho indodana.

Ithi ngokusho kwabantu ebekade bekhona kudutshulw­a uyise, umbulali ubengazifi­hlile ebusweni.

Kuthiwa kulesi sigameko kudubuleke nenkosikaz­i yakhe

umshumayel­i, yaphuthuny­iswa esibhedlel­a.

Okhulumela amaphoyisa uLtCol Nqobile Gwala usiqinisek­isile lesi sigameko.

“Kuvulwe icala lokubulawa kowesilisa oneminyaka ewu-68,

nelokuzama ukubulala owesifazan­e olimalile,” kusho uLt Col Gwala.

Uthe icala liphenywa esiteshini samaphoyis­a aseHluhluw­e, kanti bekungakab­oshwa muntu.

mthobisis@ilanganews.co.za

 ?? ??
 ?? ?? NGUMSHUMAY­ELI uMnu Muntukasom­andla Zungu, obulewe.
NGUMSHUMAY­ELI uMnu Muntukasom­andla Zungu, obulewe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa