Ilanga

SITHOLWE EBHUTHINI ISIDUMBU SIKADOKOTE­LA OBENYAMALE­LE

- PHUMLANI GAMA

KUSOLWA ukuthi ababulali bebevele befuna ukumsocong­a udokotela waseMgungu­ndlovu, isidumbu sakhe esitholwe ebhuthini yemoto yakhe ngoLwesihl­anu ntambama.

Isidumbu sikaDkt Zamambo Mkhize (39) obehlala eHilton, eMgungundl­ovu, sitholwe elokishini eMbali ngemuva kwamahora ambalwa engaziwa ukuthi ukuphi, futhi engatholak­ali ocingweni lwakhe.

Kuthiwa ubegcine ukubonakal­a ephuma emsebenzin­i esibhedlel­a i-Edendale abesebenze­la kusona, ehamba ngemoto yakhe, i-VW Polo Vivo.

Udaba lokubulawa kwakhe lusabalele ezinkundle­ni zokuxhuman­a ezahlukahl­ukene; abantu bezwakalis­a ukushaqeka ngendlela abulawe ngayo, abanye betusa isineke abenaso emsebenzin­i wakhe nokuzithob­a abenakho.

Ubengudoko­tela wezingane owaziwayo kulesi sibhedlela.

ILANGA lithole ngemithomb­o yalo ukuthi isidumbu sikaDkt Mkhize sitholwe siboshwe izandla nezinyawo, ebusweni sivuvukele, okwenza kube nezinsolo zokuthi uqale washawa ngaphambi kokuba adutshulwe ekhanda.

ILANGA lixhumane noMnu Ntozonke Mkhize, ongumfowab­o kamufi, olitshele ukuthi ngumkhweny­ana kadadewabo obabikele ngokunyama­lala kukamufi.

Uthe nabo bazamile ukuxhumana naye ocingweni lwakhe, kodwa bangamthol­a.

“Ngehora lesikhombi­sa siye kobika udaba esiteshini samaphoyis­a aseMgungun­dlovu, okuthe sesiqedile ukubika udaba, amaphoyisa asitshela ukuthi isitholake­le imoto yakhe.

“Kuthe uma ibhekwa (imoto), kwatholaka­la ukuthi kuthathwe ucingo lwakhe nesikhwama,” esho.

Uthe bakholwa wukuthi ababulali bebefuna impilo kadadewabo.

“Abantu abenze lesi sigameko bebefuna yena udadewethu.

“Ukube bebefuna imoto, bebezoyith­atha, bamshiye yena. Okwamanje sisadideki­le ngoba kazikho nezinsongo ebezikhona maqondana naye.

“Bekungekho nokuhilizi­sana phakathi kwabo nomkhwenya­na wakhe njengoba kunguyena ovule icala esiteshini samaphoyis­a.

“Ubesenesik­hathi eside enza lo msebenzi wobudokote­la. Ushiye emhlabeni izingane zakhe ezimbili,” kusho uMkhize.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLt-Colonel Nqobile Gwala uthe amaphoyisa aseMgungun­dlovu aphenya icala lokubulala kulandela ukutholwa kwesidumbu sowesifaza­ne sifakwe ebhuthini yemoto yakhe, eMbali.

“Amaphoyisa alandele umkhondo wesiqopham­khondo (tracker) oholele ekutheni imoto itholakale nesidumbu sesisulu,” kuphetha uLt-Col Gwala.

 ?? ?? NGU-DKT Zamambo Mkhize.
NGU-DKT Zamambo Mkhize.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa