'I-Pirates izoqhubeka nokuwola izicoco'
USegolela uthi yiBucs kuphela enabadlali abakwazi ukumelana nabeSundowns evutha bhe
UBONA isazoqhubeka nokuba yizingqongqo zemiqhudelwano yemikhumulajezi i-Orlando Pirates, ngaphansi komqeqeshi uJose Riveiro, umdlali owayeyingxenye yale kilabhu inqoba izindebe ezintathu iminyaka emibili ilandelana.
UTlou Segolela - owayewunyazi lwale kilabhu ngesikhathi sesiqubulo esithi, Happy People - uthi uyayethemba ukuthi izokwazi ukuvikela iNedbank Cup njengoba yenzile ngeMTN8 kuqala le sizini.
IPirates iqhathwe namaZulu FC kwi-quarter final yeNedbank ezokuba ngoMgqibelo womhla ka-13 kuMbasa (April) ngo-18h00 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
“Uma ngibuka indlela abadlala ngayo muva nje, ngibona bezokwazi ukuyivikela le nkomishi.
“Banabadlali abakhombisa ukuyilambela impumelelo, okuyikho okudingeka kakhulu. Okufanele bakwenze wukuqhubeka nokusebenza kanzima.
“Abadlali abakhona kwiPirates njengamanje bangakwazi ukumelana nabeMamelodi Sundowns okubukeka kunzima ukubhekana nayo kulezi zinsuku, ngenxa yohlobo lwabadllai enabo. “Ukubuyelwa yifomu kukaMonnapule Saleng nakho ngikubona kwenzeke ngesikhathi esihle. “Okuhle nje wukuthi bonke abadlali abanikwa ithuba balibamba ngazo zombili. “Ukukwazi ukunqoba imidlalo emuva kokunqoba owomkhaya nakho kukhombisa ukukhula okuyisimanga kubadlali kwazise kujwayelekile ukuthi emuva kwawo ningenzi kahle emidlalweni elandelayo,” esho.
Lo mdlali wayengaconsi phansi kubalandeli beziMnyama ngenxa yejubane nemijiko ayenayo. USegolela uphethe ngokuncoma amagalelo kaHugo Broos ongumqeqeshi weBafana Bafana njengoba ehole elakuleli lithola indondo yethusi kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) ebise-Ivory Coast ekuqaleni konyaka.
* Isiyonke imidlalo yama-quarter- final eNedbank Cup: NGOLWESIHLANU MHLA KA-12 KUMBASA ELucas Moripe Stadium: University of Pretoria vs Mamelodi Sundowns 19h00.
NGOMGQIBELO MHLA KA-13 EDanie Craven: Stellenbosch FC vs SuperSport United 15h00.
EMoses Mabhida Stadium: AmaZulu FC vs Orlando Pirates 18h00.
NGESONTO MHLA KA-14 EMbombela Stadium: TS Galaxy vs Chippa United 15h00. www.ilanganews.co.za