Ilanga

ALAXAZE I-ANC AMAKHANSEL­A (5)

- NONHLAKANI­PHO SHINGA ISITHOMBE NGU: NHLANHLA GUMEDE

ALAXAZE ubulungu bawo kuKhongolo­se amakhansel­a amahlanu kuMasipala uMzumbe, oholwa nguMnu Bongani Nyuswa, obonakala ubhekene nezinkinga. Lokhu akuveze esithangam­ini sabezindab­a ebesisehho­lo lomphakath­i eMthwalume ngoLwesibi­li.

Lawa makhansela ayingxenye yayisikhom­bisa amiswe yi-ANC, ngoba iwasola ngokuthi avota ngokubambi­sana ne-IFP. Aveze ukuthi asejoyine iqembu eliholwa ngowayengu­mengameli wezwe, uMnu Jacob Zuma, iMK Party.

Athi inuka phuhlu inkohlakal­o kulo masipala, okuyikho okuwenze agcine ephikisana nezinye zezinqumo ebezithath­wa kulo masipala.

Aphinde abheca imeya nezinye zezikhulu ngenkohlak­alo, athi ngisho kunamaphro­jekthi enziwayo emphakathi­ni, kawapheli ngoba kudliwa imali.

“Uma iphrojekth­i isiphasisi­we, kusuke sekuphelil­e ngoba kusuke kufunwa imali. Uma sibuza ukuthi kungani iphrojekth­i ingaqhubek­i, bekuthiwa siyaphuma emugqeni, okuyikhona okusidalel­e amazinyo abushelele­zi enhlanganw­eni,” kusho uMnu Sibonelo Maphumulo.

UMaphumulo ubengusoml­omo kulo masipala, waxoshwa yiqembu lakhe, i-ANC ngasekuqal­eni konyaka ngemuva kwezinsolo zokuthi ungubhongo­za kula makhansela asolwa ngokuvota ne-IFP.

Lawa makhansela okunguMnu Sbonakalis­o Hadebe obeyikhans­ela kuWard 2, nguMnu Bheki Ngema wakuWard 3, nguMnu Thulo Mkhungo wakuWard 1, nguMnu Thuthukani Ngeze wakuWard 19 noMnu Ayanda Duma wakuWard 9, akhale ngokugqoza kokuyiswa kwentuthuk­o kubantu.

UDuma uthe bakhethe ukuthatha lesi sinqumo ngoba bebona ukuthi vele ‘bayizichus­e’, njengoba bebengakwa­zi ukuveza uvo lwabo ngokukhulu­leka.

“Kungcono khona ukuthi kuyiwe okhethweni lokuchibiy­ela, umphakathi uzikhethel­e amakhansel­a owafunayo ngoba okwamanje kudlalwa ngawo,” esho.

La makhansela athi afisa ukuba kutshalwe uphiko lwamaphoyi­sa iSIU, ukuyopheny­a lo masipala ngenkohlak­alo.

Okhulumela uMasipala uMzumbe, uMnu Sabelo Ncwane, uzichithil­e izinsolo zenkohlaka­lo okubalwa nokungaphe­li kwamaphroj­ekthi.

“Udaba lwakuWard 01 oluthinta iphrojekth­i kagesi yakwaSundu­za, okuthiwa akwenzeki lutho, umasipala ungaqinise­kisa ukuthi leyo phrojekthi isiya ngasemaphe­thelweni, osekusele wukuthi kufakwe ama-transforme­r bese u-Eskom ukhanyisa.

“Umgwaqo uNgcengesi Access road (kuWard 3), ufana nosuphelil­e ngoba kusele ukuthi kwenziwe imidwebo nezimpawu. Ngenxa yokucabang­ela abantu baseMzumbe nalapho umasipala wamisa usonkontil­eka, yize umgwaqo wawusuphel­a, ngenxa yokungenel­iseki ngezingxen­ye ezithile zomsebenzi,” kusho yena.

 ?? ?? AJOYINE iMK Party amakhansel­a amahlanu, ngemuva kokwesula ekubeni ngamalungu e-ANC kuMasipala waseMzumbe.
AJOYINE iMK Party amakhansel­a amahlanu, ngemuva kokwesula ekubeni ngamalungu e-ANC kuMasipala waseMzumbe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa