Ilanga

Ugcwele ukuzethemb­a umqeqeshi weBafana

Uyibona izongena kwiNdebe yoMhlaba ezokuba ngo-2026

- MFANAFUTHI NDLOVU

UGCWELE ukuzethemb­a umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos obheke ukungena kumnyama kubomvu emqhudelwa­neni weNdebe yoMhlaba yeFifa ozokuba se-USA, eCanada, naseMexico ngo-2026 njengoba efanisa isikwati sakhe nomshini ogeleza amafutha ngendlela efanele kuzona zonke izingxenye.

Ukusho lokhu ngemuva kokuba ezakhe zishayane zaze zabukana ne-Algeria, kuba ngu-3-3, kowobungan­i obusezinge­ni eliphezulu ngoLwesibi­li ebusuku eNelson Mandela Stadium, e-Algiers, kuleliya lizwe.

Amagoli eBafana aqotshelwe enethini nguThemba Zwane (amabili) ngomzuzu ka-34 noka-45 nelika-Iqraam Rayners ngoka-66.

Awe-Algeria abhakuzisw­e enethini nguYassine Benzia ngomzuzu ka-22 nangoka-70, kwathi elinye labekwa enethini nguYacine Brahimi ngoka-53.

Bonke abadlali beMamelodi Sundowns baqede lo mdlalo bathatha indiza ebheke eTanzania kwazise le kilabhu inomdlalo onzima we-quarter-final yeCaf Champions League neYoung Africans FC, edume ngeleYanga, yakuleliya lizwe ngoMgqibel­o.

Abanye abadlali beqembu lesizwe kulindelek­e ukuba batheleke kuleli namuhla ngoLwesine.

“Womabili amazwe adlale kahle, abalandeli kabayikhal­elanga imali yabo. IBafana ibidlala nezwe elinzima, i-Algeria ikhombise ukuba yingozi.

“Nokho kangisenal­o uvalo ngamazwe esizothola­na phezulu nawo emidlalwen­i yokuhlunge­la iNdebe yoMhlaba.

“Uma abadlali beqhubeka kanjena, kangiboni kukhona izwe elingama endleleni yethu,” kusho uBroos.

URayners ukhombise ukulilambe­la ijezi kulo mdlalo, kanjalo noMihlali Mayambela noNyiko Mobbie odlala kwesokudla emuva.

UKhanyisa Mayo kucacile ukuthi kusafanele aqine ukhakhayi.

Emdlalweni olandelayo iBafana izobhekana neNigeria ekuhambeni ibuye ibhekane neZimbabwe kuleli ngoNhlangu­lana (June), kweyokuhlu­ngela iNdebe yoMhlaba.

...kangiboni kukhona izwe elingama endleleni yethu.

 ?? IZITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? NGU-HUGO Broos oqeqesha iBafana Bafana, nomsizi wakhe uHelman Mkhalele.
IZITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X NGU-HUGO Broos oqeqesha iBafana Bafana, nomsizi wakhe uHelman Mkhalele.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa