Kuqhilika izihlathi kumqeqeshi weDowns kubuya izilomo koweCaf
KUQHILIKA izihlathi kuRulani Mokwena ongumqeqeshi weMamelodi Sundowns ngokubuya kwezingwazi ebezilimele ngaphambi komdlalo neYoung Africans (Yanga) SC yaseTanzania we-quarter final yeCaf Champions League ozokuba kusasa ngoLwesihlanu ngo-20h00 eLoftus Versfeld Stadium, ePitoli.
Amathikithi alo mdlalo abiza uR20 kanti adayiswa eTicketPro. ISundowns izokuya kulo mdlalo ihambela phezulu emuva kokuvela kwezindaba zokubuya kukaThemba “Mshishi” Zwane obengekho emlenzeni wokuqala neYanga obusekuhambeni noBongani “Ben 10” Zungu owalimala kulo mdlalo ophele ngo-0-0 ngeledlule.
Bobabili laba badlali bebengekho iDowns ihlula iRichards Bay FC ngo-1-0 wegoli likaJunior Mendieta alibeke enethini ngesikhathi somusa kanondweba.
UMokwena ekhuluma nabezindaba, uthi uyakuqonda ukuthi iYanga iyikilabhu enzima njengoba ihlasela ngamandla ngaso sonke isikhathi. Uthe kakumele abadlali bayinike intuba yokuphefumula enkundleni.
“Ukubuya kwabadlali abafana noMshishi benoZungu kuzonyusa ukuncintisana ekilabhini. UZungu ubelimele umsipha kanti ubedonsa isigwebo samakhadi emdlalweni weBay. Kuningi okufanele sikulungise kulo mdlalo weYanga ngoba nginelikhulu ithemba lokuthi abadlali bami ngeke bangiphoxe, sizokwazi ukudlulela esigabeni esilandelayo. “Ngiyazi ukuthi izitha zigabe ngomqeqeshi olaziyo ibhola futhi owake waba yingxenye yekilabhu phambilini. “Kumqoka ukuthi amathuba siwasebenzise ngendlela kulo mdlalo. Kumele siwunqobe kumnyama kubomvu.”
UKhuliso Mudau oyisitobha seDowns uqokwe njengomdlali ovelele emdlalweni weBay ayincome ngokuthi inzima ukuyihlakaza.
“Kuzomele sisebenze kanzima ukuze siphumelele size siyodlala owamanqamu weCaf Champions League,” esho.
UMiguel Gamondi ocija iYanga, uvumile ukuthi ubhekene nomdlalo onzima kwiSundowns. Uthi bazokulwa uze uphele umdlalo wakusasa. Uthe ugculisekile ngendlela abadlali bakhe abaziphatha ngayo enkundleni.