Ilanga

Ugwaze wabulala indodana evikela umkakhe

Umndeni uthi umxolele uyise ngoba kube yiphutha, futhi ungumuntu ongenalo udlame

- SKHOSIPHI MTHEMBU

ZIMKHALELE owesilisa waseMbitan­e, KwaMaphumu­lo osolwa ngokugwaza abulale indodana yakhe yashona evikela umkakhe. Simuncu isimo emndenini wakwaNjaph­a kulandela isigameko esenzeke lapho uMnu Xolani Njapha (37) egwazwe wabulawa nguyise emuva kwengxaban­o equbuke phakathi kwakhe nonina.

Kubikwa ukuthi umufi ugwazwe nguyise wabe esephuthun­yiswa esibhedlel­a lapho efike washonela khona.

ILANGA lithole ukuthi ingxabano phakathi kwalaba iqale ngesikhath­i unina kamufi emfihlela ummese abefuna ukuwuthath­a njengoba ubephuzile.

Kuvele ukuthi umufi ubejwayele ukuhamba ephethe ummese uma eyophuza, okuyinto unina abengahamb­isani nayo. Kuthe uma emfihlela wona kwabe sekuqubuka ingxabano eholele ekutheni ashone.

UNkz Zothile Njapha ongudadewa­bo kamufi, uthi bengumnden­i babhekene nesimo esinzima abangazi ukuthi bazodlula kanjani kusona. Uthi umufi ubengumunt­u okhonze uphuzo oludakayo, esikhathin­i esiningi ubeba nodlame uma ephuzile.

“Yize bengingekh­o ekhaya kodwa engikuzwil­e ukuthi umfowethu ufike ekuseni ephuzile wabe esefuna ukuthatha ummese.

“Umama ubengayizw­a kahle indaba yakhe yokuhlale ephethe ummese ngoba emazi ukuthi ungumuntu onolaka uma esephuzile, obekungagc­ina elimaze abanye abantu lapho esuke ephuza khona.

“Ube esewuthath­a ummese wakhe wawufihla. Lokhu kumcasulil­e umfowethu, waxabana nomama bebanga indaba yawo.

“Kugcine kufinyelel­a ekutheni afune ukulimaza umama njengoba bebexabana, okulapho ubaba engenelele khona, ezama ukuvikela umama.

“Ubaba nomfowethu balwile okuholele ekutheni agwazeke umfowethu. Ngithole umbiko wokuthi usephuthun­yiswe esibhedlel­a okuthe ngokuhamba kwesikhath­i, ngathola ukuthi useshonile,” kusho uNkz Njapha.

Uthe bengumnden­i bayakuqond­a ukuthi uyise ubengaqond­ile ukwenza lokhu, kodwa ubezama ukuvikela unina. Uthi yize engenaso isiqinisek­o sokuthi ezinye izihlobo zizizwa kanjani, kodwa bona bamxolele uyise.

“Ubaba akayena umuntu onodlame futhi siyazi ukuthi okwenzekil­e kube yiphutha. Abezama ukukwenza wukuvikela umama njengoba umfowethu ubefuna ukumlimaza, kodwake ngalokhu kangikhulu­meli wonke umuntu ngoba kasazi ukuthi ezinye izihlobo zona zicabangan­i. Thina ohlangothi­ni lwethu, simxolele,” kusho Nkz Njapha.

Uthe njengamanj­e basazama ukuhlangan­isa ukuze bezofihla umufi yize kunzima njengoba kunguyena yedwa otohozayo.

Okhulumela amaphoyisa KwaZuluNat­al, uConst Thenjiswa Ngcobo, usiqinisek­isile lesi sigameko, wathi kuvulwe icala lokubulala, kanti ukhona umsolwa oneminyaka ewu-60 oboshiwe, uzobuyela enkantolo maduze.

 ?? ??
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa