KUKHONYE ABASUBATHI BASEKENYA KWI-ABSA 10K EGQEBERHA
UBONGELANI Mkhwanazi weBlack Diamond uphakamise ifulegi laKwaZulu-Natal engena nabokuqala abalishumi kwi-Absa Run Your City 10k izolo ngeSonto ekuseni eGqeberha, e-Eastern Cape.
Lo msubathi ungene unombolo 6 ngesikhathi esiwu-28:44 kulo mjaho onqotshwe nguVincent Langat waseKenya oqophe u-28:01 kanti ingqwele yabesifazane kube nguDiana Chepkorir naye waseKenya obeke isikhathi esiwu-31:39.
UMkhwanazi kuthiwa uzokube eyingxenye yomjaho waseCape Town ozokuba ngenyanga ezayo.
Kulo mjaho u-Elroy Gelant osemkhankasweni wokwenza isikhathi sokuya kuma-Olympic Games, umangaze abaningi engena unombolo 2 elandelwa yimfivilithi uPrecious Mashele. UGelant osubathela iBoxer AC - usanda kwehluleka kancane ukwenza u-2:08:10 egcina eqopha isikhathi esiwu-2:08:56 kwiValencia Marathon.
Lo mjaho ungomunye yemijaho engaphansi kweWorld Athletics lapho abasubathi abayingxenye yayo bethola amaphuzu. Njengoba uGelant ehlulekile ukwenza isikhathi sokuya kuma-Olympics, kuthiwa uzokube eyingxenye yeDurban International Marathon ezokuba ngomhla ka-28 wale nyanga eThekwini.
Lo mjaho kubhekwe ukuba ube sezingeni eliphezulu njengoba abasubathi abaningi bezokuba yingxenye yawo ukuzozama ukwenza izikhathi ezizobafaka kuma-Olympic Games.
* USimphiwe Zulu noCian Oldknow babe yizingqwele zeGaleria Half Marathon ebihlanganise neKwaZulu-Natal Athletics (KZNA) Half Marathon Championships izolo ngeSonto eManzimtoti.
* Imiphumela ye-Absa Run Your City yaseGqeberha ihambe kanje, kwabesilisa:
Kibet Langat 28:01; 2.Elroy Gelant 28:17; 3.Precious Mashele 28:19; 4.Thabang Mosiako 28:30; 5.Mathews Leeto 28:38; 6.Bongelani Mkhwanazi 28:44; 7.Maxon Kipngetich 28:45; 8.Chris Mhlangu 28:53; 9.Abere Mamo Haile 28:54; 10.Neil Van Der Merwe 28:55.
Kwabesifazane: 1.Diana Chepkorir 31:15; 2.Nancy Sang 31:39; 3.Selam Fente Gebre 31:42; 4.Meselu Berhe Kahsay 31:51; 5.Blandina Makatisi 32:05; 6.Glenrose Xaba 33:04; 7.Fridah Ndinda Mweu 33:18; 8. Cacisile Sosibo 33:32; 9.Diniya Kedir Abaraya 33:57; 10.Lebogang Phalula 35:22.
* Imiphumela ye-Arthur Creswell Ultra Marathon ihambe kanje, kwabesilisa: 1.Ayanda Mncube 3:19:33, 2.Linda Zondi 3:20:11, 3. Sphamandla Nyembe 3:20:17, 4.Delani Mkhize 3:24:55, 5.Mzwakhe Khanyile 3:40:06.
Kwabesifazane:
Eka-21km kwabesilisa: 1.Mandisa Kubheka 1:12:44, 2.Simphiwe Mdakane 1:13:04, 3. Mzamo Simelane 1:13:28. Kwabesifazane: 1.Sindi Khumalo 1:42:36, 2.Nokukhanya Mbhuli 1:50:11, 3.Michelle Crawley 1:54:01.
Eka-10km kwabesilisa: 1.Andile Mbatha 32:00, 2.Sanele Dladla 32:09, 3.Andile Mntambo 32:48. Kwabesifazane: 1.Thobeka Phungula 49:02, 2.Teresa Scott 56:00, 3. Ronell Horn 1:00:06.