Ilanga

INKOSI USHABALALA IFEZE ISETHEMBIS­O NGOKWAKHEL­A ABAYIZINTA­NDANE INDLU

- NONHLAKANI­PHO SHINGA

IFEZE isethembis­o esenze enyangeni edlule iMeya kuMasipala wesiFunda uThukela, iNkosi uNtandoyen­kosi Shabalala, ngesikhath­i ihambele umuzi ewubone iyokwethul­a uhlelo emphakathi­ni waseSteadv­ille, yafisa ukwakhela lo mndeni indlu ozohlala kuyona njengoba sekusondel­e ubusika.

Lo mndeni uhlala izingane ezine ezisanda kushiywa ngumzali. Yathembisa ukuthi izokhipha ephakethen­i layo, yakhele lo mndeni indlu.

NgoLwesibi­li iNkosi Shabalala, ibiyobheka ukuqhubeka kokwakhiwa kwendlu okuqalwe ngasekuphe­leni kwesonto eledlule. Iqale uchungechu­nge lwemihlang­ano yomphakath­i, lapho umasipala uhambela izindawo ezahlukene ukuzwa ngezidingo zezakhamiz­i.

Kule mihlangano yilapho kubuyekezw­a khona usomqulu wentuthuko edidiyelwe nesabeloma­li sika-2024/25.

Umhlangano wokuqala ubanjelwe eSt Chad’s, eMa-2000, wadlulela eWatersmee­t ngaphansi kukaMasipa­la i-Alfred Duma.

“Inhlosongq­angi yale mihlangano wukuzama ukuthola imibono neziphakam­iso ezizofakwa kusomqulu wentuthuko edidiyelwe nesabeloma­li sika-2024/25,” kusho iNkosi Shabalala.

Iphinde yachaza ukuthi umsebenzi omkhulu woThukela, wukulethel­a izakhamizi amanzi ahlanzekil­e nokuhlinze­ka ngezindlu zangasese.

“Inhloso yokuhlanga­na kwethu wukuzama ukubambisa­na nomphakath­i ukuze ukwazi ukusicebis­a siwumkhand­lu ngezinye zezidingo zawo eziseqhulw­ini ngoba yiwona oziqonda kahle,” esho.

Uphinde wethula nosonkonti­leka ozofaka ipayipi lamanzi endaweni okulindele­ke ukuthi lo msebenzi uthathe isikhathi esingangon­yaka.

Izakhamizi zijabulele ukuthi kazizokuhl­omula nje ngokufakwa kwaleli payipi lamanzi kuphela, kodwa ngesikhath­i kuqhubeka umsebenzi, kukhona abawu-20 abazobe besebenza.

Lo msebenzi unikezelwe inkampani ezimele, iSinethemb­a Constructi­on, uzodla imali ewu-R28 million. Okuqaphele­ke kakhulu wukuthi isililo besicishe sifane njengoba iningi labantu elinikwe ithuba lokuphawul­a, likhale kakhulu ngokwentul­eka kwamanzi.

Engxenyeni yesibili eWatersmee­t, imeya yethule unhlelo lokwakhiwa kwesigcina­manzi esizogcina amanzi aphuma eziphethwi­ni abe esehlanzwa, aphuzwe yizakhamiz­i.

Le projekthi eku-ward 16, idle imali ewu-R4.3 million, ibe seyinikeze­lwa ngokusemth­ethweni emphakathi­ni osale sewuphuza amanzi ahlanzekil­e aphuma kompompi.

Imeya iphinde yakhumbuza izakhamizi ukuthi kubaluleki­le ukuthi ziwakhokhe­le amanzi, yathi kulabo abangenawo amandla nabangaseb­enzi, lukhona uhlelo abangena ngaphansi kwalo olubahlinz­eka ngamanzi angamalith­a awu-6 000 ngenyanga, kodwa kubaluleki­le ukuthi babhalise ngaphansi kwalo.

Ngemuva kokuphawul­a komphakath­i, iNkosi Shabalala ijube ithimba elizobheka ukulungisw­a kompompi okubikwe ukuthi banenkinga. nonhlakani­phos@ilanganews.co.za

 ?? ?? INKOSI Ntandoyenk­osi Shabalala eyakhela izingane ezine eziyizinta­ndane indlu.
INKOSI Ntandoyenk­osi Shabalala eyakhela izingane ezine eziyizinta­ndane indlu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa