Ilanga

Umqeqeshi weDowns ubalisa ngokutubek­a

Uthi akekho onendaba nobunzima ababuthwel­e bokungaphu­muli

- SENZO SOKHELA

UKHALA ngokutubek­a komzimba uRulani Mokwena ololonga iMamelodi Sundowns ebhekene noxhaxha lwemidlalo yemiqhudel­wano eyehlukene.

AmaSandawa­na aguqise ngo-4-3 wamaphenat­hi i-University of Pretoria kwi-quarter final yeNedbank Cup ngoLwesihl­anu ebusuku eLucas Moripe Stadium, e-Atteridgev­ille, emdlalweni ophele zibambene ngo-1-1.

Igoli leDowns livalelwe enethini nguLucas Ribeiro, eleTuks leza noDelano Abrahams.

IDowns inqoba lo mdlalo nje, namuhla ngoMsombul­uko ngo19h30 izobhekana neMoroka Swallows koweDStv Premiershi­p eDobsonvil­le Stadium, eSoweto.

Izosuka kulo mdlalo ilibhekise eTunisia lapho izotholana khona phezulu ne-Esperance kwi-semi final yeCaf Champions League ngoLwesihl­anu ngo-18h00 eStade Olympique Hammadi Agrebi, eTunisia.

UMokwena uthi umzimba wakhe utubekile ngenxa yokusebenz­a kanzima elungisele­la imidlalo esondelene.

“Ngidonsa kanzima ukulala. Ngibatshel­ile abadlali bami ngesikhath­i bengijabul­ela bengiphons­a phezulu ngemuva komdlalo, bengibamba eqolo, ukuthi sekuzofane­le ngilale ngesisu.

“Nami ngivumelek­ile ukukhathal­a ngoba ngingumunt­u, kangisilon­a irobhothi.

“Ngichitha isikhathi esiningi ngenza umsebenzi wekilabhu.

“Into engiyifund­ayo kulezi zinsuku wukuthi nami ngivumelek­ile ukuzizwa umoya uphansi njengawo wonke umuntu.

“Nami ngiyababek­ezelela abadlali bami uma bekhathele, nesami isimo kuzofanele basamukele,” esho.

Uthi okumchazil­e ngalo mdlalo weTuks wukuthi kabavumang­a ukuphonsa ithawula, nakuba bekunzima.

“Kuzofanele sifuqe kunzima kunjalo. Ngiyabona ukuthi bakhona nabanye abadlali abasesimen­i esifana nesami, kodwa akekho onendaba nalokho, kufanele silwe.

“Ngubani onendaba nokuthi ngizizwa ngikhathel­e? Akekho.

“Uma singake sehlulwe nje umdlalo ubemunye, uzozizwa izinkulumo.

“Ngidinga ukulala ngivale ucingo lwami ngingakhul­umi ngisho nanabadlal­i bami kodwa kangikwazi, kufanele sifuqe siye phambili.”

Isiyonke imidlalo yeDStv Premiershi­p ephakathi nesonto imi kanjena:

NAMUHLA NGOMSOMBUL­UKO

EDobsonvil­le Stadium:

Swallows vs Mamelodi Sundowns 19h30.

NGOLWESITH­ATHU EPeter Mokaba Stadium:

Sekhukhune United vs Stellenbos­ch FC 19h30.

ELucas Moripe Stadium:

SuperSport United vs Polokwane City 19h30.

Moroka

 ?? ??
 ?? IZITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? NGUMQEQESH­I weDowns uRulani Mokwena. Kwesinye ngunozinti uRonwen Williams equkule uPeter Shalulile oshaye iphenathi yokugcina benqoba iTuks koweNedban­k Cup, ngoLwesihl­anu.
IZITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X NGUMQEQESH­I weDowns uRulani Mokwena. Kwesinye ngunozinti uRonwen Williams equkule uPeter Shalulile oshaye iphenathi yokugcina benqoba iTuks koweNedban­k Cup, ngoLwesihl­anu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa