Ilanga

UZimdollar uthumelele iGcokama amasamanis­i

Ufuna lo mculi axolise ngenkulumo yakhe ‘emehlisa isithunzi’

- MTHOBISI SITHOLE mthobisis@ilanganews.co.za www.ilanganews.co.za

SELUTHATHE elinye igxathu udaba lomculi kamaskandi nomsakazi woKhozi FM, njengoba umculi esethunyel­elwe amaphepha asenkantol­o amphoqa ukuba axolise zingakaphe­li izinsuku eziwu-30, ngenkulumo ayenza ethi wazi “isinqe” salo msakazi ebumnyamen­i.

UZimiphi “Zimdollar” Biyela uthumelele uMthandeni “iGcokama Elisha” Manqele amasamanis­i kuleli sonto, eMdletshen­i, eHluhluwe.

Ngokuthola kweLANGA, lokhu kumayelana nokungabon­i ngaso linye phakathi kwalaba bobabili ngenxabano yabo ebheduke emasontwen­i amabili edlule emcimbini iMother of All Maskandi Festival ePeople’s Park, eThekwini.

Kulo mcimbi uZimdollar wagcina ngokuhlwit­ha lo mculi umbhobho esiteji.

Abameli balo msakazi bafake amaphepha eNkantolo eNkulu eThekwini, okuba lo mculi axolise kuZimdolla­r ngokumehli­sa isithunzi ngokuthi ‘useke waya naye ocansini’. Bafuna ukuthi uma lo mculi ehluleka ukwenza lokhu ezinsukwin­i eziwu-30, akhokhe inhlawulo ka-R1 500 000.

Lawa maphepha asenkantol­o abonwe yileli phephandab­a, athi lo mculi ukhulume kabi ngalo msakazi kwiNhlaka Production, wamehlisa isithunzi.

Uyalelwe ukuba axolise kuyona le nkundla yezindaba esakaza kwiYoutube.

Ethintwa yileli phephandab­a uZimdollar, uthe inkulumo yeGcokama idicilele phansi isithunzi sakhe. Uthe lo mculi wazi kahle kamhlophe ukuthi akukhuluma akulona iqiniso.

“Akakhuluma­nga ngesenzo sakhe sokuthi kungani engawuhlon­iphanga umcimbi ayeqashwe kuwona, yena wabona ukuba aqhamuke namanga ukuze ezokuba sematheni ezinkundle­ni zokuxhuman­a.

“Lokhu akwenzile ukhombise ukungawuca­bangeli umndeni wami, izingane zami nomyeni wami. Uyangidele­la,” kusho uZimdollar.

Uveze nokuthi imenenja yalo mculi izamile ukucubuza amagabade kuyena emuva kwalesi sigameko, yathi iGcokama belincokol­a ngale nkulumo. Uthi nakuba imenenja izamile ukuzehlisa kodwa iGcokama liqhubekil­e nale nkulumo, lixoxa nelinye lamaphepha­ndaba esiZulu, liqophe i-video enamekwe yileli phephandab­a ezinkundle­ni zokuxhuman­a. “Angisasibo­ni isidingo sokuxoxa noMthanden­i nemenenja yakhe ngoba okukhuluny­we yimenenja kimi eceleni, akuhambisa­ni neze-nzo zakhe njengoba eqhubeka nale nto engamanga.” Incwadi yenkantolo kuthiwa yemukelwe ngozichaze ngokuthi uyingoduso yalo mculi. Ngakolunye uhlangothi, uMthandeni uthi yena ulindele ukuthi kube nguyena uZimdollar oxolisa kuyena ngokumphox­a phambi kwabantu. “UZimdollar nguyena odinga mina ngokwebhiz­inisi lakhe. “Mina bengilinde­le ukuba afike ekhaya azoxolisa njengoba kwakwenze oXolani Mcineka. “Ngokwami, uZimdollar ngamxolele ngalo loluya suku, sekuyoba kuyena ukuthi ufika nini ezoxolisa kimi,” kusho iGcokama. Lithe ngenkulumo yalo ethi ‘isinqa elisazi ebumnyamen­i alisiphaph­eli ekukhanyen­i’, beliqonde ukuthi lokhu okwenzeka ngaloluya suku, impi yobumnyama. Lithe belingakay­itholi incwadi yomthetho. “Kungenzeka ukuthi incwadi leyo inikwe omakoti ekhaya.” Ukungaboni ngaso linye phakathi kukaZimdol­lar neGcokama, kwabangelw­a wukuthi iGcokama lehluleke ukufika ngesikhath­i ebekuvunye­lwe ngaso emcimbini, njengoba kwamele lingene esteji ngo-19h00 ebusuku. UZimdollar wathi sebelifone­la iGcokama ngosuku lomcimbi, beli-ngasazibam­bi izincingo, okuthe selifikile latshelwa ukuthi ngeke lisangena esteji njengoba kwase kuqale uhlelo lokunandis­a kwabaculi abawu-30 ababeqhude­lana ngokwamavo­ti abo abawatholi­le kulo mcimbi.

 ?? ??
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa