USOMABHIZINISI USUNGULE UMQHUDELWANO WEBHOLA UKULWA NOBUGEBENGU
USOMABHIZINISI waKwaZuluNatal obuye abe yiciko usungule umqhudelwano webhola ngenhloso yokulwa nobugebengu obudla lubi ezindaweni zaseMariannhill, ePinetown.
UNhlanhla Shelembe owaziwa ngoBaba Wethu endimeni yomculo - osanda kukhipha ifilimu ebizwa ngeTaxi Bosses ngaphansi kweShelembe Aphiwe Production - usungule umqhudelwano kanobhutshuzwayo obizwa ngeKhuzimpi Soccer Tournament.
Lo mqhudelwano ugijinywe muva nje ntambama ezinkundleni zase-Anderson Park, ePinetown.
Kunqobe iqembu losomatekisi eliholwa nguSihlalo uMathuli Mkhize iSantaco Durban South Region ehlule ngo-2-1 iPinetown South African Police Services.
Lo mdlalo wamanqamu ubhulelwe amazolo yiqembu lamaciko akulesi sifundazwe nawaseSwazini.
Kunqobe iSwazini ngo-4-3 wamaphenathi emva komdlalo ophele zibambene ngo-2-2.
UShelembe ekhuluma neLANGA emuva kwale midlalo uthe: “Inhloso enkulu ngokusungula lo mqhudelwano wukudlulisa umyalezo sikhuze ubugebengu obudla lubi emiphakathini esakhelene nayo.
“Siwusungule ngokubambisana nozakwethu abangamaciko, osomatekisi, amapho-yisa nomphakathi ngoba siyabona ukuthi ubugebengu bukhula ngesivinini ezindaweni zethu.
“Sihlele ukuthi ube minyaka yonke futhi ukhule ngoba sifuna ukulanda namanye amazwe angomakhelwane sizoyilwa le mpi. Kahle kahle sizama ukwakha ubudlelwano phakathi kwamaphoyisa nomphakathi ngoba amaphoyisa nawo awumphakathi ngokwawo.
“Uma amaphoyisa enobudlelwano obuhle nomphakathi kunokwethembana, kuba lula ukuthi umphakathi uwanike ulwazi ngobugebengu obuqhubeka emphakathini. Owayengumengameli wakuleli uNelson Mandela washo ukuthi ezemidlalo ziyabahlanganisa abantu.
“Uma singakutshala entsheni yethu ukuthi ingaphila ngezemidlalo mhlawumbe nobesecabanga ukwenza ubugebengu uzoyeka ngokubuka ukuhlangana kwabantu ngenxa yezemidlalo.
“Ubugebengu bulimaza yonke into, amabhizinisi ayalimala ngenxa yobugebengu yingakho kufanele siyilwe ngokubambisana le mpi. Ngithi nakwezinye izindawo abasukume bayilwe le mpi yobugebengu.
“Noma singeke sibuqede nya ubugebengu kodwa izinto ezinjena ziyabasiza abanye abantu bugcine buncipha. Ngeke siye ndawo siyiNingizimu
Afrika uma ubugebengu bukhula ngale ndlela bese nathi sisonga izandla,’’ kusho uShelembe.
Ubonge ithimba lamaciko abebambisene nalo ukuhlela lo mqhudelwano. Ubonge umnyango wezemidlalo esifundazweni oholwa nguDkt Ntuthuko Mahlaba nehhovisi leMeya yeTheku uMxolisi Kaunda elifake isandla kule midlalo.
Le midlalo ibihanjelwe nguKwanda Mngonyama odlala kwiMoroka Swallows, uSthembiso Ngcobo oke wadlala kwiKaizer Chiefs, uSbu Ntshangase wodumo lwengoma ethi, amaLaywer, nguThokozani “Tzozo” Zulu ongumculi, kube nguThembinkosi Thwala odlala indawo kaMondli kuZalo, uMenzi Biyela obedlala indawo kaMfundisi uGwala kuZalo kube nguBhekisizwe Mahlawe obedlala indawo kaCalvin kwiDurban Gen ukukha nje phezulu.