Ilanga

Kukhalwa ngeSARB ngeyenzalo yemalimbol­eko

Umhlaziyi uthi selingcono izinga lokwehla kwamandla emali

- BHEKI NDLOVANA

AMFILIBA amathemba okuthi ibhange ngodla lombuso iSouth African Reserve Bank (SARB) lingahle liyehlise inzalo yemalimbol­eko kulo nyaka.

Indaba yenzalo yemalimbol­eko isematheni njengoba abathengi bekhala ngokukliny­eka ngenxa yokuthi iphezulu kakhulu, kanti abantu abaningi sebeyehlul­eka ukubhekana nezikwelet­u zabo.

Kusukela ngoNhlaba (May) 2023, iSARB inqume ukungayigu­quli inzalo yemalimbol­eko ku-11,75%.

Abathengi abaningi bebenethem­ba lokuthi kusukela ezinyangen­i ezimbalwa ezizayo kungenzeka iSARB iqale ukuyehlisa inzalo yemalimbol­eko.

Nokho umbiko weSARB, iMonetary Policy Review (MRP), oshicilelw­e ngoLwesibi­li kuleli sonto, ukhomba ukuthi mancane amathuba okwehliswa kwenzalo yemalimbol­eko kulo nyaka.

Kulo mbiko iSARB ithi nakuba isimo sokwehla kwamandla emali (inflation) siye sathi ukudamba, kodwa asikazinzi ngenxa yezingqina­mba ezikhuphul­e intengo yokudla nophethilo­li kulezi zinyanga, okwenze izinga lokwehla kwamandla emali labhebheth­eka lacishe lafinyelel­a ku-6% okuyinani iSARB elibekile ukuba lingeqi kulo.

Ezinyangen­i ezedlule iSARB igxekwe kakhulu ngesinqumo sokungayeh­lisi inzalo yemalimbol­eko, kukhalwa ngokuthi kayibacaba­ngeli abathengi.

Baningi nabanye abahlaziyi bezomnotho abayigxeka­yo iSARB.

Kamuvanjr, omunye wabahlaziy­i ogxeke iSARB nguDkt Roelof Botha.

Ekhuluma esiteshini sezindaba iNewzroom Afrika, uthe izinga lokwehla kwamandla emali selingcono kunakuqala.

UDkt Botha ubuze ukuthi pho iSARB ilindeni njengoba ingayehlis­i inzalo yemalimbol­eko.

Isinqumo esilandela­yo seSARB kulindelwe ukuba simenyezel­we ngomhla ka-30 kuNhlaba.

 ?? ?? NGUMNU Lesetja Kganyago oyinhloko yeSouth African Reserve Bank.
NGUMNU Lesetja Kganyago oyinhloko yeSouth African Reserve Bank.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa