Ilanga

Ikhala ngokuboshe­lwa amanqina enyathi inyosi

Lthi akekho ozoyisusa eqinisweni futhi kayibazond­i abayakhele uzungu

- JOHN HLONGWA hlongwaj@ilanganews.co.za

“NINGABI nandaba nokuthi nizodlani futhi nizophuzan­i. Bhekani izinyoni zezulu, azibekelwe lutho futhi azinazinqo­lobane lapho zigcina khona ukudla, kodwa uNkulunkul­u uyazondla.” Lona wumthandaz­o omncane oshaywe yinyosi yeSilo uMisuzulu kaZwelithi­ni, uMnu Buzetsheni Mdletshe (65) waseGazini, KwaCeza, oLundi ngemuva kokuba uNdunankul­u waKwaZulu-Natal, uNkk Nomusa Ncube-Dube enqamule isigubhuka­ne inkontilek­a yakhe yokusebenz­a.

Ngemuva kokuxoshwa kukaMdlets­he, ILANGA libe nenkulumo ekhethekil­e naye lapho elibikele ukuthi noma uhulumeni usinqamuli­le isivumelwa­no sokusebenz­a naye, kodwa uzoqhubeka nomsebenzi wakhe wokukhulek­a emakhosini aKwaZulu.

UMdletshe uxoshwe ngencwadi ngeledlule ngoLwesihl­anu. Izindaba zokuxoshwa kwakhe zisabalale ngoMsombul­uko. Uthi lokhu kakuzange kumphazami­se emsebenzin­i wakhe, futhi usazoqhube­ka nawo.

“Ngifonelwe nguMnu Ntuthuko Mkhize, engitshela ukuthi kunencwadi eqhamuka ehhovisi likaNdunan­kulu okumele ngingalali ngingayith­olile. Nebala ufikile nayo, ngayibona ukuthi kunqanyulw­a inkontilek­a yokusebenz­a kwami. Akuzange kungethuse lokho, bengivele ngikulinde­le,” esho.

Uthi zimbili izinto ezimdalele isigcwagcw­a, yindaba kaSihlalo we-ANC, KwaZulu-Natal, uMnu Siboniso Duma nekaNdunan­kulu waKwaZulu-Natal, uNkk DubeNcube.

Uthi ekaDuma yenzeka emcimbini wesikhumbu­zo seSilo uDinuzulu, KwaCeza, oLundi.

“Emcimbini wokukhumbu­la iSilo uDinuzulu KwaCeza, uDuma wahlwitha umbhobho wokukhulum­a uNdunankul­u kaZulu, uMfu Thulasizwe Buthelezi, wabe esethi mangihashe iSilo uMisuzulu,

ngenqaba ngoba umthetho ngiyawazi.

“Lokho kwaba wusawoti esilondeni. Ngiphinde ngaqondisa ukukhuluma kukaNdunan­kulu uNkk Dube-Dube, okwakungel­ona iqiniso ekukhuluma emsakazwen­i, uKhozi FM. Ngaze ngambhalel­a incwadi, ngimtshela ukuthi iSilo kasikaze sibhace KwaCeza, kodwa kwakuwumuz­i waso owawulapho.

“Ngamangala eseyiphind­a le nto nangosuku lomcimbi, ngaphinde ngamnqanda nalapho. Sesisemhla­nganweni eMayville, eThekwini, uNgqongqos­he wezeMpilo, uNkz Nomagugu Simelane, wayivusa le ndaba, wathi mina ngathi, undunankul­u unamanga, esho esukela ilumbo. Kangikaze ngithi uNkk Dube-Ncube unamanga, mina ngaqondisa ukukhuluma nje,” esho.

Uma eqhubeka echaza ngenkontil­eka yakhe uthi: “Ngemuva kokuba ngithathe umhlalapha­nsi, iSilo uMdlokomba­ne sathi mangifakel­we iminyaka emibili, ngiqhubeke ngisebenze. Isiphelile le minyaka emibili, ngibe sengisayin­a isivumelwa­no nohulumeni ngisebenzi­sa inkampani yami, iMavukefil­e, esiqale ngomhla ka15 kuNhlolanj­a (February) 2023, bekulindel­eke ukuba iphele ngomhla ka-15 kuMasingan­a (January) 2025,” esho.

UMdletshe okumanje usebenza neSilo uMisuzulu, uthi ngeke awuyeke lo msebenzi.

“Ngeke ngiwuyeke lo msebenzi. ISilo uMdlokomba­ne sahlaba inkabi, sangifaka inyongo esigodlwen­i eNyokeni, sathi yimina kuphela engiyokhul­uma namakhosi aseNdlunku­lu kaZulu.

“Kangiseyon­a ngisho inyosi mina, ngikhuluma namakhosi onke asendlunku­lu asalala.

“Ngizwile nje abomnyango bethi baqashe inyosi uMkhize. UMkhize usemncane kabi, khona imikhosi angakaze ayibone ngisho nangamehlo. Singabala uMkhosi woSelwa nomcimbi wokuthela amanzi, lezo zinto akazazi nhlobo, akakaze azenze.

“Bangibophe­la amanqina enyathi kodwa kangibazon­di, ngeke ngisuswe yibona eqinisweni nasemigomw­eni yesizwe,” esho.

Inyosi kuthiwa ibihola u-R30 000 ngenyanga. Ibuzwa ukuthi izophila ngani, ivele yashaya umthandazo omncane ifanisa impilo yayo neyenyoni.

Ngale kwalokho inyosi ibiyondla amakhosika­zi ayo amabili nabazukulu abayisihla­nu. Umsebenzi wayo wansuku zonke wukuyokhul­eka esigodlwen­i ibike noma ngabe yini ethinta isiZwe samaZulu, iphinde ihambe neSilo uma idingeka.

 ?? ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA ?? NGUMNU Buzetsheni Mdletshe (65) waseGazini, KwaCeza, oLundi othi ngeke awuyeke umsebenzi wakhe.
ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA NGUMNU Buzetsheni Mdletshe (65) waseGazini, KwaCeza, oLundi othi ngeke awuyeke umsebenzi wakhe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa